zulu.400.missing
BONA – August 2005
Izihlobo Ezidukelene
BONA ZULU – June 2006
Ufuna ukuthintana nomngani noma umuntu womndeni enikade nadukelana naye? Sithumelele imininingwane yabo, mhlawumbe singakusiza ubathole.
Ikheli lithi: BONA/Missing, Box 32083, Mobeni, 4060. Ungakhohlwa futhi wukusinika igama lakho nekheli!
Ubaba uZeff Dlamini waseBergville, wayesebenza esikoleni ngeminyaka yo-50.
Xhumanani noSibongile Mabaso, Box 969, Umdloti 4350;
cell: 082-812-7463.
UMshelly Petros noShongwe Joseph Nkosi. Udadewabo u-Emma Catherine Nkosi, uthanda ukubabona. Umama wabo ngu-Elizabeth Thukununu.
Xhumanani no-Emma Catherine Nkosi, 444 Twelth Street, Bethal, 2309;
tel: 017-647-2382,
cell: 076-865-5698.
Ubaba uThulani Lazaros Dlamini, engagcina ukumbona ngineminyaka emibili. Igama lami nginguLwandile Gcaki.
Xhumanani no-Eugeolia,
cell: 073-105-3502.
UJoseph Msunduzeni Mkhwanazi waseMtubatuba, owayehlala eThekwini ngo-1984.
Xhumanani noNobuhle noSibongile Mkhize, 154 Morcom Road, Prestbury, Pietermaritzburg, 3201;
cell: 084-464-6581. [z]
Umntwana wami uSibusiso Charles Ledwaba kanti uyise nguPatrick Malesela Ledwaba.
Xhumanani noFundiswa Mgayi, Box 1346, Kwalugedlane, 1341;
cell: 072-240-4769.
UDudu Mpiyakhe Zwane, owayehlala eMndeni.
Xhumanani noNkosinathi Ngubane, Modderbee Correctional Services, Private Bag X1045, Benoni, 1500.
UBongani Nkosi, owayehlala eSt John’s Apostolic Faith Mission wahamba ngo-2004.
Xhumanani noThabile Sihlongonyane, Box 4224, Mbabane, Swaziland;
tel: 09268-636-9332.
Umngani wami u-Ayanda Adonis Jantjies, ngagcina ukumbona ngo-2002 eLeeuwkop Prison.
Xhumanani noSifiso Ndlovu,
cell: 083-743-2687.
UNomvuselelo Mabengu, udadewethu owagcinwa ukubonwa e-Orange Farm, eGoli.
Xhumanani noBusiswa Mabengu, Box 570, Flagstaff, 4210;
cell: 073-651-8666.
Indodana yami uMluleki Nkabinde Mthana Siphika, oneminyaka engu-33 unesibazi ebusweni. Wahamba ekhaya eya eThekwini ngo-1985.
Xhumanani noNomvuselelo Siphika, 6013 Ramaposa Village, Stroundall, New Brighton, Port Elizabeth, 6001.
UMantombi Margaret Mampinga Somyalo waseMpumaze, kukholakala ukuthi useThekwini.
Xhumanani noSiphiwo Somyalo, Box 14, Mpumaze Ridge, 5180;
cell: 073-967-7070.
UBulelwa Goniwe, wahamba ekhaya ngo-1975 eyofuna umsebenzi eGoli.
Xhumanani noTeresa Somkazi Kaleni,
19 Pitlochry Road, Bakoven, 8005;
tel: 021-438-0986,
cell: 073-811-7101.
UMadosene Motene owaziwa ngoMpho Kaqa, wagcinwa ukubonwa eWelkom ngo-1995.
Xhumanani noNonkosi Qhwema odume ngelikaLucia Motene, M29B Polla Park, Humansdorp, 6300;
cell: 076-204-1531.
Sabelo Ngani noma Ngoni, wayesebenzela iphephandaba Imvo e-East London ngeminyaka yo,80’.
Xhumanani noNolusindiso kwethi: 076-318-7141.
Udadewethu uNodabephi Evelin Ndamane-Ngqwala, engagcina ukumbona ngo-1967 eRouxville budebuduze naseWorcester. Kukholakala ukuthi useSterkstroom.
Xhumanani nabakuleli kheli: 55613 Shuping Square, Batho, Bloemfontein, 9323
cell: 073-165-0899 noma 084-791-9316.
Abafowethu ababili uMonde Lennox noMtundzi Maxwell Msindo, bagcinwa ukubonwa eMitchell’s Plain. Umama wabo usanda kwedlula emhlabeni.
Xhumanani noPatiswa P. Msindo, Buwa JSS, Box 32, Mount Frere, 5090;
cell: 073-801-7911 noma 083-717-5981.
BONA – August 2005 101
