zulu.417.rape
Usizi lwabesimame nezingane
Isihluku esenzeka emngceleni osempumalanga yeCongo asichazeki kanti okubuhlungu kakhulu wukuthi elase-Africa - nomhlaba wonke - aliyilungisi le nkinga
BONA ZULU - December 2007
U-OMBENI useshiywe yisikhathi. Kusele imizuzu engu-20 ngaphambi kokuba kukhale insimbi esikoleni kanti kusadingeka ukuba aqoqe izincwadi zendodana yakhe uDaniel, enze umphako neminye imisebenzi yasekhaya. Umuzi wakubo owakhiwe ngodaka unamagumbi amabili kanti useBukavu, empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC).
Kuthatha ingxenye yehora ukusuka ekhaya eya esikoleni sikaDaniel.
Uma eseshiye uDaniel esikoleni, uhamba u-500m aye lapho efunda khona.
Unyaka wokuqala lona ebuyele esikoleni kanti uthishanhloko walapho efunda khona uyamncoma.
Ngokomthetho kufanele ukuba ngabe u-Ombeni uqedela ukufunda enyuvesi. Imfundo yakhe nempilo yakhe kwathikamezeka eminyakeni emihlanu edlule.
Ngaleso sikhathi wayeneminyaka engu-15. Kwakuthi uma engayile esikoleni asebenze emasimini akubo.
Wayesebenza ekhaya mhla ethunjwa amavukela-mbuso. Kwaphela izinyanga eyisigqila sawo, emhlukumeza ngokocansi nangokomzimba ehamba ehlala naye ezinkanjini ezisemngceleni waseRwanda.
Wayekhulelwe esengozini yokufa ngenxa yokungadli ngesikhathi ephindiselwa ekhaya kubazali bakhe.
Ngenhlanhla akazange afe. Manje useqhubeka nempilo yakhe.
U-Daniel uyasithanda isikole kanti unabangani abaningi.
Ngonyaka ozayo umama wakhe uyobe efundela ukuba nguthisha enyuvesi.
U-Ombeni ufuna ukuyishiya indawo yangakubo uma esesebenza athenge umuzi kwenye indawo ephephile.
Phezu kwazo zonke izinto ezamehlela, uzibona enenhlanhla. Baningi abantu baseDRC abaphila ngokuhlukunyezwa abangakaphumeli obala ngako.
Ukwesaba
Ukwesaba kubhalwe emehlweni abantu abahlala emngceleni osempumalanga yalesi sifunda. Kubahlaseli kukhona ama-Interahamwe, amaHutu abaleka eRwanda ngo-1994 emva kokubulala abantu; umbutho wamasosha aseCongo; abahlaseli abahlukahlukene abahlomile; kanye nabahlaseli abayizakhamizi.
"Bonke badlwengula abesimame," kusho uChristine Deschryver, osebenzela inhlangano yaseGerman esiza abantu. "Wonke umuntu obonakala egqoke izingubo zombutho wezempi uyisitha kwabesimame."
Le nkinga yaqala emva kwesibhicongo sokubulawa kwabantu eRwanda ngo-1994. Iningi labahlaselwa nabahlaseli leqa umngcele. Abalelwa ku-10 000 amasosha eFDLR ahlala emahlathini ahlukumeza abantu.
ElaseRwanda alisabafuni kanti nabo abafuni ukuphindela emuva. Sengathi namasosha aseCongo awazimisele ngokubaphoqa ukuba bahambe kanti njengoba iningi lamasosha like lihlale izinyanga lingaholi, libona kungcono ukuphanga lithumbe abantu.
Abahlukumezi basaqhubeka nokucekela phansi impilo yabantu kanti siyanda isibalo sabahleli kabuhlungu ngenxa yabo. Abantu bahlaselwa nsuku zonke.
"Usizi lwaseDarfur luwubala uma uluqhathanisa nolwaseCongo," kusho uDeschryver, osaqhubeka nokuphumela obala ngosizi lwabesimame baseCongo phezu kokwesatshiswa ngokubulawa.
Intukuthelo
Akukuphela kwakhe othukutheliswa yilesi simo. UDkt. Mukwege osebenzela eBukavu oseneminyaka engu-20 enza umsebenzi wakhe ubhekene nomsebenzi wokusiza abahlukunyezwa ngokocansi.
Uphethe ePanzi Hospital, isibhedlela esavulwa ngo-1999 esineziguli ezingaphezulu kuka-350.
Ngosuku, kulaliswa iziguli ezingu-10 kulesi sibhedlela kanti ezinye zisuke zineminyaka engu-9. Ezinye zisuke zidlwengulwe kabi kuze kudingeke ukuba zihlinzwe.
UDkt. Mukwege akazi noma siyakhula yini isibalo seziguli zabo.
Sebeyakwazi ukuhlukanisa abahlaseli ngenxa yendlela abahlasela ngayo - abanye bashutheka umbhobho wesibhamu esithweni sowesimame sangasese emva kokumdlwengula, badubule isitho sakhe sangasese ophe kakhulu.
Abanye baphoqa amadoda bathi awadlwengule omama bawo nodadewabo bewakhombe ngezibhamu kubuka umphakathi. Iningi labahlaseli lineHIV.
Okwenzeka eMpumalanga yeCongo kucekela phansi isizwe sonke.
Kuncane okwenziwayo ukukunqanda. "Ngike ngibone amadoda adidekile," kusho uDkt. Mukwege. "Awakwazi ukuqhubeka nempilo emva kokuhlukunyezwa kwamakhosikazi awo nemindeni yawo.
"Asikwazi ukungakushayi mkhuba okwenzeka kule ndawo sizikhohlise ngokuthi kuwubuqaba njengoba abanye besho."
Uma uDkt. Mukwege esecelwa ukuba ayosiza iziguli zakhe, kusuke sekumi ezinye iziguli ngaphandle zilindele ukusitshela izigameko zokuhlaselwa kwazo.
Babulawa
UMugoli Muhamiri wayelindele ababemenywe emshadweni wakhe ngesikhathi evulela ababengqongqoza emnyango ezinyangeni eziyisithupha ezedlule. Kwangena idlanzana lamadoda esikhundleni sezihlobo zakhe.
Waboshwa izandla kwavulwa imilenze yakhe amadoda ashintshana ngaye emdlwengula.
Kwathi uma ephonsa amehlo kubahlaseli, wabona benquma umqala wendoda yakhe, izingane zakhe ezimbili zabulawa. Zazineminyaka emibili. Uthi wababala baze baba yisikhombisa abesilisa abamdlwengula emva kwalokho waquleka.
Manje usesele nendodana yakhe uStephen ongazi ukuthi umama wakhe uneHIV. "Ngixhaswe kakhulu ngosizo lokwelashwa kule ndawo kanti ngiyazi ukuthi ngelinye ilanga ngizofa," kusho yena.
"Imithi yami angiyiphuzi kahle ngoba anginakudla. Okungiphatha kabi wukuthi ingane yami izosala ingenamama ingenababa uma sengifile."
Owokugcina esakhuluma naye nguFuraha Tajiri oneminyaka engu-15 wasesifundeni saseNinja. Amasosha amhlasela ebusuku ambopha izandla amshaya kanye nabazali bakhe.
"Ngawabona ebulala abazali bami," kusho yena. "Emva kwalokho angithatha aya nami ehlathini. Ayengu-17. Ngahlala ehlathini izinyanga eziyisithupha ngidlwengulwa amadoda amabili ngosuku."
Umhlatshelo
Uzwa kukhulunywa ngento eyodwa eMpumalanga yeCongo. Kuzwakala noma bekhuluma abantu bakhona ukuthi balahle ithemba. Sebephenduke umhlatshelo.
Ngesikhathi uKofi Annan ese-museum yesibhicongo sokubulawa kwabantu eKigali, eRwanda, kuthiwa wezwakalisa ukuphatheka kwakhe kabi ngesigameko sokubulawa kwabantu ngo-1994. Bayisigidi abantu baseRwanda abafa ikhona iNhlangano yeZizwe. Ngokusho kwakhe, kukhona eyayingakwenza le nhlangano.
Kwenzeka lokhu nje, angu-17 000 amasosha eNhlangano yeZizwe aseDRC inkambo yawo engekude kakhulu nomphakathi ohlala uhlukunyezwa.
Maduze nje, uJohn Holmes ophethe i-UN Humanitarian waya eBukavu. Wavakashela ePanzi Hospital washaqeka ngesikhathi ezwa ngokuhlupheka kwabantu.
Wabuye wahlangana noChristine Deschryver. "Ngamtshela ngokwenzeka kule ndawo," kusho yena. "Ngangithukuthele - ngathi kuye usufikile eCongo, yiziphi izinyathelo ozozithatha" Nawe uyile esibhedlela njengoba kwenza abanye, wakhala ngento oyibonile. Manje usuzohamba wenze njengabanye. Ngeke siphinde sizwe lutho ngawe." [z]
Baphila ngoku- dlwengulwa
indaba nezithombe ngabeFEATURENET.CO.ZA
U-Ombeni ephelezela indodana yakhe uDaniel iya esikoleni. Wathikamezeka ezifundweni zakhe eminyakeni emihlanu edlule ngesikhathi ethunjwa.
BONA ZULU - December 2007
u
Abagqoke izingubo zamasosha bayisitha kwabesimame
t
Abadlwengulwa bekhuleka bekhombisa ukubambisana.
u
t
Kwathi uma ebheka abahlaseli, wabona benquma umqala womyeni wakhe
UMugoli Muhamiri wayelindele ababemenywe emshadweni wakhe ngesikhathi evulela ababengqongqoza emnyango. Kwangena amadoda amhlasela.
