zulu.388.parenting
okwabazali
UKUDLELA ababili kusho ukuthi yidla okunomsoco kakhulu kunakuqala uma ukhulelwe. Kodwa lokho kuzoba nzima kakhulu kule nyanga ngoba sizobe sidla izibiliboco zikaKhisimusi. Nakhu okumele ukwazi ukuze ugxile kokunempilo...
Hlela izidlo zakho
Unesikhathi esanele, sisebenzisele ukuhlela izidlo zakho.
Uma kungukuthi bekwenzeka ungasidli isidlo sasekuseni ngenxa yokuba matasa, qiniseka ukuthi uyadla ekuseni.
Uma uqala manje ukujwayeza umndeni wakho ukuthi nidle ekuseni, izikole zizovulwa nonke senijwayele nilekelelane.
Ukudla okunomsoco kuzokunika amandla kusize nasekulawuleni izinga likashukela emzimbeni.
Dlela ukwehlisa isisindo somzimba
Ukudla okunomsoco ukhulelwe kwehlisa isisindo somzimba ngokushesha emva kokubeletha.
Ungakhathazeki uma kukhuphuka isisindo somzimba wakho ngoba ukukhuphuka kwaso kujwayelekile uma ukhulelwe.
Qiniseka ukuthi udla okunomsoco kathathu ngelanga udle okokubamba umoya noma udle amaqoqwana okudla amancane kahlanu.
Ukudla ngale ndlela kusiza ngokulawula izinga likashukela emzimbeni kwenze ungakuhaleli ukudla okunoshukela.
Ukuzilambisa kungenza ukuba izinga likashukela lingalawuleki ugcine usudla ngokweqile.
Yidla okufanele
Uma udla zibuze lokhu, "Ngabe ngidla okufanele"" Leyo iyona ndlela yokuzifundisa ukugwema ukudla uswidi nokudla okungenamsoco. Khumbula ukuthi ingane yakho ithembele ekudleni okudlayo ukuze ikhule kahle.
Amavithamini asiza ekwakheni imisipha yengane nezinye izitho zomzimba wayo okhulayo.
Qaphela...
Utshwala: Ukuphuza utshwala ukhulelwe kudala isifo esibizwa nge-foetal alcohol syndrome. .
Inyama noma inhlanzi engaphekiwe: Amagciwane ayaphila ekudleni okungaphekiwe kanti ungagwema izifo ngokudla ukudla okushisayo okuphekwe kwavuthwa. Gwema ukudla inhlanzi engaphekiwe enjenge-sushi, ugweme nokudla ezinye izinhlobo zezinhlanzi kanye ngesonto.
Inhlanzi ine-Omega-3 fatty acids, kodwa ibuye ibe ne-mercury etholakala olwandle. I-mercury ingaba yingozi emzimbeni kanti kuthiwa yenza ukuba umuntu angakhuli kahle. Qiniseka ukuthi inyama uyipheka ivuthwe.
Ukudla ngokweqile: Kulula ukudla weqise uma usendaweni enokudla. Uma ukhulelwe, ukudla weqise kungadala isilungulelo. Uma ungumuntu ohlushwa yisilungulelo, yidla amaqoqwana okudla amancane usuku lonke.
Ukuphela kwamanzi: Phuza okungenani izingilazi zamanzi eziyisishiyagalombili ngosuku ukuze umzimba ube namanzi kanti ukuwaphuza ukhulelwe kusemqoka kakhulu.
BONA ZULU - December 2007
Ukudlela abangu-
2
Okomama
nobaba....
... akusho ukuthi yidla kuze kweqe
Ngabe uhlushwa wukushisa"
Ehlobo kushisa kakhulu, kanti ukulala kungaba yinkinga komama abakhulelwe. Zama lokhu okulandelayo...
Gwema ukukhathala
Ukukhathala ngokweqile kungaqeda ubuthongo kanti lokho kungaba yinkinga uma kushisa.
Hlala emanzini
Lokhu kwenze ngaphambi kokulala. Qiniseka ukuthi ugeza ngamanzi antukuntuku ngoba abandayo angafudumeza umzimba wakho.
Sebenzisa okukakotini
Ukotini uyapholisa kanti ukahle uma kushisa. Gqoka ama-pyjama kakotini noma i-T-shirt kakotini enkulu.
Izakhamzimba
AmaCarbohydrates: Isitashi, ama-veg, izithelo, irayisi elinsundu.
I-Protein: Inyama ebomvu, inhlanzi, amaqanda, imikhiqizo yobisi, imikhiqizo ye-soya, ubhontshisi nama-legumes.
Owoyela: I-Canola oil, olive oil, amakinati.
siqoqelwe nguTHANDI NXUMALO
Ngabe yi-ADD/ADHD"
Phendula
UNGAKHOHLISWA, i-Attention Deficit Hyperactivity Disorder (ADHD) ne-Attention Deficit Disorder (ADD) yizifo. Lezi zifo zihlasela ubuchopho bengane (noma bomuntu omdala), ibe nomdlandla ngokweqile, ixhamazele ingagxili entweni eyenzayo.
Lokhu kungathikameza indlela ingane ethatha ngayo izinqumo, ukufunda kwayo esikoleni nobudlelwane bayo nabanye abantu.
Uma usola ukuthi ingane yakho inale nkinga phendula le mibuzo...
Ngabe ingane yakho ayikwazi ukuhlala izinze noma ukunaka"
a. Yebo.
b. Cha
Ngabe ayinasineke ayikwazi ukwabelana nezinye"
a. Yebo
b. Cha
Ngabe iyahluleka wukwenza into eyodwa ngesikhathi ithanda ukwenza izinto ezihlukahlukene ngesikhathi esisodwa"
a. Yebo
b. Cha
Ngabe ayikwazi ukudlala nezinye"
a. Yebo
b. Cha
Ngabe ayigxili entweni eyenzayo"
a. Yebo
b. Cha
Ngabe yenza amaphutha"
a. Yebo
b. Cha
Ngabe ivame ukuxhamazela"
a. Yebo
b. Cha
Ngabe ilahla noma ikhohlwe yizinto kalula"
a. Yebo
b. Cha
Uma uphendule ngo 'Yebo'
Ingane yakho inezimpawu ze-ADD/ADHD, kanti kumele uxhumane nodokotela ozoyihlola noma akuxhumanise nodokotela oqeqeshelwe ukwelapha lesi sifo. Lesi sifo singalawuleka uma ingane ithole ukwelashwa ngendlela efanele ikhule, iphile impilo ejwayelekile
Uma uphendule ngo 'Cha'
Kungenzeka ukuthi ingane yakho ayinayo i-ADD/ADHD, kodwa bonana nodokotela uma kukhona okukukhathazayo.
(QAPHELA: Uma ukhathazwa yindlela ingane eziphethe ngayo, xhumana nodokotela ukuze ayihlole. Sebenzisa le mibuzo njengomhlahlandlela. Le mibuzo iyodwa nje ngeke ikunike isithombe esigcwele ngempilo yengane.)
BONA ZULU - December 2007
u
okwabazali
t
5
1 Yigone uyibeke esifubeni unyakaze ungami ndawonye. Izingane eziningi ziyezwana nokuphathwa wumuntu ozonyakaza kanti lokho kuyaziduduza.
2 Yifake kwi-pram yayo uyiphushe iye emuva naphambili uma usendlini. Uma izulu lilihle phuma nayo nishaywe wumoya.
3 Gwema ukuyishushuzela kuze kweqe. Uma ubuchopho bayo bugqilazekile, iyakhathala, ingazumeki ikhale. Uma nihlangene ningumndeni, ungavumi ukuba iphathwe abantu abaningi ngoba izokhathala ikhale. Cela ukuba bayinike isikhathi sokuphumula.
4 Phulula isisu sayo usebenzise i-baby oil. Yigcobe uzungeze isisu. Lokho kungasiza ngokukhipha umoya esiswini sayo.
5 Yinike idamu. Abanye abazali abalifuni kanti odokotela bathi lingathikameza ukumila kwamazinyo - kodwa ezinye izingane ziduduzwa yilona. Uma usebenzisa idamu, qiniseka ukuthi lihlanzekile uzame nokuyiyekisa lona ingakabi nonyaka izelwe.[z]
IZINDLELA ZOKUTHULISA INGANE
okwabazali
t
