zulu.437.road
Shayela ngokuphepha
U-GIFT Leremi noFernando Matola. U-Clifford Moleko noConrad Hendricks. U-Lesley Manyathela nomculi uLebo Mathosa... Laba babalwa ezihlabanini ezedlula emhlabeni emva kokubandakanyeka ezingozini zomgwaqo kuleli kule minyaka edlule.
Ukushona kwabo kufakazela ukuthi akekho umuntu ophephile - kanti ngokwe-Arrive Alive, eSA kufa umuntu oyedwa njalo ngehora engozini yomgwaqo.
Baningi abantu abadlalela emgwaqweni. Umuntu oyedwa kwabayisikhombisa abaphilayo eSouth Africa namuhla sewake noma usazobandakanyeka engozini yomgwaqo.
Sikhulu isibalo sabantu asebesishiyile ngenxa yezingozi zomgwaqo ngokukaMoira Haarhof ongumcwaningi kwezokuthutha eSA. Leli lizwe lingelesithathu kwangaqikeleli ezokuphepha emgwaqweni emhlabeni.
Ngo-1997 ngesikhathi kwethulwa i-Arrive Alive, kwakufa abantu abangu-10 000 ngonyaka emgwaqweni. Manje, emva kokuxhaswa kwalo mkhankaso ngo-R350 million, leso sibalo sesikhuphuke safika ku-20 000 ngonyaka.
Ngabe konakelephi eSA njengoba kuzanywa kangaka ukuba kwehliswe izingozi zomgwaqo"
Lo khankaso wasebenza kahle eminyakeni embalwa wethuliwe ngoba izingozi zomgwaqo zehla ngo-30% eKZN. Kodwa ngo-2002 le nkinga yaqala phansi.
Kungani"
Kuningi okunomthelela kule nkinga...
#1 Ukwanda kwezimoto: Zingu-26% izimoto ezisemgwaqweni ezibhalisiwe nokuyisibalo esingaphezulu kwesalezo ezazikhona ekuqaleni kuka-1997 kwethulwa i-Arrive Alive.
Izimoto ezindala zisahamba emgwaqweni. Ucwaningo luka-2004 lwakhomba ukuthi cishe ingxenye yezimoto ineminyaka engaphezulu kwengu-10, u-16% uneminyaka engaphezulu kwengu-20 u-3% uneminyaka engaphezulu kwengu-30.
Kodwa kwakukubi kakhulu emabhasini (u-53% wawo wawuneminyaka engaphezulu kwengu-10, u-25% ungaphezulu kwengu- 20). U-60% wamatekisi wawuneminyaka engaphezulu kwengu-10 kodwa lokho kuzoshintsha ngenxa yoguquko olwenziwa embonini yamatekisi.
#2 Indida: Emva kwempumelelo ye-Arrive Alive, ucwaningo lukazwelonke olwenziwa ekuqaleni kuka-2002, lwakhomba ukuthi abantu babehlanganisa isiqubulo esithi "Don't blow your life away" nemikhankaso yokuqwashisa nge-AIDS kunama-breathalysers.
Isiqubulo esithi "Don't drink and die" (Ungaphuzi ufe) sasibuye sibadide abantu abangasazi isiNgisi.
Imikhankaso eminingi kazwelonke yayingadlulisi mlayezo.
#3 Imali: Imali yemikhankaso yezokuphepha yaheha abaningi ababenezinhloso zabo ngokusho komunye umthombo.
Imali okwakufanele ukuba isetshenziswe kwezinye izinto yamoshwa emikhankasweni yezokuphepha. Lapha sikhuluma ngemali yabakhokhi bentela eyayingena kwibhajethi yoMnyango wezokuThutha nentela ka-petrol eyayikhishwa yiRoad Accident Fund ukuxhasa le mikhankaso ngo-2002.
Ukwanda kwesibalo sezimoto emgwaqweni kwakhomba ukuthi kunesidingo sokugxila kwezokuphepha emgwaqweni kwagcina sekuphele imali yokuqwashisa abantu ngezingozi.
I-Road Accident Fund yabona ukuthi umsebenzi wayo wukukhokhela abalimala emgwaqweni nemindeni yabo kunokuthi ixhase imikhankaso yezokuphepha emgwaqweni. UMnyango wezokuThutha wagcina ungasenayo imali eyanele yokuxhasa imikhankaso ye- Arrive Alive kwehliswa izindleko.
Kwenziwani manje"
Njengoba isibalo sabashona ezingozini zomgwaqo sesiqale phansi sakhuphuka, uMnyango wezokuThutha uzivikela ngokuthi izibalo zikhushulwa wukuthi sebeyakwazi ukuqoqa izibalo ngokugcwele. Okubuhlungu wukuthi bayavuma ukuthi nalokho abakakwenzi kahle.
Izibalo ezikhona yilezo ezakhishwa emva kokunqanyulwa kwebhajethi ngo-2003. Ezakamumva akulula ukuzithola.
Okwamanje imikhankaso yezokuphepha siyiqhuba ngokuqagela ukuthi abashayeli bashayela kanjani nokuqonda kwabo ngezokuphepha emgwaqweni.
Asigcini ngokuqagela ukuthi yini eyayiyokwenzeka ukuba i-Arrive Alive yayingekho kodwa sibuye sibheke nokuthi le nkinga singayixazulula kanjani.
Lokho akwanele emindenini yabantu abangu-20 000 abafa emgwaqweni minyaka yonke. Akusiniki nethuba lokufeza inhloso yeMillennium Development Goal yokuthi ngonyaka ka-2014 izingozi zomgwaqo zibe sezehle ngengxenye.
Okokugcina okusezinhlelweni njengamanje wukuthi kulungiswe isimo emgwaqweni ngaphambi kuka-2010.
Kodwa ngabe abaseSA ave befanelwe okungcono kunalokho" Ngabe ave bedinga ukunakekelwa nokuhlonishwa zikhathi zonke"
Abantu baseSA bashayela amakhilomitha angu-5,6 billion ngenyanga. Lokho kungaba wuhambo olungu-140 000 uzungeza umhlaba!
Iningi lethu lihamba amabanga amafishane ngonyaka kodwa izingozi zenzeke phezu kwalokho.
NgoKhisimusi sisuke sivakashela izihlobo nabangani izingozi zibe ziningi kakhulu. Kulo nyaka, i-Arrive Alive ithole u-R50 million, uR15 million uzosetshenziswa ngoDecember uma sesikhunjuzwa ukuthi masingazibulali.
Ngokocwaningo lwaphambilini, nakuba u-90% wethu wayizwa wayilalela imiyalezo ye-Arrive Alive, lokho akwanele... kanti nezingozi zisaqhubeka. [z]
Qaphela abantu abashayela ngejubane eleqile - ngokocwaningo, baningi abantu abashayela ngejubane ngeSonto kunangezinye izinsuku kanti ingxenye yabashayeli baseMpumalanga ishayela yeqise ijubane.
Uphenyo lukaBONA
Uma uhamba ngezinyawo...
Kwabathathu abashona ezingozini zomgwaqo oyedwa usuke ehamba ngezinyawo. Abane kwabahlanu abashonayo kusuke kungabesilisa abamnyama. Nakhu okungakusiza...
u Yazi ukuthi kuthatha isikhathi esingakanani ukuthi imoto ime - ngisho noma umshayeli ekubona.
u Bonakala kalula - izingubo ezigqamile azisizi ngokwanele njengoba iningi licabanga. NgokukaMoira, gqoka into ecwebezela njengalokho okugqokwa amaphoyisa omgwaqo.
u Ungadiyazeli noma udakelwe emgwaqweni - ingxenye yabahamba ngezinyawo ilimala ngenxa yalezi zinto.
Bangenwe yini abashayeli" Kudalwa yini ukuthi imikhankaso yezokuphepha ingasebenzi" Singenzenjani ukuze kulo Khisimusi siphephe ezingozini zomgwaqo eSA" Zifundele lolu daba...
indaba nguPATRICIA McCRACKEN izithombe abakwaGALLO
u
t
Amaphutha enziwa abantu adala u-90% wezingozi!
Ungaphepha kanjani emgwaqweni"
Shayela kahle: Amaphutha enziwa abantu emgwaqweni nokushayela budedengu kudala u-90% wezingozi. Qiniseka ukuthi ushayela kahle uzifundise ukuvikela nabanye uma ushayela, wazi ngokwenzeka emgwaqweni nalapho uphikelele khona ukuze usheshe ugweme ingozi.
Yehlisa ijubane: Ijubane lidala u-30% wezingozi - zingu-75% eziba zimbi kakhulu ngoba abantu bayalimala noma bafe kuzona.
Isibalo sabashona ezingozini zomgwaqo ngo-1974 sehla emva kokushoda kuka-petrol eSA ngenxa yenkinga eyayikhona emhlabeni wonke kanti umgomo wejubane wehliselwa ku-80km/h okwesikhashana.
Ukukhushulwa komgomo wejubane eMelika kwakhuphula izingozi zomgwaqo ngo-34%, kanti ukwehliswa kwawo eSwitzerland naseSweden kwehlisa izingozi zomgwaqo ngo-21%.
Ungashayeli uphuzile: Ukushayela uphuzile kudala u-40% wezingozi. Njengoba utshwala buqeda amandla, kungcono ukuthi kube khona oyedwa ongaphuzi uma nihamba ozoshayela.
Qaphela izidakamizwa nemithi engenza ukuba ungashayeli kahle.
Bopha ibhande: Ukubopha ibhande kwehlisa izinga lokulimala nelokushona kwabantu ngo-40%.
Imoto mayilungele ukuba semgwaqweni: I-SA ihlukile kwamanye amazwe ngoba ayinawo umgomo wokuhlolwa kwemoto ngaphambi kokuba uthole ilayisensi yayo yonyaka. Kodwa ngokocwaningo, baningi abahambisana nokuthi izimoto zihlolwe ngoba ezingakulungele ukuba semgwaqweni zidala u-30% wezingozi.
Phumula: Ukukhathala kudala u-10% wezingozi. Uma kudingeka ukuba uhambe ibanga elide, qiniseka ukuthi uyama uphumule emva kwamahora amabili.
Shiya isikhala: NgokoMnyango wezokuThutha, abashayeli abane kwabahlanu bashayela balandele imoto eduze kakhulu. Abacwaningi bathi kuthatha cishe umzuzwana nengxenye ukwenza ingozi uma uphazanyiswa yingxoxo, wumculo noma wukubuka indawo. Isikhala ozosishiya sikale ngesigxobo, ngesihlahla noma ngebhilidi elidlulwa yimoto oyilandelayo, ubale uthi, "One-thousand-and-one, one-thousand-and-two." Uma ufika kuleyo ndawo ungakaqedi ukubala, kusho ukuthi usondele kakhulu kuleyo moto.
Ungaluphenduli ucingo: Ungaluphenduli ucingo noma ulusebenzise ushayela!
