ZULU.439.legal
BONA ZULU - December 2005
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Uthini Umthetho
Okufanele ukwazi ngokuthenga into 'njengoba injalo' (voetstoots)
Ngathenga imoto egaraji. Emva kokuyikhokhela futhi senginikiwe yona, yaphuka ngesonto lesibili. Ngashayela abegaraji ucingo ngatshela u-salesman ukuthi imoto iphukile ayihambi. Ngambuza ukuthi yini azoyenza ukuyilungisa. Wavele wangihleka wangitshela ukuthi ngayithenga 'njengoba injalo' wathi akuwona umsebenzi wakhe ukuba angikhandele.
Ngahamba ngaya kuyena ngiyomcela ukuba athathe imoto ngamtshela ukuthi ngifuna ukuba ngesule isivumelwano sokuthengiselana. Wenqaba ukuyithatha nokwesula isivumelwano sokuthengiselana nokuba angibuyisele imali yami.
Yini okufanele ngiyenze"
JJ, Humansdorp
Ezigigabeni ezifuze lezi lapho izimpahla zithengiswa ngumuntu oyedwa ethengisela omunye, umdayisi uyaphoqeka ukunika isiqiniseko (warranty) sokuthi izimpahla ezidayisiwe azinakho okunye ukulimala okufihlekile.
I-warranty elinye igama elichaza i-guarantee. Lesi siqiniseko asidingi nokubalulwa noma kubhungwe ngaso ngoba siyatholakala kumuntu odayiselwayo ngokwemibandela yomthetho waseSouth Africa.
Kodwa, uma imibandela nemithetho yekontileka oyiphothule nomuntu okuthengiselayo ichaza ukuthi imoto yathengiswa njenge-"voetstoots," lesi siqiniseko noma i-guarantee kungenzeka singabikho.
Ukuthi "Voetstoots" kuchaza ukuthi umthengi uyithenga leyo moto njengoba injalo.
Kulezi zimo umthengi unelungelo lokwesula isivumelwano sokuthengiselana afune nokunxeshezelwa kumthengi uma imoto ingayifanele inhloso eyayithengelwe yona, noma uma ngesikhathi ithengwa, umdayisi wayenolwazi ngezinto ezingalungile ezazikhona emotweni kodwa wazifihlela umthengi.
Njengamanje kudingeka ukuba ucele abegaraji bakunike iriphothi ebhalwe phansi nokuyilapho kubhalwe khona konke okonakele nemali yokukukhanda.
Umuntu obhala leyo riphothi nguye ozoba wufakazi ecaleni kanti kufanele anike ubufakazi bakho.
Njengoba imoto yayingekho esimweni sokuhamba emgwaqweni, futhi ingenayo ilayisensi, kuzokusiza ukukhipha ubufakazi bokuthi umdayisi wayazi ngezinto ezazingalungile kodwa wakufihlela zona.
Uma ukwazi ukukhombisa ukuthi lokhu yinto eyenzeka kuwena, kufanele ukwazi ukwesula isivumelwano sokuthengiselana, ukwazi ukuthola imali yakho.
Uma ucabanga ukuyikhanda, bese uyigcina kuwe, uzokwazi ukufuna amademeshe azobandakanya izindleko zokuyikhanda.
Leli akusilo icala umuntu angazibambela lona ngokwakhe, kudingeka ukuba uthole ummeli.[z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho, 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
