ZULU.409.BURIAL
Zimisele!
Ningazenzela kanjani umasingcwabisane
Ukuzisungulela umasingcwabisane womndeni kuyindlela enhle yokuzivikela ezikweletini okungenzeka ningene kuzona uma nizunywa wukufa
indaba nguFORCE KHASHANE
isithombe nguCLIVE THOMPSON
BONA ZULU - October 2005
UKUBA nomasingcwabisane womndeni wenu kunganenza ningabi nokukhathazeka kokuthi wubani onganinika usizo lwezimali lapho kukhona othandiweyo owedlula emhlabeni. Uma lokhu kuqhubeka kahle, lowo masingcwabisane ungaqinisa ubudlelwane phakathi kwamalungu omndeni.
Nakhu okunye okufanele ukubeke engqondweni lapho uqala nalapho usuqhuba uhlelo lwenu lokonga...
Ukwethembeka nokuzihlonipha kuzoletha ukuzinza enhlanganweni. Labo abaphethe ikilabhu kufanele bakhuthaze bakwazi nokwamukela ukugxeka okwakhaya ngenhloso yokwenzela inhlangano okungcono.
Hlalani nikhumbula njalo ukuthi ningumndeni ukuqophisana nokungaboni ngaso linye akufanele kuvumeleke.
Amalungu omndeni anezimpawu zobuholi yiwo okufanele niwakhethe kuqala uma sekuziwa ngasekutheni ngobani okufanele baphathe le kilabhu yokonga. Kodwa bayodinga ukwesekwa ngamanye amalungu omndeni, okufanele nawo azithathe njengabantu ababalulekile hhayi nje abangabagibeli.
Labo abakhethiwe ukuba baphathe izikhundla ezisemqoka neziyingcuphe ezifana nokuba ngumgcini-mafa, usihlalo nonobhala kufanele bathembeke babone nesidingo sokugcina amarekhodi ayikho, wonke amalungu abe nawo.
Abaphathi behhovisi bale nhlangano yomndeni, kungaba ngusihlalo, unobhala, umgcini-mafa namanye amalungu okwengeza amabili asekomitini eliphezulu aqokwa amalungu omndeni minyaka yonke.
Wonke amalungu kufanele abe nezwi ezingxoxweni zokubonisana ekuthatheni izinqumo ngemithetho ezolawula inhlangano. Wonke amalungu kufanele athokozele amalungelo alinganayo kanti futhi adinga ukuba wonke akusayinele lokho akuhlongozile.
Imali ekhokhwayo kufanele kube yimali wonke umuntu ongayimela. Ukukhula kwesibalo samalungu kungasiza ekwehliseni imali ekhokhwayo njalo (premiums).
Imithetho okuqondwe ngayo ukuqondiswa kwezigwegwe kulabo abanhlanhlathayo kufanele iphoqelelwe. Kufanele futhi kube nemali ekhokhwayo lapho kuhlawuliswa abangenasizathu esiphathekayo ngokungabikho kwabo emhlanganweni noma ngokujwayela ukufika emva kwesikhathi.
Imali eqoqwe ngale ndlela, ngeyenhlangano. Empeleni, ukuhlawulisana ngemali iyona ndlela yokuqoqa ezinye izimali zenhlangano.
Ibhange iyona ndawo enhle yokubeka izimali. Bheka izindlela ezihlukahlukene zokulondoloza imali ukuze uthole ukuthi iyiphi ezonilethela inzuzo.
Imihlangano yazinyanga zonke yokuqoqa imali ekhokhwayo ibalulekile. Yonke imali eqoqwayo kufanele ikhokhwe zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa kuthi labo abangaphumeleli ukubambelela kule mithetho, bahlawuliswe kanzima. Ikhaya loyedwa kwabaphethe ihhovisi kuyofanele liqokwe njengehhovisi elikhulu nokuyilapho kukhokhwa khona izimali. [z]
