zulu.380.motivation
Khetha iqhawe
lakho ukuze
ube nonyaka omuhle
Sonke siyaludinga usizo empilweni yethu. Abantu abangamaqhawe ethu basiza lapho. Ukuzikhandla nokuzinikela kwabo kuyasikhuthaza kusinike amandla okwenza izinto
esizoziqhenya ngazo...
SIYAKUKHUTHAZA
SONKE sinabantu abayizibonelo ezinhle kithina. Abantu esibathathisa okwamaqhawe ethu. Kungenzeka ukuthi lowo muntu uyisihlabani, umlingisi noma umdlali webhola, noma kube wumuntu esimaziyo osondelene nathi. Labo bantu bayasikhuthaza. Basinika umkhondo wento esingayenza. Ubuhlakani babo buyasiqondisa. Sifunda - noma sizwe ngezinselelo ababhekana nazo ezisinika amandla okubhekana nezinkinga zethu.
Yingakho nje sithi laba bantu "bayizibonelo ezinhle." Ngala mazwi singasho ukuthi laba bantu sifunda kubona. Ngokuba yisibonelo esihle amaqhawe ethu asikhombisa izinto okumele sizenze, indima esingayidlala empilweni.
Kodwa kumele siqaphele uma sikhetha amaqhawe ethu...
Uma ukhetha iqhawe ofuna ukuhamba ezinyathelweni zalo, zibuze lokhu kuqala: yini eyenza umbone eyiqhawe lowo muntu?
Khumbula ukuthi umuntu oyisibonelo esihle wenza izinto ezinhle! Lo muntu angakusiza ukuze uzithuthukise!
Okwesibili okufanele ukwenze wukuzihlolisisa. Yini onamandla okuyenza? Yini ongenamandla okuyenza? Yikuphi ofuna ukukulungisa empilweni yakho? Yikuphi ofuna ukukushintsha?
Isibonelo, kungenzeka ukuthi ungumuntu onamahloni. Yinto yokuqala ongathanda ukuyishintsha. Kodwa kanjani? Umuntu oyiqhawe lakho ungena lapho. Kungenzeka ufunde ngomuntu olingisayo owayenamahloni engakabi ngumlingisi nokuthi wawaqeda kanjani amahloni akhe. Lowo muntu uba yisibonelo esihle kuwena.
Kodwa umuntu oyiqhawe lakho kungenzeka angadumi. Kungaba wumuntu omaziyo, onolwazi wena ongenalo.
Akunankinga ukuba nabantu abaningi abayisibonelo esihle kuwena. Akekho umuntu ofana nawe kanti ngeke ukhuthazwe umuntu oyedwa. Khumbula ukuthi akufanele uzikhohlise. Uma ungenalo iphimbo elimnandi, mancane amathuba okuba wumculi ocula umculo woKholo odumile emhlabeni. Kungcono ubheke ukuzethemba komculi omthandayo, noma ukuzinikela kwakhe entweni ayenzayo ukhuthazwe yilezo zinto kufezeke amaphupho akho.
U-Oprah Winfrey oyisibonelo esihle kwabaningi ubeka kahle uma ethi: "Ungazami ukuba ngu-Oprah. Ngeke ulunge. Yenza onamandla okukwenza!" [z]
Indaba: Neliswa Mzimba
U-Jonathan Butler uthathwa njengomuntu oyisibonelo esihle ngoba ungumuntu ophumelele phezu kokukhula empofu.
U-Oprah uyisibonelo esihle kwabaningi emhlabeni.
QAPHELA!
Qaphela "ungenzi abantu izithixo zakho" uze ubabone bebaluleke kakhulu kunalokho abayikona - noma ulindele lukhulu kubona. Uzophoxeka. Ungamniki umuntu amandla angaphezu kwawakho. Uma ukhetha umuntu oyisibonelo esihle kuwena ukhetha akwenzayo okudinga ukuze uphumelele noma ube ngumuntu ongcono.
