zulu.3.bongani
indaba nguDOUG GORDON
UBongani Nchang uphawula ngothando, ucansi nokuzithiba
Ngabe kuhle ukuzithiba"
Yebo!
UBONGANI NCHANG oyisihlabani seMalaika usezoshada emva kokuzithiba iminyaka emibili. Ukubheke ngabomvu ukushada. "Bekunzima. Sibasha futhi siyathandana kodwa sifunde okuningi ngothando ngokuthi sizithibe," kusho yena.
UBongani oneminyaka engu-30, wakhetha iNkosi ngo-1997 lingakadumi leli qembu acula kulona noJabu kanye noTshedi. I-Malaika isidayise ama-albhamu angu-600 000 yahambela namazwe omhlaba. Kodwa uBongani uyagcizelela ukuthi ukuzinikela kwabo kuNkulunkulu kwenze bangazihlanganisa nezidakamizwa baphepha nakubalandeli abafuna ukuya nabo ocansini.
"Ngesikhathi ngifika eGoli ngisuka eKlerksdorp ngenhloso yokuzakhela igama emculweni, ngangizibona lezi zinto zenzeka," kusho uBongani. "Kodwa mina noJabu sasebenza ngokubambisana saxhumana noNkulunkulu - sasihlala mahhala emishini sikhokha ngokusebenza esontweni.
"Esasikholelwa kukona kwasikhuthaza ukuba sicule. UNkulunkulu Wayenenjongo ngathi esasizimisele ngokuyifeza."
UBongani wahlangana nesithandwa sakhe ngo-2004, ngesikhathi iMalaika iqala ukuduma. UNthabiseng Mphela uyisiphathimandla sezokuxhumana emnyangweni wezemvelo nezokuvakasha. Bahlangana ekhonsathini laleli qembu elaliseGarankuwa lapho kudabuka khona uNthabiseng.
Ukuthandana kwabo
"Sathandana siqala ukubonana kanti ngaleso sikhathi izinto zazingasihambeli kahle sobabili ngakwezothando singakayicabangi eyokubheka engxenye.
"UNthabiseng wayengakazi ukuthi ngiyacula ngaleso sikhathi. Kwathi lapho esengibona esteji wamangala kakhulu. Wayengathandi ukuthandana nomculi kanti saqala ngokuba abangani saze sathandana sesikulungele ukuba sothandweni," kusho uBongani.
Indodana yabo u-Onthatile ("UNkulunkulu Uyangithanda") yazalwa ekupheleni kuka-2005 emva kokugula kukaBongani.
Ngo-2005 akakwazanga ukuhamba neMalaika eyayiyocula e-Europe ngoba kwadingeka ukuba ayohlinzwa inhliziyo.
"Kuyakhulunywa uma kugula abaculi abadumile. Mina nganginamahlule kwelinye lamashubhu asenhliziyweni. Kwadingeka ukuba ngiphumule amasonto ambalwa ngabuya sengingumqemane," kusho yena.
"UNkulunkulu wangisindisa kanti kwakusemahlombe ami ukuba ngimbonge ngothando Lwakhe ngokunikela konke okwami Kuye."
Kwakungelula, ikakhulu kuNthabiseng owayeneminyaka engu-22 ngaleso sikhathi esanda kubeletha. "UNthabiseng wasithola singelula isinqumo sokuba sihlale ngokuzithiba. Kodwa sakhuleka sacela ukulalela iZwi leNkosi. Ngangilala naye kodwa kungangifikeli ukuba siye ocansini," kusho uBongani.
Ukukhetha inkanuko nocansi njengokusho kweBhayibheli kufana nokubambelela entanjeni. "UNkulunkulu uyakuxolela uma kwenzeka ulingeka ngokuya ocansini," kusho uBongani, "kodwa ngabona ukuthi ukuhlala kwethu ngokuzithiba kwaluvuselela kakhulu uthando lwethu."
Bahlala ngokuhlukana
Lezi zithandani zathatha isinqumo sokuhlala ngokuhlukana zize zishade. "Ucansi lwenza ukuba ningagxili ezintweni ezibalulekile othandweni kanti ngaphandle kocansi sifunde okuningi ngathi. Esikhundleni sokuya ocansini besithintana sangane sixoxe ngothando lwethu isikhathi eside.
"Saqala ngokuba abangani abagcina bethandana, manje sesiphindele ekuqaleni."
UBongani wakubeka kwacaca ukuthi ukudalula kwakhe izindaba zakhe zothando akusiyo ingxenye yokuthuthukisa iCD yeMalaika entsha.
Akazwani nabaculi abakhumbula uNkulunkulu ngoba befuna ukudayisa umculo wabo.
"Impumelelo yeMalaika yakhelwe phezu komkhuleko kanti sisazoqhubeka nalokho," kusho yena.
"Angizwani nabaculi okuthi uma kunemicimbi yama-awards basukume babonge uNkulunkulu ngokunqoba kwabo.
"Sekufana nesiqubulo abasikhohlwayo uma bengasekho esteji."
Akahlosile ukuthi ngempilo ayiphilayo kubandlululeke abalandeli beMalaika abasaphila impilo esheshayo.
"I-CD yethu yokugcina yadayisa amakhophi angu-50 000 emva kwezinsuku ezimbili ikhishiwe. Umculo wethu uzikhulumela wona. Abalandeli bethu nabo bayazithiba ocansini - lokho kuhambisana nemikhankaso yokuqwashisa nge-AIDS exhaswe yithina sonke." [z]
Bekunzima, kusho uBongani weMalaika, kodwa kuningi esesikufundile ngothando ngokuthi sizithibe. Isikhathi sokulinda sesiphelile sesizoshada...
BONA ZULU - July 2007
BONA ZULU - July 2007
"Abalandeli bethu bayazi ngokubaluleka kokuzithiba ocansini," kusho uBongani.
