zulu.360.fashion
BONA ZULU – February 2006
Bheka lo mhlahlandlela wethu uqiniseke ukuthi ufake ubhodisi okulingana kahle.
Gqoka ozowasekela kahle amabele!
Ubhodisi
UKUGQOKA usayizi kabhodisi okuyiwona wona kungenza abukeke kahle amabele owesimame! Kodwa ave kuyinkinga ukukhetha okahle. Nazi izeluleko ezizokusiza ukuze abukeke kahle!
Ukukhetha ozokulingana
Umuntu oqeqeshelwe ukukala amabele uzokululeka ngosayizi okumele uwukhethe. Uma ufake isitayela esingawafanele amabele akho noma usayizi okungesiwo, kunezinto ezimbalwa okumele uzibheke.
n Izintambo ezishiya omaka esikhumbeni. Uma kusala omaka emagxalabeni ngesikhathi ukhumula ubhodisi wakho, zenze zibe zinde izintambo. Uma besasala omaka, kusho ukuthi ubhodisi wakho noma ibhande elingaphansi kwamabele aliwasekeli kahle. Zama esinye isitayela esehlukile!
n Uma amabele eputshukele ngaphandle kusho ukuthi ubhodisi wakho mncane! Khetha usayizi ongaphezulu kwalowo.
n Uma ubhodisi unyuke ngemuva kusho ukuthi uyakuxega. Khetha ongaphansi kwalowo. (Uma ufaka u-38, zama u-36.)
n Kusala isikhala ngaphambili phakathi nendawo. Uma kunesikhala lapho kuhlangana khona o-wire ngaphansi kwebele, kusho ukuthi ufake usayizi okungesiwo. U-wire kumele uhlale uqonde kahle ngaphansi kwebele.
n Unyomfozekile emabeleni. Khetha usayizi ongaphansi kwalowo!
n Uyakumpintsha ngemuva. Uma kubonakala ngisho noma ugqoke i-top ukuthi uyakumpintsha ngemuva, khetha usayizi omkhulu.
Izeluleko ezimqoka
n Ukuwasha obhodisi ngezandla kwenza bahlale isikhathi eside kunokubawasha ngomshini.
n Baningi abesimame abagqoka osayizi okungesibo ababo. Zikale uqiniseke ukuthi ugqoka ozokulingana kahle.
n Ungazivocavoci ugqoke ubhodisi. Gqoka osetshenziswa uma uzivocavoca ozokuseka kahle.
Okokugcina...
n Ochwepheshe bathi kumele ukalwe njalo emva kwezinyanga eziyisithupha ukuze kubonakale uma sekufanele ushintshele komunye usayizi. Ungashintshelwa komunye usayizi uma isisindo somzimba sehlile noma sikhuphukile, ukhulelwe noma kuguquka ama-hormones.
n Uma uthenga isethi emeshayo, thenga okwangaphansi okubili ozokugqoka nobhodisi ngamunye. (Kungenzeka okwangaphansi ukuwashe njalo kuze kuphuphe umbala.)
n Uma ugqoka u-A-cup ufisa ukuba namabele abukeka emakhulu, zama obhodisi abanama-pads ne-gel azowenza abukeke emakhulu amabele.
nguCHRISTINE HAMMANN izithombe zokwangaphansi CHRISTOPHER LAURENZ esikhulu ngabeGREAT STOCK!
u
Ubhodisi ohlotshisiwe (R189,95) ne-thong emeshayo (R79,95) okwakaWonderbra.
Ubhodisi omnyama (R139,99) ne-thong (R39,95) okwakaShe Bear.
Zama abanama-pads ne-gel ukuze amabele abukeke emakhulu.
BONA ZULU – February 2006
Ubhodisi o-pink (R139,95) ne-hipsters emeshayo (R59,95) okwakaWonderbra.
Ubhodisi onama-pads ono-lace (R109,95) ne-panty elimeshayo (R49) okwakaBra Boutique.
BONA ZULU – February 2006
Ubhodisi onezintanjana ongazifasa (R179,95) ne-panty elimeshayo (R59,99) okwakaWonderbra.
Hluka kwabanye! Ubhodisi onokumnyama nokumhlophe (R140) ne-thong emeshayo (R69,95) okwakaWoolworths.
Khetha izitayela ezino-wire eziphakamisa amabele
Ubhodisi ono-lace onokubomvu nomnyama oyi-balconette (R199,95) ne-thong emeshayo (R69,95) okwakaWonderbra.
Ubhodisi ono-lace onombala omnyama no-coffee (R135) ne-panty (R65) okwakaBra Boutique.
t
IZITOLO
Woolworths:
0860-022-002
She Bear, Playtex and Wonderbra:
0800-004-469/
031- 460-8751
Bra Boutique:
031-201-2392
u
Wenze abukeke emakhulu kodwa ugweme ukugcwala kwawo kakhulu
Ubhodisi oyi-velvet ono-wire ngaphansi (R119,95) ne-panty elimeshayo (R59) okwakaBra Boutique.
Ubhodisi obomvu ono-wire ngaphansi (R85) ne-thong emeshayo (R39) okwakaBra Boutique
BONA ZULU – February 2006
Ngabe uyafa ngezimbali! Ubhodisi ono-wire ngaphansi ohlotshiswe ngezimbali (R140) ne-thong emeshayo (R69,95) okwakaWoolworths
Ubhodisi ono-wire ngaphansi (R109) ne-thong emeshayo (R49) okwakaBra Boutique.
t
O-pink ono-lace no-wire ngaphansi (R169) ne-panty elimeshayo (R59) okwakaBra Boutique.
Ubhodisi obomvu onama-pads no-wire ngaphansi (R199,95) ne-thong emeshayo (R89,95) okwakaPlaytex.
Khetha ababukeka begcwele, abano-wire namabhande abanzi ukuze bahlale kahle
Ubhodisi omhlophe ono-lace ohlotshisiwe (R119) ne-panty (R59) okwakaBra Boutique.
Ubhodisi o-lilac ono-wire ngaphansi (R149) ne-panty elimeshayo (R49) okwakaBra Boutique.
