zulu.356.spain
BEQA emingceleni egadwe abahlome ngezibhamu. Kungenzeka kuqhume amabhomu besanqamula ehlathini, bomele amanzi noma babulawe yindlala ogwadule.
Uma sebesogwini, kungenzeka bathunjwe benziwe izigqila njengoba kwenzeka kulabo bantu abeqa eminyakeni engu-200 edlule.
Beqa ngezikebhe ezincane kanti abakwazi kuphatha lutho ngaphandle kwabasuke bekugqokile.
Uma sebegibele ezikebheni, bathandazela ukuthi zingacwili noma zibe nenye inkinga. Okunye abakuthandazelayo wukuthi kungavuki iziphepho, bangaphelelwa wukudla namanzi...
Ngabe yini eyenza babeke impilo yabo engozini engaka"
Basuke belibangise e-Europe, okuyizwe, ngokusho kwesisebenzi esibhekele inhlalakahle yabantu, "elingeke labacwasa noma lakubukela phansi abakumele."
KWATHI lapho u-Abdi Salan Mohammed Hassan oneminyaka engu-23 esekhathele yizimpi zomkhaya eSomalia esezidlule nemiphefumulo yabangaphezulu kwesigidi kusukela ngo-1991, walifulathela elaseSomalia. Wabeka imali ayeyithole ngokudayisa indawo yama-veg ayeyiphiwe abazali bakhe engakahlanganisi iminyaka engu-20 ezelwe.
Amabombo wawabhekisa e-Europe kanti indlela yakhe yayizodlula eLibya, agibele isikebhe esasizodlula kwiMediterranean.
Umama wakhe wazama ukumbonisa ngokuthi makangaluthathi lolo hambo. Lwaluyingozi kanti nempilo yayingeke yaba lula uma esefike lapho ayephikelele khona.
"Manje sengiyindoda okumele ithwale kanzima empilweni," kusho yena kumama wakhe.
Wayephethe isikhwama, izinsuku ezinhlanu wazichitha esebhasini elaliya e-Addis Ababa, e-Ethiopia.
Indlela eya eLibya idlula eSudan kodwa kuyingozi ukudlula kuleyo ndawo ungawaphethe amaphepha akugunyazayo. Kwaphela inyanga u-Abdi Salan elinde lawo maphepha kwaze kwadingeka ukuba agwazele isiphathimandla saseSudan ukuze simnike i-visa ayeyidinga.
Emva kwezinsuku ezine ehamba ngebhasi, wafika eKhartoum enhloko-dolobha yaseSudan. Wahlala enyuvesi alaliswa kuyona yizitshudeni zaseSomali. Zabuye zamxhumanisa nabanye abashushumbisi.
Ebusuku ngelinye ilanga, u-Abdir Salan nabanye baseSomali abangu-24 bagibela elolini badlula ogwadule lweSahara.
Abalisa ababili baseSudan babenika abagibeli amanzi ababewathela ezinkomishini zepulasitiki njalo emva kwamahora ambalwa.
Osukwini lwesikhombisa lwalolo hambo lwabo okwakumele luthathe amahora angu-48, bafelwa yimoto.
Ukubhajwa ogwadule kufana nokubhekana nokufa.
Emva kwamahora imoto ifile, yaduma baqhubeka nohambo.
Bafika eLibya emva kwezinsuku ezintathu.
Kwakuzodingeka ukuba u-Abdi Salan alinde izinyanga ezintathu ukuze athole indawo esikebheni.
BABENGU-85 abantu ababempintshene esikebheni - ababili kungabase-Egypt, oyedwa waseTunisia, oyedwa waseLibya noyedwa wase-Ethiopia kanti abanye kwakungabaseSomali, kukhona nabesimame abangu-13 omunye wabo ekhulelwe.
Ngowesilisa wase-Egypt onikwa umsebenzi wokuhola leli thimba. Wayethe uyakwazi ukushayela isikebhe kodwa uzoludinga usizo uma injini inenkinga.
Injini yesikebhe yaba nenkinga bephakathi olwandle kanti kwathi uma kuphela isonto besabhekene naleyo nkinga, u-Abdi Salan wabona ukuthi ngeke batholakale.
Emini babeyibona imikhumbi inqamula kude nabo. Abesilisa bazama ukwenza izinduku zokugwedla isikebhe.
Enye indoda kulawo ayesesikebheni yaziphonsa olwandle, kwaba eyokuqala eyazibulala ngalolo hlobo.
Alandela namanye. Ababesaphila baphuza ulwandle lwabagulisa. Izinsuku ezingu-13 zaphela sekufe abangaphezulu kuka-40.
"Ngangilindele ukufa," kusho u-Abdi Salan.
"Abanye babequlekile, abanye belahlekelwe yingqondo," kusho omunye wabahlengikazi abelapha abasinda emva kokutholakala kwesikebhe ogwini lwesiqhingi iLampedusa e-Italy.
Lolu daba lwashaqisa izwe. Imeya yaseRome yahlela ukuba umngcwabo wabafi wenzelwe ehholo laleli dolobha lapho amabhokisi angu-13 ayembozwe khona ngamafulegi aseSomali anombala omhlophe noluhlaza.
U-Abdi Salan walala amasonto amathathu esibhedlela ngenxa yokukhathala nokuphelelwa amanzi emzimbeni.
Kwathi lapho esenamandla okukhuluma nomndeni wakhe owawuseMogadishu ocingweni, wachazela umama wakhe konke okwamehlela.
ZINGAPHEZULU kwengxenye yesigidi izifika-namthwalo esezitheleke eWestern Europe eminyakeni emibili edlule.
Enye indawo ezingena ngayo yiFuerteventura, enye yamaCanary Islands aseSpain.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kwabikwa ukuthi sekufika nezikebhe zokudoba eziliqhamukisa eSenegal.
Zibalelwa ku-300 izifika- namthwalo ezifika eCanary Islands ngosuku kanti kulo nyaka, baphakathi kuka-1 000 no-1 700 abantu okuthiwa bafa bezama ukweqa.
E-Fuerteventura, usuku alupheli kungazange kubonakale sikebhe.
U-Aurora Hernandez wathi sekukaningi ebona izikebhe olwandle ngaphandle kwe-restaurant yakhe.
Uvame ukubanika okuya ngasethunjini abantu abayizifika-namthwalo.
"Basuke begodola, bengazi ukuthi bakuphi nokuthi bazophathwa kanjani," kusho yena.
UMA sebefikile ezweni labo le "nkululeko" bahlala ebhilidini elingasasetshenziswa elisesikhumulweni sezindiza okungangeni moya nalanga kulona.
Abaningi baliqhamukisa eMorocco nasemazweni akwi-sub-Sahara anjengeCameroon, Togo, Ghana neGuinea-Bissau. Kwande abesilisa kulaba bantu.
Amaqembu alwela amalungelo abantu athi impatho abayitholayo ayigcini ngokudabukisa nje kuphela kodwa ayikho nasemthethweni.
Abagqunywa ezitokisini abakwazi ukusebenzisa ucingo, ukuvakashelwa nokuphumela ngaphandle, kanye nokuthola abammeli.
Baphindiselwa emakhaya noma bashiywe eMadrid nakwamanye amadolobha.
"Abangakwenza wukuphila ngobugebengu nokuqwayiza," kusho ophethe iRed Cross eFuerteventura.
Kukhona okwehlukile abangakwenza labo abagcina befikile e-Europe.
U-Aurora Hernandez ukhumbula amazwi esifika-namthwalo esasiliqhamukisa eSierra Leone: "Sathi sikhetha ukufa sizama ukubaleka kunokuhlala ezweni lakubo.
"Sathi inhlalo ayiyinhle neze khona." [z]
Abase-Africa abeqa ngezikebhe
Bafela inkululeko
Njalo ngonyaka izinkulungwane zabase-Africa zibeka impilo yazo engozini ukuze zizakhele ikusasa kwelase-Europe
indaba ngu-ISAAC KWELA
izithombe ngabePICTURENET
BONA ZULU - June 2006
KWESIKHULU: Izifika namthwalo ezazisanda kutakulwa eCanary Islands eSpain. Bangu-300 abase-Africa abadlula kule ndawo ngosuku belibangise e-Europe - kodwa abaningi bafa bengakafiki lapho bephikelele khona!
KWESOBUNXELE: Ngisho nezingane ezincane ziyaluthatha lolu hambo oluyingozi. Abophiko lwezempi eSpain bephephisa izingane.
BONA ZULU - June 2006
u
t
Abantu babeqeda ukoma ngokuphuza amanzi olwandle
NGENHLA: Abasinda bagitsheliswa esikebheni sombutho waseSpain bayiswa eFuerteventura...
