zulu.424.10Q
IMIBUZO
PATRICK SHAI
1. Ephathini yimuphi umculo owudanselayo"
Kuze kufike isikhathi sokudlala kuMoferefere, abantu babecabanga ukuthi ngiphila impilo yendawo kaNkwesheng engangiyidlala nokuyindawo yomuntu owayekhonze abesimame emdlalweni wami wokuqala kwiTV ngeminyaka yo1980. Kodwa abazi ukuthi ngaqala njengomunye wababeshaya indlamu eqenjini lendlamu kanti namanje ngisakuthanda ukudansa. Ngikhonze i-soul ne-funk - ne-hip-hop ne-kwaito.
2. Uwubhiyozela kanjani uNyaka oMusha"
NgeHansa noma iGlenfiddich.
3. Iliphi iholidi owalithokozela kunawo wonke osewake wawathatha"
Amaholidi awabantu abanemali - hhayi mina. Kodwa njengomdlali wezithombe, ngizwa sengathi ngiseholidini lapho ngisebenza. Ngilandwa ngemoto, nginakekelwe abantu abangigqokisa kahle. Ngiya ezindaweni engingeke ngikwazi ukuzikhokhela ngokwami nginikwe nokudla okuphambili.
4. Ubani omshayela kakhulu ngocingo lwakho"
Ngingathokozela ucingo oluvela kuNelson Mandela - ngisho ngingamuzwa ethi, "Hello ndodana yami." Kodwa ngiyazi ngeke ngadlala ngesikhathi sakhe njengoba efana nobaba. Ngakhoke enhliziyweni yami ngizwa sengathi usewakwenza lokho nokuyinto engenza ngijabule.
5. Uma kuyiSonto - yikuphi othanda ukukugqoka nothanda ukukwenza"
Yimi engiba sekhishini ngeSonto. Ngiye ngiqale ngokuya ezitolo ngifake ama-shorts ami neT-shirt ngiyothenga engizokuphekela umndeni wami.
6. Yikuphi okuthandayo"
Ngithanda izitshulu - mhlawumbe esenyama yemvu noma yenkukhu nerayisi noma i-spaghetti, ama-veg, hhayi iziqholo eziningi nogaligi. Noma inyama ebrayiwe - ngizinongela yona ngobhiya, uviniga neziqholo.
7. Kunini lapho ukhuluma khona okungesilo iqiniso - ngani"
Anginalo ikhono lokukhuluma amanga. Kodwa ngingalikhuluma iphutha ngenhloso yokuhlenga umshado wami. Ngingakhuluma iqiniso lapho sengivaleleke ekhoneni, kodwa futhi ngixwayisa abantu ukuba babheke ngoba kungenzeka bangakuthandi abakuzwayo, nami futhi angizimisele ngokubazwisa ubuhlungu. Kufanele uthole isikhathi esifanele nendawo efanele yokukhuluma iqiniso.
8. Uyayidlala i-lotto. Uma uwina ungenzani ngemali yakho"
Ngifuna ukubamangalela abe-lotto. Ngiyayidlala kodwa angikaze ngiwine. Uma ngingawina R20 million, u-R5 million nginganikela ngawo enhlanganweni yabantulayo bese ngakha i-theatre emphakathini ukuze izingane nabadala bakwazi ukusilandisa izindaba zabo.
9. Uyakuthokozela ukubuka imidlalo ovelayo kuyona"
IMoferefere iwona mdlalo wokuqala wamahlaya esengike ngadlala kuwo, ngiyawuthanda futhi. Ngiyakuzonda ukuzibuka ngidlala kuwona. Uma usuqoshiwe, akukho ongakwenza ukwenza ngcono indlela odlale ngayo. Kodwa ngiyakuthanda ukudlala emdlalweni weshashalazi esteji kusukela emdlalweni wami wokuqala iSophiatown.
10. Uma UNKULUNKULU Engakwengezela isikhathi sokuphila, yini ongayenza"
Ezinsukwini zami ezedlule, akukho okutheni engakwenza ekwenzeni ngcono impilo yami. Njengoba sengineminyaka engu-53, ngibonile ukuthi abanye bethu bakhula ngokuhamba kweminyaka. Ngineminyaka emibili ngikwiNational Arts Council kanti ngangiyingxenye yokusungulwa kweMapungubwe Arts Festival eLimpopo, nokuyilapho ngiliqhamukisa khona. Ayikho imali kwezobuciko, ngakhoke ngingathanda ukwenza intuthuko kulo mkhakha.[z]
IZIHLABANI ZAKULELI EZIPHAMBILI ZIZIKHULUMELA NGOKWAZO
10 IMIBUZO
