zulu.357.survey
Abakushoyo ngocansi
UKUYA ocansini kuba ngcono kakhulu uma ukhula! Lokho kuzwakale ku-56 percent wabesimame abaneminyaka eko-40 abasanda kubamba iqhaza ocwaningweni olusanda kwenziwa. Bathi abanankinga nakancane ngocansi.
I-Female Nation Survey, eyakhishwa abeWomen24, yagxila kwabesimame abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-65 kanti iveza nokunye okuthokozisayo…
Iningi labesimame ababamba iqhaza kulolu cwaningo lathi ucansi liluthokozela zikhathi zonke.
Ngaphandle kokuthi abesimame abaneminyaka eko-40 bayaluthokozela ucansi, kwatholakala nokuthi ukuthola ingane kwenza ucansi luthokozeleke kakhulu. U-90 percent wabesimame abanezingane ezingakawuhlanganisi unyaka zizelwe uthi uhlale uluthokozela ucansi.
Abesimame abayizinkonkoni abayi ocansini njalo njengalabo abangezona, kodwa u-90 percent wabo uthi uhlale uluthokozela ucansi.
U-four percent wabesimame uthi ushaya sengathi uyafinyelela kuvuthondaba uma usocansini kanti ingxenye yabo ithi ayikaze idlalise isitho sangasese.
Abayisithupha kwabayikhulu bathi abakaze baye ocansini onyakeni odlule.
Uma kukhulunywa ngotshwala nokubhema, ingxenye yabesimame yathi ayibhemi, kanti abahlanu bathi abakaze babulokothe utshwala.
U-13 percent wabesimame baseSA udla kakhulu noma awudli nhlobo. NgokweWomen24, abesimame abansundu baba nenkinga yokungadli kahle, kanti amaKhaladi wona awabi nazinkinga.
Abesimame abayingxenye yokubili kokuthathu bahlushwa yisimo sezezimali kanti u-64 percent awuholi imali eyanele. U-three-quarter wabesimame unezikweleti kanti u-70 percent awuyibeki ngokwanele imali yomhlalaphansi.
Abesimame abahlanu ekhulwini bathi ukonga imali kuyimfihlo yabo kanti abangasebenzi bathi banemali abayonga ngokuyimfihlo… [z]
Abesimame baseSouth Africa badalula izimfihlo zabo ngezocansi
Ucansi nabesimame baseSA
BONA ZULU – June 2007
