zulu.430.letteroct
NGITHANDA ukunxusa abahamba ngezinyawo emgwaqweni ukuba baqaphele uma besemgwaqweni. Lokhu ngikusho ngoba sengike ngabona abantu abaningi bekhombisa ukungabi nalwazi uma kukhulunywa ngodaba lokuphepha emgwaqweni.
Abanye bazikhohlisa ngokuthi abashayeli bazobabona kanti lokho akwenzeki njalo.
Emadolobheni abantu bavele bawele emgwaqweni irobhothi livulele izimoto noma bahambe kancane. Hamba onqenqemeni lomgwaqo ngoba yilapho abahamba ngezinyawo kufanele bahambe khona.
Abahamba ngezinyawo mabakhumbule ukuthi kungenzeka ukuthi abashayela izimoto bahluleke wukumisa izimoto ukuze kugwemeke ingozi engehlela abahamba ngezinyawo.
Angikhumbuze nezingane ukuthi umgwaqo uyahlonishwa!
Ohamba ngezinyawo ngaphandle kokuqaphela uyafa!
Zokwana John, Koringpunt
Zivikeleni!
Umlayezo wami uqondene nentsha. Bafana namantombazane, bhekani, nilalele bese nithatha isinqumo ngenizokwenza ngempilo yenu.
Qaphelani uma niya ocansini ngoba nizofa uma ningakwenzi lokho.
Okungcono ongakwenza wukukhohlwa yindaba yocansi nigxile emfundweni yenu. Zimiseleni emsebenzini wesikole ukuze nibe nekusasa elihle!
MM, Lesotho
Ewine
Abahamba ngezinyawo emgwaqweni
u-R100
Izincwadi
Ngikuthenga njalo!
BONA, ngikuthenga nyanga zonke. Angiphatheki neze kahle uma ngingakutholanga. Uma kuphele inyanga, ngenza isiqiniseko sokuthi ngiyakuthenga.
Uma kukhona umuntu ongivakashele ekhaya, ethi uyakuthatha uhamba nawe, sivele sixabane ngimtshele akushiye phansi. Baningi abangicela ukuba ngibaboleke wena uma sengiqedile ukukufunda.
Luningi ulwazi engiluthola kuwena. Ngingenela imincintiswano ngifunde nezinkanyezi. NgiyiCapricorn kanti konke engikufunda ngaphansi kwenkanyezi yami kuvele kuqondane nempilo yami.
HG Hadebe, Clernaville
BONA ZULU - October 2006
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni,
4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Mabanikwe ithuba
Othandweni, ikakhulu kolwabahlanganiswe nguthola umngani, kuyenzeka kube khona umuntu ozohluleka wukuthembeka noma enze okungekuhle. Masiyeke ukucwasa iziboshwa. Uma umuntu esejele akusho ukuthi ngeke esashintsha.
Mandla Mthetheleli Mseleku, Vryheid
Umona mubi
Izinto asizenzi ngokufana. Uma sihlangana nomuntu ofunde kangcono kunathi siba nomona.
Uma sihlangana nongafundile simbukela phansi.
Umona uyimbangela yokungaboni ngaso linye emphakathini kanti kufanele sikhule manje.
Asibathande abantu ababukeka bengakhaliphile njengathi ngoba kukhona abakwazi kangcono.
Nalabo ababukeka bekhaliphile kunathi masibatuse ngempumelelo yabo sikhumbule ukuthi kukhona nathi esikwazi ukukwenza kangcono.
RC, Mmakau
u
t
UTHINI NGALOKHU"
Abafundi mabafunde ukuthi 'Cha!'
NGIKHATHAZEKILE ngentsha ethandana nothisha. Othisha mabaqonde kahle ukuthi izingane zisuke zizokwenzani esikoleni.
Abafundi basuke bengazele ukuzoshelwa othisha esikoleni! Othisha basuke bezofundisa esikoleni - bengazele ukuzofeza izinkanuko zabo.
Kuyihlazo ukubona uthisha enobuhlobo bothando nabafundi.
Ngalokho angisho ukuthi othisha akumele babe nobudlelwane obuhle nabafundi kodwa angizwani nothisha abazwana nezingane baze bathandane nazo!
Yikusasa lomfundi elonakalayo ngokuhamba kwesikhathi! Akabe esayingena eyokufunda izincwadi kokunye akhulelwe - uthisha ongubaba wengane akabe esafuna nokumbheka umfundi uma izinto sezibheda!
Abafundi mabafunde ukuthi "cha" kothisha ababashelayo. Mabangasabi ukubaceba othisha abaziphatha ngalolo hlobo.
JM, Jouberton
lUthini ngalolu daba" Uthisha oyengela umfundi othandweni ukhombisa ukungazethembi nokungathembeki. Othisha abanjalo kumele babikwe kwiziphathimandla zemfundo. Kodwa ngabe le nkinga isabalele kangakanani"
Bhala usazise ukuthi wazini wena uma kukhulunywa ngalolu daba!
BONA ZULU - October 2006
Izincwadi
Amazwi okuphila...
u Umuzi ngumuzi - kodwa konke lokho kuphela mhla kwaba khona uthando. Uthando lushintsha umuzi ube yikhaya, indawo ebalulekile yabantu ababalulekile.
Mack Makalla, Seabe
u Imali ayisiso isipho esibalulekile. Asikho isipho esidlula ukuba nozwelo, uthando nenhlonipho - yilezi zipho ezibalulekile.
GM, Polokwane
u Umndeni onothando nonakekelayo uyisikhali sokulwa nobugebengu. Ngobani" Ngoba umndeni onakekelayo nolusizo ukhiqiza abantu abahlonipha amalungelo abanye abanesandla ekusimamiseni izwe lethu ngendlela eyakhayo.
PO, Soweto
u Masikhohlwe okwedlule ngoba ngeke kusisize ngalutho. Masibheke ikusasa lezwe laseSouth Africa sisebenze ngokubambisana manje!
Afika Ndenga, Pietermaritzburg [z]
UTHINI NGALOKHU"
Thenga uBONA ube nolwazi!
THENGA uBONA ngoba kuningi ongakufunda kuleli phephabhuku. Ngiyafa ngochunge olusha lwezemfundo oluqale ngoFebruary.
BONA, ungungqa phambili!
Nhlanhla Maphumulo, KwaMaphumulo
lNgabe abafundi bethu abadala nabancane bayasizakala ngenxa yengosi yethu yezemfundo" Ngabe kukhona izifundo ongathanda ukubona sibhala ngazo"
Sibhalele usazise!
Ungasebenzisa
igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
