zulu.370.triviamay
Kungani ugwadule lomile"
UGWADULE lutholakala ezindaweni ezine-air pressure ehlala iphezulu. Uma i-air pressure iphezulu kusho ukuthi isimo sezulu sizoba kahle ngoba umoya usuke womile. Ogwadule umoya uhlale womile.
Liyana ogwadule kodwa alini kakhulu - kuna imvula engu-25cm ngonyaka - zikhona izitshalo nezilwane ogwadule.
Uma kwenzeka lina, kuba isihlambi esisheshe siphele. Amanzi asheshe angene enhlabathini ahlale ngaphansi aphakele imithombo nezindawo ezivundile ogwadule ezinamanzi.
PIN ENGLISH: an oasis is a fertile spot in a desert where you'll find water. The plural of oasis is oases. (An oasis can also refer to a place or time of calm in a troubled period, as in "With all this trouble going on, my house has become an oasis, where I can go and relax.")
Bheka ufunde
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
BONA ZULU - May 2006
Isithombe sikunika impendulo ozoyibhala esikhaleni esingenalutho
GREAT STOCK!
Ihlathi
lemithi eqinile elisogwadule eNorth America, lingahlala izinkulungwane zeminyaka!
Imililo yamadlelo isha ibhebhetheke endaweni ekhuphukayo kuneyehlelayo.
Ubude beNile River bungu-6 695km nokuyinto eyenza ibe ngumfula omude kunayo yonke emhlabeni.
I-Puzzle yezithombe
Amahlengethwa (dolphins) awasiyo inhlanzi, ayizilwane ezincelisayo ezihlobene nemikhomo. Igama elithi "dolphin" lisuselwe kwelolimi lwesiGreek elithi delphis elisho "inhlanzi enesibeletho."
Sinezinhlobo zamahlengethwa ezingu-40. Isisindo sawo siyashiyana kanti kukhona angu-1,2m kuya ku-9,5m nangamathani angu-10 ase-Orca. Atholakala emhlabeni wonkana kanti adla izinhlanzi nama-squid.
Kuthiwa amahlengethwa ahlakaniphe ukuzedlula zonke izilwane. Ososayensi bathi ahlakaniphe njengezingane ezineminyaka emibili.
Akekho owaziyo ukuthi kungani ethanda ukugxuma phezu kwamanzi kodwa ngokososayensi lokho kwenza akwazi ukubona izinhlanzi. Kungenzeka futhi ukuthi ngale ndlela asuke exhumana namanye - noma ezidlalela!
Amahlengethwa ayakuthanda ukudlala kanti avame ukudlala ngokhula lwaselwandle noma wodwa.
Dolphins
Landela imicibisholo ugcwalise izikhala
BONA ZULU - May 2006
GREAT STOCK!
Nge-17th Century abantu baseJapan babenga-vunyelwe ukuphuma ezweni labo. Wawubulawa uma ubanjwe ungena noma uphuma ngaphandle kwemvume.
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
AmaMulti-Game
BONA ZULU - May 2006
NGEKE ungaziboni izithombe zemifanekiso yabantu uma uqalaza edolobheni noma epaki. Eziningi ezabantu abagibele amahhashi. Uthi bewazi ukuthi indlela lelo hhashi elimi ngayo ikutshela okuningi ngoligibele"
Uma imilenze yalowo muntu oligibele ilenga, kusho ukuthi wafela empini. Uma ihhashi liphakamise umlenze owodwa wangaphambili, oligibele wafa ngenxa yamanxeba awathola empini. Uma lingaphakamise milenze, umgibeli wafa egula.
CLIVE THOMPSON
Bheka ukuthi ulimi lwakho ulwazi kangakanani. Yisithombe esizokunika impendulo, yini esesithombeni"
Uthi bewazi...
ukuthi akulula ukuthimula uvule amehlo"
Kuwinani uma kulwa inyoka nenyoni"
Yizinyoni ezinkulu eziwinayo uma zilwa nenyoka. Kukhona izinhlobo zezinyoni ezizingela izinyoka. Inyoni ayivamile ukulunywa yinyoka ngoba inezimpaphe eziyivikelile.
CLIVE THOMPSON
Beka ngokuyikho
Imigqa yekhala lenja isetshenziselwa ukuthola uhlobo lwenja kanti abantu basebenzisa eyeminwe!
E-Oklahoma uhlawuliswa imali noma uboshwe uma usabisa izinja.
Izinhlangothi zedayisi ezingafani zenza
u-7 uma uzihlanganisa!
Hlela la magama ngendlela efanele
Ungubani"
"Uneminyaka eyevile kwengu-40 kodwa akagugi. ElaseMelika elaqhamuka nomqondo wokuba akhiwe kodwa "wazalelwa" eJapan emva kweWorld War II. Namuhla usezelwe kabusha njengoba kwakhiwa ababili ngomzuzwana, abangu-60 million ngonyaka kanti utholakala emazweni angu-140 emhlabeni. Ngabe ungubani"
!NguBarbie, ithoyizi elingenisela inkampani yalo yakwaMattel Corporation eseCalifornia ama-dollar angaphezulu kwe-billion ngonyaka!
BONA ZULU - May 2006
