zulu.403.yourlifeguide_career_2
UKUBHALA
I-CV
Ukufaka isithombe
Abanye bathi ukufaka isithombe sakho kwiCV izoyenza ivelele.
Ngabe kufanele ngikwenze? Ukufaka isithombe sakho mhlawumbe ngeke kube namthelela kubaqashi abafuna ukunika bonke abantu ithuba elilinganayo ngaphandle kokubukeka kwabo, kusho iWebsite my-cv.net. Ukubukeka kwakho akubalulekile ekukutholeleni umsebenzi.
Kodwake imisebenzi efana nokumodela, ukudlala ezithombeni nokuba ngumsizi emabhanoyini - kungadinga mhlawumbe ukuba uthumele isithombe.
Umthetho omile ngothi thumela isithombe uma uceliwe ukuba ukwenze lokho.
Enza ngendlela eyiyo: "Uma uceliwe ukuba uthumele isithombe sakho, qiniseka ukuthi ubukeka kahle," kusho uDeborah Gage ongomunye wabaqashi kwi-agent eqashayo.
Uma ungowesimame faka i-make-up kancane. Uma ungowesilisa, shefa uma kunesidingo.
Kungcono futhi ukuba yisithombe owasithatha ugqoke kahle. Ungathumeli isithombe sakho owasithatha useholidini ebhishi ushaye izibuko ezinkulu.
Ama-font amahle
Maningi ama-font ongawasebenzisa uma u-typer iCV yakho. Ama-font angumndeni wezinhlamvu zamagama. I-font ngayinye - noma umndeni - unokubukeka kwawo. Ukwenza isibonelo, i-font esetshenziswa kuBONA yiyo lena ebizwa ngokuthi yi-"Arial".
Kufanele ngikwenze? Bambelela kwi-Arial noma i-Times New Roman. Uma unomuntu okwenzela iCV yakho, mtshele asebenzise lawa ma-font nokuyiwona kuphela (afika nawo wonke ama-PCs).
Enza ngendlela eyiyo: I-font oyisebenzisayo akufanele ibe ncane kuno-10 points futhi ingabi nkulu kuno-12-points:
Ukwenza iCV yakho ibukeke kahle
Abanye abafuna umsebenzi baye bacabange ukuthi ukuhlobisa amaCV abo ngezithombe ezinhle nangemihlobiso, iyona ndlela.
Kufanele ngikwenze? Cha! Lokhu ngeke kukhombise umqashi noma i-agent yokuqasha ukuthi ungumuntu owufanele lo msebenzi. Kunalokho, kungabacasula kubenze mhlawumbe bayeke ngisho nokubheka iCV yakho.
Enza ngendlela eyiyo: I-CV yakho kufanele icace ingabi nama-cartoons noma imidwebo yama-rainbow. Sebenzisa iphepha elimhlophe kuphela.
Ulimi olungajwayelekile
Uyakholwa noma cha, abanye abantu bacabanga ukuthi ukusebenzisa ulimi lwamaSMS kuzokwenza ubukeke uhlakaniphile.
Kufanele ngikwenze? Cha! Ngisho nasencwadini ehambisana neCV yakho imbala. Gwema futhi izifingqo zamagama (abbreviations).
Enza ngendlela eyiyo: Bingelela ngokuyikho, kanjalo nesiphetho - ngokusho kweWebsite ethi: usingenglish.com.
Ukwenza isibonelo, isibingelelo kufanele kube nguDear Sir noma Dear Madam hhayi ukuthi Hi noma Howzit noma Eita.
Vala incwadi yakho ngokuthi Yours faithfully (uma ungalazi igama laloyo muntu) noma Yours sincerely (uma ulazi igama laloyo muntu).
Uma umqashi esebenzise izifingqo zamagama, wena sebenzisa indlela elula, kodwa usebenzise amatemu afanele lapho kukhona okuchazayo.[z]
Indaba: Umthombo wangaphakathi
UMSEBENZI WAKHO
OKUDINGEKAYO
I-CV echaza okubalulekile. Amakhasi amabili anele.
Incwadi ehambisana nayo echaza ngamakhono akho.
Ungawasebenzisi amagama afana no-managed, implemented, obtained, efficiently, effectively no-contributed.Asesetshenziswe aze alahlekelwa yincazelo futhi awasadonsi muntu.
OKUNGASENASIDINGO
Ama-CV abhalwe ngesandla.
Ukubhala ngezinto ozikhonzile, nokuvame ukuba kube yizinto ozakha ngokwakho.
Ukuqamba amanga ngemiphumela yakho.
Imithetho yokuhlanganisa iCV ihlale ishintsha. Bhala iCV yakho uzibeke ethubeni lokuphumelela uma usufuna umsebenzi
