zulu.38.bec success-tips
NGESINYE ISIKHATHI AMATHUBA AVULEKA LAPHO UNGAWALINDELE KHONA!
UMIMMI Biggar bamfuna ubuthaphuthaphu emicimbini eminingi ukuba azokuba yisikhulumi. Njengamanje uyi-PR ne-technical manager yabeBlack Like Me, kanti unamasaluni amabili.
BONA ZULU - April 2006
Eminyakeni engu-10 eyedlule, uMimmi wayesebenza njenge-technician, efundisa abanini bamasaluni nochwepheshe bezinwele - wabona ukuthi naye angazenzela imali ngokwakhe ngokuzivulela elakhe ibhizinisi. Wavula isaluni yakhe yokuqala eWest Rand ngemali engu-R10 000 nangosizo olukhulu labomndeni nabangani. Ngenyanga yokuqala wenza inzuzo ka-R2 000. Emva kwalokho iSalon Xcellence yaba ngenkulu impumelelo.
Ngabe kwaqala kanjani"
Taste the Soul of Africa... Taste Success with Mageu Number 1
IMIKLOMELO iMageu Number 1 Small Business Awards yenzelwe ukukhuthaza ithuthukise abafundi bakwaBONA kwezamabhizinisi.
Lo mncintiswano waqala ngo-October nyakenye kanti uzophela ngo-October kulo nyaka. Abaphumelele zinyanga zonke, bazovela kuBONA. Abawinile bayomenyezelwa emcimbini ophambili oyoba seGoli ngoNovember kulo nyaka.
Ungakhohlwa wukuchwaneka i-barcode emngenelweni wakho ngamunye ufake nayo yonke imininingwane yakho.
Sazise futhi ngebhizinisi lakho - njengezinto ezifana nosayizi walo, indawo oliqhubela kuyona, nokuthi lenzani. Udayisa ukudla, une-spaza, nanoma yini oyenzayo"
Amafomu okungenela neminye imininingwane ngale miklomelo angatholakala kule Website yethu:
www.empowermentclub.co.za
Ukuze uthole ikhophi ethunyelwe nge-fax, shayela kule nombolo:
011-883-8829.[z]
Waqala kanjani uMimmi"
Izeluleko zakhe...
1. Bheka indawo okudlula abantu kuyona. Ibhizinisi elicashile ngeke liwadonse amakhasimende.
2. Kubalulekile ube nezinto ezikahle zokuqhuba umsebenzi, uphathe amakhasimende ngendlela yobuchwepheshe.
3. Yiba nabasebenzi abaqeqeshiwe.
4. Qaphela amanani akho.
5. Azi ngezinguquko ezenzeka ezimakethe.
6. Qaphela imali yakho!
7. Kuthande okwenzayo.
BONA ZULU - April 2006
