zulu.1273.BEC success-tips
Udaba lwethu lwempumelelo
Onodaba lwempumelelo kule nyanga futhi owafinyelela kumafayineli eMageu Number 1 Small Business June 2006, nguRebecca Nametso Ruiters.
INKAMPANI yakhe kuthiwa yiTlhabologang Fashion & Design School kanti yasungulwa ngo1997. URebecca wafinyelela kowamanqamu kwi-Expo Fashion competition ngo-1996 nango-1997 kanti nguye owabashaya emakhanda kwiSowetan Money Matters competition.
Nakhu okutholakala esikoleni sakhe:
● Fashion designing
● Fashion illustration
● Dressmaking
● Curtain designing
● Bedding
● Business management
● Fashion drawing
● Curtain making
● Making toilet and kitchen sets
● Quilting comforters
● Bridal wear designs.
BONA ZULU – October 2006
URebecca ethola isheke lakhe kuDorah Ditshwene.
I-TLHABOLOGANG FASHION & DESIGN SCHOOL INALEZI ZIFUNDO:
R1 450 umuntu emunye ezifundweni ezithatha izinsuku ezinhlanu
Bhuka ngokushayela uRebecca Nametso Ruiters kule nombolo: 011-836-2577[z]
Okwase-kamelweni okuse-sitayeleni
SEKUPHELE cishe iminyaka engu-30 abakwaPres Les behlobisa amakhaya amakhasimende abo aseMzansi we-Afrika ngezingubo zokulala zekhwalithi ephambili.
UPres Les unama-sales consultants angaphezu kuka-7 000 kulo lonke elaseMzansi we-Afrika nokungabantu abathandayo nabakuthokozelayo ukutshela abangani nabemindeni ngomkhiqizo wakwaPres Les.
Iningi labathengisi babo asebephumelele laqala umsebenzi walo wokudayisa khona lapha kwaPres Les.
Manje sebeyakwazi nokuba bathole izinto ababekade bephupha ukuba nazo.
UPres Les ukunika ithuba lokuba uzicijele umsebenzi wakho. Ukuzinikela kwakho yikho okushoyo ukuthi kufanele uhole malini, nguwe futhi ozisholoyo ukuthi uzosebenza amahora amangaki. Into nje oyidingayo yisikhathi nokuzinikela ngomdlandla. UPres Les ukunika izinto ozokhombisa ngazo kanjalo ukuqeqeshele ukuthengisa ngemali encane.
Bashayele kule nombolo yabo yamahhala 0800-002-443 – ubanike imininingwane yakho yokuthi bangakuthola kuphi. Bazobe sebekuxhumanisa nemenenja yesifunda sangakini.
Taste the Soul of Africa… Taste Success with Mageu Number 1
IMIKLOMELO iMageu Number 1 Small Business Awards yenzelwe ukukhuthaza ithuthukise osomabhizinisi abancane phakathi kwabafundi bakaBONA.
Lo mncintiswano uzothatha izinyanga ezingu-12 njengoba waqala ngo-October 2005 kuzoze kube ngu-October 2006.
Abafinyelele kumafayineli zinyanga zonke bazokhishwa kuBONA. Abawinile bazomenyezelwa emcimbini omkhulu eGoli ngoNovember 2006.
Ungakhohlwa wukufaka nesigqebhezane esine-barcode yeMageu Number 1 emngenelweni wakho ngamunye bese ufaka nemininingwane yakho.
Kuzodingeka usazise nangebhizinisi lakho, izinto ezifana nosayizi, iyiphi indawo oliqhubela kuyona uchaze kancane ukuthi lenzani.
Amafomu okungenela neminye imininingwane ngale miklomelo kungatholakala kwiWebsite yethu: www.empowermentclub.co.za [z]
Ukuze uthole ikhophi ye-fax - shayela kule nombolo 011-883-8829.
BONA ZULU – October 2006
