zulu.372.project
Amakhasi ephrojekthi
kaBona
BONA ZULU - October 2006
Imali ibalulekile emhlabeni
Wonke umuntu ufuna ukuceba, kodwa akuthina sonke esinamathuluzi nolwazi lokuba sizakhele umcebo wethu. Uma abazali bakho bekunika R100 ozowudla ngenyanga, ngabe ungayidla yonke noma mhlawumbe
unga-yibeka uyibekele into ozimisele ngokuyithenga- Kulolu shicilelo siniphathele izindlela zokuphatha imali.
Lolu lwazi lucashunwe ochungeni lweMaths TODAY olushicilelwa ngabakwaMaskew Miller Longman. Uchunge lweTODAY luthinta konke kusukela kuGrade 7 kuya kuGrade 9.
Ukwenza ibhajethi
Ukukwazi ukuphatha imali yakho kusukela usakhula, kukwakhela isisekelo sokuba ukwazi ukulawula imali ngempumelelo esikhathini esizayo.
Ukuzidwebela uhlaka lwebhajethi (ubambelele kuyo) yisinyathelo esihle.
Qaphela: Ibhajethi lapho izindleko zakho zidlula imali engenayo, lokhu kuyinkomba yokuthi uphila
ngaphezu kwemali ekungenelayo nokuthi usezinkingeni zezezimali.
Ngabe uyazi ukuthi ibhajethi yabazali bakho
injani- - isikweleti sikagesi, esocingo,
esendlu, esamanzi, imali yesikole,
eyokudla, eyezimpahla zasendlini,
eyemoto, uphethiloli nezingubo zokugqoka, abayikhiphela impesheni,
eyomshwalensi, eyokuzithokozisa nokunye.
Iyini ibhajethi-
Ibhajethi wuhlu lwezinto eziyinzuzo ozihlelile
kanjalo nezindleko.
Kuzo zonke izinto ozidingayo, zingaki ozifuna ngempela-
Kulungele izingane
zeminyaka
engu-8-14
Ngokukwazi ukuzibamba okuncane, nawe ungakwazi ukuba wongele izinto ozifunayo!
Ongela isikhathi esizayo
Kufanele sonke sizame ukonga, kusuka emalini esiyiholayo ukuze sikwazi
ukukhokhela ezinye izinto - njengamaholidi, izipho namaCD - kanjalo nezindleko eziqhamuka zingalindelekile - njengokuzithola usunethwa yimvula
ungenasambulela noma ijazi lemvula.
Qala wonge namuhla. Amabhange amaningi anezindlela zokonga ezifanele
ikakhulu isizukulwane esisha.
Kungani ungavakasheli ibhange eliseduze nawe uvule i-akhawunti yakho-
Siphisana ngamakhophi amasha amahlanu eMaths Formulas Pocket Book.
Thumela imininingwane yakho kuleli kheli:
Maths Giveaway
Maskew Miller Longman
PO Box 396
Cape Town
8000
Ungakhohlwa wukufaka igama lakho, ikheli, inombolo yocingo negama lesikole sakho.
BONA ZULU - October 2006
Umtitilizo!
