zulu.413.triviajan2008
amakhasi
Nguye omkhulu?
UWilliam Shakespeare (1564-1616) wumbhali wezinkondlo nemidlalo yasesteji waseNgilandi.
Wabhala imidlalo yasesteji engu-38 neHamlet, Macbeth neKing Lear nezinkondlo ezingu-154.
Imidlalo yakhe yasesteji isihunyushelwe cishe kuzo zonke izilimi ezinkulu ezikhona.
Wazalwa wakhulelwa eStratford-upon-Avon. Eseneminyaka engu-18 washada no-Anne Hathaway, owamzalela izingane ezintathu uSusanna, namawele uHamnet noJudith.
Phakathi kuka-1585 no-1592 waqala wasebenza njengomdlali wasesteji nombhali eLondon. Nakuba uShakespeare wayehlonishwa njengombhali wezinkondlo nemidlalo yasesteji ngesikhathi sakhe, kodwa waqala ukuthola udumo ngeminyaka yesikhathi se-19th Century lapho engasekho.
Njengoba imidlalo yakhe idlalwa futhi ihumusheka ngamasiko amaningi ahlukene ihambisana nanesimo sepolitiki emhlabeni jikelele, lokhu kuchaza ukuthi idume kakhulu...
BONA ZULU - January 2008
Beka ngokuyikho
kaBONA athokozisayo
Yazi IZINOMBOLO ZESIROMA
Hlela lezi zinhlamvu zamagama ngendlela efanele.
IZINOMBOLO ZESIROMA yindlela yokubhala izinombolo yakudala emandulo kwelaseRome. Kwahamba kwahamba le ndlela yaphuculwa kancane ngezikhathi zeMiddle Ages ukuze kube yilezi esizisebenzisa namuhla.
Kule ndlela ezinye izinhlamvu zamagama zisetshenziswa njengezinombolo. Ukwenza isibonelo: I (i) = 1; II (ii) = 2; X (x) = 10; M (m) = 1000.
Ezindaweni lapho singalindela khona ukubona imibhalo yesiRoma:
Bhekisisa kuma-credits amafilimu noma kwawama-show eTV uzobona ukuthi unyaka eyenziwa ngayo uhlale ubhalwe ngemibhalo yesiRoma.
Isebusweni bamanye amawashi nalapho isikhathi sibhalwe ngesiRoma.
Amagama amakhosi - ukwenza isibonelo, George VI, nokuchaza ukuthi wayengowesithupha obizwa ngokuthi wuGeorge.
Singakhuluma ngeFirst World War noma iSecond World War njenge "World War I" noma "World War II," noma sithi i-WWI noma i-WWII.
Amaqembu ezemidlalo, ikakhulu asezikoleni ahlukaniseka ngezinombolo zaseRoma nokuhambisana nenombolo yabadlali bawo - "1st XV" kungaba yiqembu lokuqala le-rugby (XV = 15) kuthi u-"1st XI" kube yiqembu elokuqala lebhola lezinyawo (XI = 11).
I-Velociraptor
LELI gama lingachaza "unyazi lwesela" ekubeni lisho uhlobo oluthile lwe-dinosaur olwaluphila cishe eminyakeni engu-75 million eyedlule.
Yayinemilenze emibili iphila ngezinye izilwane inomsila omude oqinile inezinzipho ezigobe njengesikela nokucatshangelwa ukuthi yayizisebenzisa ekubulaleni izitha zayo.
I-"raptor" ijwayelekile kubantu abaningi. Kulokhu sibonga ama-movie eJurassic Park - nakuba yakhonjiswa ibukeka inkulu kunalokhu eyayiyiko isaphila futhi ingenazimpaphe.
Empeleni ama-raptor asekhulile cishe angu-2m ubude kanti angu-50cm ukuphakama. Angaba nesisindo cishe esingu-15kg.
Imihlathi yayo inamazinyo angumugqa kanti angu-26 kuya kwangu-28 agqagqene ezinhlangothini zombili kanti wonke anamandla ngasemumva - cishe nokuyinto eyenza izilwane zakwazi ukuthuthukisa nezindlela zazo zokubamba ezinye izilwane ngisho ngabe lezo zilwane zigijima ngesingakanani isivinini.
UTHI UBUWAZI?
Ukubambezeleka phakathi kwesikhathi obona ngaso umbani nokuzwa kwakho ukuduma, kwenzeka ngoba umsindo uhamba kancane kakhulu kunokukhanya.
Umsindo uhamba emoyeni ngesivinini esingu-350m/second ekubeni isivinini sokukhanya sihamba 299 792 458m/second.
BONA ZULU - January 2008
Bala ukuthi umbani uqhele kangakanani kuwena
Ngesinye isikhathi lokho kuduma nokubaniza kubukeka kusondele - ngabe uphephile? Nansi indlela ongabona ngayo ukuthi kusondele kangakanani - noma wena uqhele kangakanani - umbani uyashaya...
bheka isibhakabhaka ubheke umbani.
bala ukuthi mingaki imizuzwana ngaphambi kokuba uzwe ukuduma. Kwenze lokhu ngokuba ubale kakhulu: "One-one-thousand, two-one-thousand" uqhubeke uzwe ukuduma.
Hlukanisa inombolo yemizuzwana ngo-3 ukuze ubale ibanga ngamakhilomitha. Ukwenza isibonelo: uma ubale imizuzwana eyisithupha kusukela ngesikhathi ubona umbani, kusho ukuthi ukushaya kombani kwakuqhele ngamakhilomitha amabili kunalapho wawukhona (6 ÷ 3 = 2).
Uma ukukhanya kwenzeka kukuningi kusondelene, kunganzima ukusho ukuthi ukuduma kungokwakuphi ukubaniza. Uma ukuphepha kuyinto ekubusayo, qala ukubala kusukela ekukhanyeni kokugcina okubonayo.
u
t
MEEE-OWWW!!!
Ngesikhathi seBlack Death eNgilandi, kwakuthiwa amakati yiwo ayedala i-plague. Abantu babulala amakati abo. Okwethusayo wukuthi abantu abangawabulalanga amakati abo sasibaphatha kancane lesi sifo, ngoba amakati abo yiwo ayebavikela kwabathwala lesi sifo - okwakungamagundane.
amakhasi
BONA ZULU - January 2008
kaBONA athokozisayo
UTSHANI BULUHLAZA NGOBA... bona nezinye izitshalo bune-chlorophyll esebenza lapho kwenzeka i-photosynthesis, nokuyilapho ukukhanya kwelanga kusiza izitshalo zizikhiqizele ukudla kwazo - igama elithi "photosynthesis" lisho "ukwenza into ngosizo lwelanga."
Izitshalo ezingenayo i-chlorophyll zithola ukudla kwazo ngezinye izindlela. Ukwenza isibonelo, ama-mushrooms, ukudla kwawo yizitshalo esezivundile, ngakhoke awakudingi ukukhanya kwelanga ukuze aphile.
AmaMulti-Game
Hlola ulwazi lwakho lolimi. Isithombe yiso esikutshelayo ukuthi yini igama laleyo nto.
MANJE USUYAZI...
...uma kuziwa ngasezinsaleleni ze-mineral ezichithekela emigedeni, lezi ezikhula zibheke phezulu zingama-stalagmites, lezi ezishona phansi zingama-stalactites.
Konke ngama...
Bald Eagle
Anomzimba onsundu, ikhanda elimhlophe, umsila kanye nomlomo ogobile. Le nyoni isetshenziswa njengophawu lwaseMelika.
I-Bald Eagle yinyoni enkulu enomzimba ongubude obungu-70-95cm, umsila ongu-170-240cm nesisindo esingu-3-6kg.
Ukudla ekuthandayo yizinhlanzi ezibambela ngokwayo emanzini.
I-Bald Eagle inyoni enamandla kakhulu ekundizeni engandiza 48km/h iphethe inhlanzi ngomlomo.
Empilweni yoqobo, amaBald Eagle ayashwashwada answininize. Awakhali ngendlela ongawezwa ekhala ngayo lapho uwabona kuma-movie - lokho kukhala kusuke kungokokhozi okusetshenziswa ukuze kuhambisane nomnyakazo.
Kungani izisu zikhala?
ISISU yisicubu somzimba esiyinyama esihlale sinyakaza ikakhulu lapho sigaya ukudla.
Ngeke ukuqaphele lokhu uma isisu sakho sigcwele ukudla. Kodwa uma ulambile, izindonga zesisu sakho ziyaqala zikhuhlane zodwa esikhundleni sokuba zigaye ukudla. Lena iyona ndlela umzimba wakho okutshela ngayo ukuthi kufanele udle.
Uma isisu sakho singenakho ukudla sinamathuba amaningi okuba singenwe wumoya. Lawa mabhamuza omoya azophusheka aye emumva naphambili esiswini "esingenalutho" - kungakhoke ngesinye isikhathi isisu sakho siye sikhale.
AMANDLA KWAWESIFAZANE
AmaBald Eagle esifazane cishe angu-25% ngobukhulu kunawesilisa.
BONA ZULU - January 2008
Yakha igama
Mangaki amagama esiNgisi anezinhlamvu ezine nezinhlanu ongawakha ngasesikhaleni. Oluphakathi (olubomvu) lusebenzise kuwo wonke, ubheke ungalithola yini igama usebenzisa zonke izinhlamvu. Uhlamvu malusebenze kanye.
