zulu.420.zimbalele
Ukuzibambela mathupha kuyabasiza!
UTHOKO uvuka ekuseni andlule akhiphele ibhala namanye amathuluzi emnyango ukuze umndeni wakhe ube nendawo eyanele lapho usulungiselela ukuya esikoleni. Ibhulakifesi yingxenye yezinsalela zephalishi langayizolo ebusuku alifaka ushukela.
Emva kokudla bonke bayaphuma bahambe. URolinda ongumntwana ophakathi nendawo kulo mndeni uqhuba ibhala elinyusa endaweni ewumqansa nokuyinto ayithola ingelula nakuba uThoko emsiza uma ebona kunesidingo. Ukuzimela yiyona into afuna ukuba izingane zakhe ziyifunde.
Uhlale ekhumbuza izingane ukuba zihlale zindawonye ikakhulu lapho zihamba ibanga elide kanti nendodakazi yakhe endala uhlale eyitshela ukuba njalo uma ibuya esikoleni iyokukha amanzi.
UThoko ubuya ekhaya emva kokuyofundela umsebenzi wezandla namanye amakhosikazi. Sekuphele iminyaka emihlanu umyeni wakhe ahamba. Kusukela lapho akakaze aphinde ambone.
Babehlupheka kakhulu kulo mndeni ngaphambi kokuba bathole lo msebenzi besizwa omakhelwane futhi bamukeliswa namaphasela okudla.
Ngesikhathi izingane ziqonda esikoleni, uThoko yena ulibangisa emgwaqweni lapho esebenza khona.
Umsebenzi awenzayo unzima kodwa usumnike inkululeko neqholo lokunakekela izingane zakhe.
Izinkontileka
UThoko usebenzela uhlelo lezokulungiswa kwemigwaqo KwaZulu Natal iZibambele Road Maintenance Programme, nokulusizo lokuvulela abangasebenzi amathuba omsebenzi - cishe amaphesenti angu-95 nokungabantu besimame.
Lolu hlelo lubhekele ukulungiswa nokunakekelwa kwemigwaqo ewubhuqu KwaZulu Natal.
Lwasungulwa ngo-2000 kanti luphethwe futhi lwesekwe ngezimali ngabeKwaZulu-Natal Department Of Transport (DoT).
I-DoT yethemba ukuqasha osonkontileka abangu-40 000 ukuze kuthi ngo-2009 babe sebelungise cishe imigwaqo engaba ngamakhilomitha angu-17 000.
AbeZibambele bakhuculula imisele, ama-culverts namapayipi, bavale nemigodi basuse udoti bacente nokhula emigwaqweni.
Amathuluzi okwenza umsebenzi, ama-safety vest nama-plastic cones kunikezelwa umsebenzi wenkontileka ngamunye. Uma lezi zinto zidinga ukushintshwa, imali yazo ibanjwa emholweni walowo muntu.
Izinkontileka zezinyanga ezingu-12 zivuselelwa minyaka yonke - uma nje leyo migwaqo isadinga ukunakekelwa kanti imali yanyanga zonke yomsebenzi ingaphansi kuka-R1 050.
Kuthathwa ikakhulu imindeni kunabantu abangabodwana.
Kulokhu kusizakala nemizi ephethwe yizingane nokwenza uqhubeke umsebenzi.
Ukuqhubekela phambili
Izinkontileka ngezamahora angu-60 nyanga zonke nokuyinto ekunika nesikhathi sokufunda. Abezinkontileka bahola R370 ngenyanga kanti banakekela umqwaqo ebangeni elingu-500m kuya ku-800m.
Kunamakomiti amele yonke imikhakha yomphakathi asebenzisana nabe-DoT ekuboneni imigwaqo edinga ukunakekelwa, nemindeni okumele ibe yingxenye yalolu hlelo.
Sekusungulwe amakilabhu okonga imali asiza osonkontileka bakwazi ukuphatha imali. NgoMarch 2006 kwase kusungulwe amakilabhu angu-889 sebebeke imali engu-R6,2 million.
Umnyango wezaseKhaya nowezokuThuthukiswa koMphakathi isiza abeZibambele ukuba bathole ama-ID kanti bethemba ukuthi nabomnyango wezoLimo bazozibandakanya kulolu hlelo lwabo - ngasohlangothini lokudla, ekuphakeleni amanzi nokuchelela ngenkasa.
Lokhu kubambisana kungasiza ekusabalalisweni kwemishanguzo ye-AIDS (antiretroviral) nasekwelashelweni iTB.
Imiklomelo
IZibambele ngo-2002 yawina umklomelo Impumelelo award. Ngo-2003 yatuswa nguMongameli uThabo Mbeki njengohlelo oluphambili lwemisebenzi yomphakathi.
IZibambele isisize abaningi yabaphendlela indlela ebange empumelelweni.
UThoko useyakwazi ukondla nokuyisa izingane zakhe esikoleni.[z]
BONA ZULU - March 2008
indaba nguMO HAARHOFF
izithombe ngabeKZN DEPARTMENT OF TRANSPORT
Indaba yabakuleli yempumelelo!
KWESOBUNXELE: Lolu hlelo lomsebenzi luletha ithemba ezindaweni ezinobubha njengalena.
NGENHLA: Ziyabuya kuThoko emsebenzini - ukuvuselela imigwaqo endaweni kusiza abangosonkontileka (nabemindeni yabo) kanjalo nomphakathi.
NGEZANSI KWESOKUDLA: Abangosonkontileka bakhuculula imisele, ama-culverts namapayipi. Bavala imigodi, basuse udoti bakhiphe nokhula emigwaqweni.
Uhlelo lomsebenzi iZibambele, seluvulele abesimame amathuba omsebenzi nawokufundela amakhono ehlukene nokubenza babe nethemba lekusasa eliqhakazile...
BONA ZULU - March 2008
