zulu.416.questions
IMIBUZO
1. Yikuphi osuphumelele kukho oziqhenyayo ngakho kakhulu-
Ukuqeda iComrades Marathon yami yokuqala ngqa nyakenye kwaba yinto ebaluleke kakhulu, nokuphothula izifundo zami phezu kokuba matasa ngomsebenzi.
2. Yini ekuthokozisayo-
Izicathulo, izincwadi - nokwangiwa!
3.Kubantu yini oyithandayo nongayithandi-
Ngithanda ukwethembeka nomusa. Angibathandisisi abantu abanezinhloso ezicashile nabazenyezayo.
4. Umsebenzi wakho omusha wokwethula izindaba kwi-etv uyishintshe kanjani impilo yakho-
Ungingezele amahora amaningi osukwini lami. Usuku lwami selunamahora angu-25, ngakhoke sekufanele ngibe qotho kwengikwenzayo phakathi kokuphela kohlelo lwami kwiRadio 702 emini nokuqala kohlelo lwami kwi-etv ngo-5pm.
Angizimisele ngokuchitha leso sikhathi ejimini. Sengigijima 10km ekuseni ngo-5.
Anginamihlangano ngamalantshi futhi senginciphisile ukuzikhipha ebusuku.
5. Yini othanda ukuyenza ngakwezothando ebusuku-
Eish! Angisiye umuntu ogxile othandweni - kodwa ngiyakuthokozela ukuzihlalela nophathini wami - sihleke sizixoxele.
6. Ukube awukwenzi okwenzayo manje, yini obungakhetha ukuyenza-
Ukubhala nokufundisa i-literature.
7. Uma ungakhetha ukuyodla i-supper nanoma ngubani ophilayo noma ongasekho - kungaba ngubani-
UBarack Obama - Ngiyamhlonipha.
8. Yini ongayithandi ngeSA-
Ubugebengu nabashayeli bamatekisi.
9. Yini oyithanda kakhulu ngezwe lethu-
Abantu balo kanjalo nendlela abaphila ngayo.
10. Ungawuyala uthini umhlaba-
Ukulwa nobubha yisifiso sanoma ngubani.[z]
kaRedi Direko
IZIHLABANI ZAKULELI EZIPHAMBILI ZIZIKHULUMELA NGOKWAZO
SIXOXA NESIHLABANI
