zulu.1271.rose
I-RUGBY
Bayawuthanda umdlalo we-rugby
ILOKISHI laseMdantsane phakathi kwe-East London neKing Williams Town, lingelesibili kwamakhulu eSA – kungenzeka ukuthi lokho uyakwazi. Okungenzeka ukuthi awukwazi – ikakhulu uma kungukuthi ubukholwa wukuthi abamnyama baseSA bathanda umdlalo webhola kuphela – wukuthi abantu abahlala emalokishini bayazifela nge-rugby!
Uma ufuna ubufakazi balokho, bheka iqembu le-rugby leWinter Rose.
UBONA wahlangana noSimon Mlonyeni ongumongameli waleli qembu endaweni eyikhaya lalo enezithombe zabadlali, amaqembu nabalandeli ababambe elikhulu iqhaza kuleli qembu.
Yiqembu elinomlando omuhle leli – eselake labhekana nezingqinamba ezinkulu kodwa lanqoba.
Phakathi kwalezo elazinqoba kubalwa nokuphumelela kwalo ngeminyaka yobandlululo.
UMlonyeni wabeka ukuthi kufanele kubongwe iWinter Rose njengoba abadlali bamaBhokobhoko abanjengoMalawu Solomon, Maboyce Mbiza, Boy Mandla noLizo Solomon kanye nabambalwa abadlala kwiBorder XV bakwazi ukudlala kahle ngezikhathi zobandlululo.
Leli qembu lisaqhubeka nokukhiqiza abadlali abahle abanjengoLuntu Rara, Ziniko Dumaphi, Mzimasi Mlilwana noLuyolo Thobezweni.
Laba badlali kanye nabanye base-Eastern Cape bakhuthazwa wukuthanda lo mdlalo ocishe ube neminyaka engu-200.
UMA uhamba ngemoto emaphandleni endaweni eyayibizwa ngeCiskei uzobona kudlalwa lo mdlalo.
NgokukaMlonyeni, ukuthandwa kwalo mdlalo kwaba yimbangela yokusungulwa kweWinter Rose ngo-1933 abasebenzi basezimbonini ababengabokuhamba ababehlala eStutterheim.
Ngaphambi kwalokho, abefundisi abafika nomdlalo we-rugby ne-cricket kule ndawo.
“Ezikoleni zase-Eastern Cape bekudlalwa i-cricket ne-rugby. Ibhola lidlalwe kamumva,” kuchaza uMlonyeni osebe ngumongameli waleli qembu iminyaka engaphezulu kuka-25.
Wayengumngani kaSteve Biko eyingxenye yeSouth African Students Organisation (SASO) kanti waboshwa ngo-1977 – wachitha iminyaka emihlanu eRobben Island lapho ayengukaputeni weqembu leziboshwa elalidlala i-rugby.
Akayikhaleli iminyaka ayichitha ejele kanti waphawula ngokukhuthazwa abanye ayeboshwe nabo.
“Abaholi esasiboshwe nabo abafana noGovan Mbeki noNelson Mandela, babevame ukusitshela ukuthi sizochitha impelasonto ende ejele,” kusho kukhumbula yena ehleka.
Ubuyele kwiWinter Rose ekuqaleni kweminyaka yo-1980 waba ngumongameli waleli qembu. Uyaziqhenya ngokuhola leli qembu lisabhekene nezingqinamba eziningi kuze kube yimanje njengoba sesisembusweni wentando yeningi.
LELI qembu lakwazi ukuncintisana namaqembu ahlonishwayo kwiligi yaseBorder ngo-1992 emva kokuhlanganiswa kwezinhlangano ze-rugby.
Empeleni iBorder Rugby Union yayiyihlonipha kakhulu iWinter Rose kangangoba yaze yahlela ukubolekisa ngabadlali bayo abashisayo nokwakuluphawu lobunye nokubuyisana.
“Sasingawahloniphi amaqembu amakhulu,” kusho uMlonyeni.
Kusukela ngaleso sikhathi iWinter Rose isikhule yaba yiqembu elixhaswe ngendlela efanele elikwazi ukushaya amaqembu anamandla.
“Ngisho noma abadlali bangalahlekelwa amaphuzu angu-100 namuhla, bayabuya kusasa bazozilolonga,” kusho uMlonyeni.
“Abadlali bawudlala ngothando lo mdlalo.
“Baningi abangamangala uma bebona indlela abantu balapha abawathanda ngayo amaBhokobhoko!”
NgokukaDavid Dobela ongumqeqeshi weWinter Rose First XV (obuye aqeqeshe iqembu lesizwe lase-Uganda) leli qembu lingaphezulu kweqembu elidlala i-rugby.
Emalokishini abadlali abaxhaswa neze ngendlela abaxhaswa ngayo kuleli qembu. “I-Winter Rose ihlukile ngoba kuleli qembu singumndeni. Uma umdlali noma abalandeli benenkinga, siyaxhasana,” kusho uDobela.
Yizinto ezinjengalezo eziheha abadlali abasafufusa ngokukaLuntu Rara oyi-scrumhalf nokaputeni weWinter Rose First XV.
“Baningi abadlali abaliqhamukisa emaphandleni nasemalokishini esibafake kuleli qembu,” kusho yena. “Sidlalela umphakathi, sidlalela abantu.”
UZolani Mpendu oliqhamukisa eMasele Village ngaseMiddledrift ongukaputeni wesibili waleli qembu ungomunye walabo badlali.
Okwamdonsela kwiWinter Rose wukuhlonipha kwayo abadlali ngisho noma sebengaphandle kwenkundla.
“Bafana nomndeni wami,” kusho yena. “Ngizizwa ngiphephile lapha.” [z]
BONA ZULU September 2008
I-Winter Rose yiqembu le-rugby elasungulwa ngo-1930 endaweni ethathwa njengekhaya lalo mdlalo eSA kanti yenza okungaphezulu kwalokho okwenziwa amaqembu e-rugby ahlonishwayo… indaba nezithombe nguMike Burgess
◄ Abadlala phambili kwiWinter Rose First XV bephunga iBreidbach Brumbies yaseKing Williams Town e-Eastern Cape.
◄Ijezi le-rugby leWinter Rose liqhakambisa iqholo lokuzigqaja kwaleli qembu ngomlando walo.
omdala.
▲I-Winter Rose First XV idlala neBreidbach Brumbies. Kwawina iqembu lokuqala nelesibili.
▲I-Winter Rose First XV ithathwa isithombe ngaphambi kokubhekana neBreidbach Brumbies emdlalweni weligi yaseBorder. NgokukaDavid Dobela umqeqeshi weWinter Rose First XV, (ohleli phansi ongowesithupha kusuka kwesobunxele) iqembu lika-2008 linekhono elimangalisayo. “Ngicabanga ukuthi sihamba ngomzila ofanele kulo nyaka, sineqembu elikhulu elinabadlali abahle,” kuchaza yena.
BONA ZULU September 2008
►
◄
BONA ZULU September 2008
INGAPHEZULU KWEQEMBU LE-RUGBY
I-Winter Rose rugby club yinhlangano yezemidlalo ezibandakanye nasekubhekeleni izidingo zomphakathi. Ubufakazi balokho wukusungulwa kweWRACC ngo-2001 eneWinter Rose rugby club, Winter Rose netball club neWillows cricket club eyakhiqiza izingwazi ezinjengoMakhaya Ntini noMonde Zondeki.
I-WRACC ikukhuthalele ukuthuthukisa abadlali abasebancane njengoba ibathatha beneminyaka engu-10 ibafake kuyona yomithathu le midlalo ukuze baqhakambise amakhono abo bahlukane nokuhlala ezitaladini nokwenza izenzo zobugebengu.
►UVuyo Vumba, i-flyhalf, wayevame ukudlalela iBorder XV ekupheleni ko-1980 nasekuqaleni ko-1990.
◄U-Mighty Vuna udume ngendlela ayedlala ngayo ekuqaleni kweminyaka yo-1990. Wake wamela iBorder XV engakabambisani amaqembu e-rugby.
▲ElaseMdantsane liyikhaya leWinter Rose.
◄U-Simon Mlonyeni umongameli weWinter Rose, esikhombisa indawo yokujima engumahamba nendlwana abaxhaswa ngayo yiSouth African Rugby Union ngo-2005.
