zulu.389.yourceleb_township
M
UManaka Ranaka weStokvel usikhombise izindawo ayephila kuzona eseyingane wasitshela ngezipoki nemingcwabo
NGANGIDONSWA OKUTHILE
"Ngangingakwazi ukuhlala ngingayi eMofolo Super Bowl. Ungathi kwakukhona into eyayingidonsela khona. Kwakuthi lapho kukhona okwenzekayo khona njengekhonsathi, ngangima ngasocingweni ngibuke esiteji," kusho kuchaza uManaka. Wayeziphupha ngelinye ilanga ekuso leso siteji. Namuhla uBONA wenze lelo phupho lakhe lafezeka!
ILOKISHI LAMI, ISIHLABANI SAMI
ISoweto ka-
anaka
ISIPOKI ESASITHANDA UTAMATISI
UManaka nobaba wakhe owayengumthwebuli-zithombe kaBONA uClifford Ranaka bengaphandle komuzi onamakamelo amane kuMadikoe Street eZone Two eMeadowlands nokuyilapho uManaka azalelwa khona ngo-1979.
Umalume kaManaka uSerame osahlala kuwo lo muzi, usitshele ngesipoki wathi: "Njalo ekuseni sasivuka sithole ukuthi kukhona okungajwayelekile okwenzekile kutamatisi ekhishini."
UManaka wayithatha le ndaba waqhuba wathi: "Kwakunezimbobo kutamatisi kubonakala ukuthi kukhona obekuwumunca, womile ngaphakathi. Ngikhumbula bonke abantu abadala bephikisana bekhombana ngeminwe ngalesi senzo. Ekugcineni bavumelana ngokuthi kusho ukuthi kukhona isipoki.
"Kodwa sasingekho isipoki. Leso 'sipoki' kwakuyimi. Abazali bami babengilalisa phakathi kwabo ebusuku. Ngangivuka ngicathame ngiye ekhishini ngifike ngimunce ujusi kotamatisi."
ISANGO LAKHE
Isango ayevame ukuma kulo abuke okwenzekayo. Abakanye noManaka (kusuka kwesobunxele) ngumzala wakhe u-Ayanda, umalume wakhe uSerame, u-anti wakhe uHenrietta nobaba wakhe uClifford.
IPHALISHI LIKA-KOKWANI
Kusukela eMeadowlands abazali bakaManaka bathuthela elokishini laseMofolo. Lapha lawa mantombazane ayebhasobhwa ngumama ayembiza ngokuthi ngu"Kokwani".
"Engikukhumbula kahle ngaye yindlela ayesifunza ngayo iphalishi," kusho uManaka esimbona lapha esikhombisa ukuthi lo mama wayeqale athele iphalishi esandleni sakhe. "Emva kwalokho wayelihlohlela emlonyeni wakho ngeminwe yakhe," kusho uManaka.
"Kwakuthi uma ungaligwinyanga, avale amakhala akho uhhafu womzuzu ngeminwe yakhe uze uphoqeke ukuba uligwinye. Sasingakuthandi lokhu kodwa sasisutha."
UNGUMHOLI
E-Diepkloof Extension, kulapho umndeni kaManaka wawuqashe khona amakamelo amabili. Kwakulapha eDK lapho uManaka angenwa wuthando lokudlala emidlalweni yeshashalazi emva kokubonana nochwepheshe wezeshashalazi uSaul Rachilo.
"UBaba uRachilo wayesithokozisa esixoxela izindaba esifundisa ukucula nokudansa," kusho uManaka.
"E-DK iningi labangani bami kwakungabafana kuyimi umholi weqembu lethu," kusho uManaka.
"Sasihamba sehla senyuka ezitaladini sivunule ngezomdabu esasizenzele zona sidansa sicula izingoma zeShaka Zulu, okwakuluchunge lweTV okwakudlala kulo uHenry Cele enguShaka.
"Ngangenza konke ababekwenza. Ngemva kwalapho sasihlala khona kwakunendawo eyisigange esasivame ukuzingela khona izinyoni namagundane ngemikhonto yokuzakhela kanye nezihlilingi.
"Ngangidubula ngingageji. Sasibasa umlilo lapho endle sibhraye sidle izinyoni. Ngaphandle kwalokho, odadewethu nami sasizi 'ngcwaba' egcekeni lasekhaya senze iziphambano ezincane esasizihloma phezu kwalawo 'mathuna' emva kokuthandaza," kusho uManaka.[z]
Indaba: Force Khashane
Izithombe: Shaun Smith
IZINSUKU
Inkulisa uManaka nodadewabo uNompumelelo ababefunda kuyona. "Engikukhumbulayo wukuthi ngangineminyaka emihlanu ngikhonze ukudweba. UNompumelelo wayefika njalo ekilasini lethu ekhalela ukuba abe nami afike one umsebenzi wami wezobuciko ngokuba awudwebe ube mahliphihliphi yonke indawo," kusho uManaka.
