zulu.425.bec feedback
EMICIMBINI emibili yabe-Bake and Cook for Profit eyayiseLimpopo, abafundi bethu abangu-20 baziwinela amapani kagesi akwaSunbake Bread. Abanye abane bawina ama-spaza shop abakwaSunbake.
Umcimbi wokuqala owawuseRanch Hotel ePolokwane, wawungomhlaka 23 November ngonyaka odlule. UVicky Khubeka, ongumethuli weBake and Cook for Profit wasikhombisa izindlela zokwenza amaresiphi ngokubambisana nompheki wasehhotela nokwathi emva kwalokho izihambeli zalo mcimbi zaphendukela emikhiqizweni yabeSunbake.
Indawo eyalandela ukubamba lo mcimbi kwaba yiTzaneen Country Lodge nokuyilapho bahlangana khona abathandi be-Bake and Cook for Profit.
Bheka imizamo yesikole sethu eLimpopo. Kuzoba kuBONA maduze...
BONA ZULU – April 2006
NGENHLA: Idombolo lathokozelwa ngababehambele lo mcimbi. Ungalidla futhi nenhlanzi iGlenryck Pilchards.
ABAFUNDI BAKABONA BABEFINYA NGENDOLOLWANE ELIMPOPO!
Ngosizo nangoxhaso lwabenzi bezinkwa bakwaSunbake, abafundi bakaBONA bawina imiklomelo emangalisayo bathokozela nokumnandi okwakubhakiwe eLimpopo.
NGENHLA: Akudliwa-nje kuphela, kuwinwa nemiklomelo njengoba nibona omunye owaziwinela ipani likagesi elivela kwabakwaSunbake.
NGENHLA: UDavid Langa Sephelo ethola i-spaza shop sakhe esigcwele izimpahla kwabakwaSunbake Bakery ePolokwane. Kusuka kwesobunxele nguNeil Douglas, Linda de Witt (imenenja yebhikawosi), David, noJohn Richter wakwaSunbake.
Ngonyaka odlule abakwaSunbake Bread baxhasa uchunge lwemicimbi yabeBONA Empowerment Club ePolokwane kubandakanya nama-workshop aba yimpumelelo enkulu abeBake and Cook for Profit ayeseThe Ranch Hotel naseTzaneen Country Lodge.
NGENHLA: Kwesobunxele nguJohn Mnisi wabeSunbake, eTzaneen, Wilson Collect Mangwani ne-spaza sakhe esisha kanye noJacques Minnaar, oyimenenja yakwaSunbake, eTzaneen. [z]
BONA ZULU – April 2006
NGENHLA: UDavid Langa Sephelo ne-spaza sakhe esigcwele impahla.
NGENHLA: UWilson Collect Mangwani ne-spaza sakhe seSunbake.
NGENHLA: UDavid Langa Sephelo waseMokopane.
