ZULU.341.sisarahjul
BONA ZULU - July 2006
Ngingamxolela kanjani"
Umyeni wami wehlukanisa nenkosikazi yakhe ngo-1992 sase sishada naye ngo-1994. Unengane emshadweni wokuqala ayondlayo. Ngo-2003 wathandana nomunye wesimame ongizondayo.
Inkinga yami wukuthi ngiyehluleka ukumxolela umyeni wami. Sengiphelelwe wuthando lwakhe njengoba esekhulelise lona wesimame.
Umyeni wami uthi uyaxolisa kangangoba akukho angangenelisi ngakho kodwa ngiyehluleka ukumxolela. Ngenzenjani ukuze ngimxolele ngoba ngiyabona uyangithanda"
NTK, Cape Town
nUsesimweni esinzima kakhulu. Akulula ukuxolela nokukhohlwa - ikakhulu njengoba umuntu okonile kungumyeni wakho. Okubuhlungu wukuthi usuphelelwe wuthando lwakhe.
Zicabangele ukuthi ngabe ufuna ukulahla le minyaka engu-12 noma ufuna ukuba niqhubeke nempilo niye phambili.
Ukusho kwakho ukuthi uyambona uyakuthanda, kukhomba ngokusobala ukuthi uzimisele ngokuba nilungise isimo somshado wenu.
Uma ngibheka yonke into enedlule kuyo, ngibona kungcono wena nomyeni wakho nithole ukwelulekwa ngochwepheshe bezemishado. Ungacabangi ukuthi umoya wakho ungashintsha ngokushesha kulokhu, kungathatha isikhathi... kodwa ekugcineni kuzosiza.
Ngikhathele wuye
Ngineminyaka engu-41, ngithandana nomlisa onengu-42. Kumanje silungiselela ukushada, kodwa futhi ngiyezwa ukuthi angimthandeli ukushada naye. Ngiyamkhumbula uma engekho, kodwa uma esekhona konke kuyaphela. Ngabe kufanele sishade" Angifuni ukulahlekelwa uyena ngoba ungumuntu okahle. Ngenzenjani"
Okhathazekile, Lanseria
nUdidekile futhi unomona. Okokuqala angicabangi ukuthi kungumqondo omuhle ukushada kulesi sikhathi. Uzivumele ngokwakho ukuthi awumthandeli ukushada naye ngoba uba nomzwangedwa ekhona.
Kodwa futhi ungumuntu okahle ongafuni ukulahlekelwa wuye.
Ngamanye amazwi awuzimisele ngokuzinikela kuyena kodwa futhi awuzimisele ukulahlekelwa wuye.
Umshado umayelana nokuzinikela ngokuphelele kubantu bobabili, bangabi nothando oluhambisana nomona... kungabikho futhi ukudideka kulokho okucabangela othandana naye.
Akukho kulokhu okuqondene nawe.
Kuyacaca ukuthi le ndoda uyayixhaphaza nokukhomba ngokusobala ukuthi kukhona wena omlindele. Lokhu kubi. Yisikhathi sokuba uthembeke kule ndoda. Lokhu kuzosiza nina nobabili.
Ngabe uyangithanda"
Ngineminyaka engu-33 kanti sengadivosa. Isoka lami linengu-38. Sesithandane iminyaka emihlanu. Alishadile futhi lithi alikaze lishade alinazo futhi nezingane. Lihlala nabomndeni walo. Lingivumela ukuba ngilivakashele ebusuku ngihambe ngobumnyama.
Uma ngizama ukubonisana nalo ngezinto ezithile, liyadinwa. Lingisiza ngakho konke engikudingayo, ngabe lokhu kuyikho"
Akusho phela ukuthi njengoba lingisiza kokuningi kufanele ngingalitsheli ukuthi ngiphatheke kanjani.
Kukhona nowesimame elithandana naye elithi limqashele ukuba aliwashele. Nakhona lapho akudingeki ngibuze imibuzo ngalona wesimame nokukhomba ngokusobala kukhona akufihlayo. Ngabe uyangithanda"
MAT, Bloemfontein
nKuyacaca ukuthi uyakuthanda... kanjalo nomunye umuntu futhi. Emva kweminyaka emihlanu, ngicabanga ukuthi kusemandleni akho ukuba uthole ukuthi yini le efihlwa yile ndoda.
Ukuziphatha kwakhe okungajwayelekile kukhomba ngokusobala ukuthi kukhona akufihlayo noma umuntu amfihlayo.
Akukuhle impela ukuthi umuntu omdala njengawe acashe othandweni, abone isoka lakhe uma kuthanda lona kuphela!
Xoxisana nalo ukuze nixazulule le nkinga.
Angenelisekile ngokocansi
Ngino-42, ngithandana nowesilisa ono-44. Unenkinga edinga ukwelashwa kodwa akafuni ukuyobonana nodokotela. Akavukelwa ngokwanelisayo futhi nembewu yakhe inephunga elibi nombala ongajwayelekile. Ocansini angeneliseki. Ngiyamthanda angifuni ukungathembeki kuyena.
MBP, Rustenburg
nAsikho isizathu sokungathembeki. Inkinga yokuqala yokwelashwa akuyona into engaxazululwa yimi nawe. Kufanele umtshele kahle ukuba abonane nodokotela ngokushesha.
Inkinga yesibili yokunganeliseki ngokocansi kungenzeka ihlobane nokugula kwakhe nokuyiyonanto ekuqeda uthando locansi bese ungakwazi ukufinyelela 'kuleyo ndawo'. Kufanele umtshele ukuthi yini okufanele ayenze ukuze weneliseke.
Ngingakhulelwa"
Ngineminyaka engu-31 nezingane ezimbili - umfana nentombazane. Isoka lami liyazithanda izingane zami kanti alinazo ezalo kodwa futhi liyathanda ukuba sibe nengane yethu ndawonye. Ngonyaka odlule ngakhulelwa ngaphuphunyelwa yisisu. Ngo-2003 kwadingeka ukuba ngikhiphe isisu ngokungesikho ukuthanda kwami kodwa ngoba isoka lami lalingihlukumeza lingafuni ukuba nomntwana.
Ngesikhathi ngiphuphunyelwa yisisu nyakenye, ngacabanga ukuthi kwakudalwa yile nto engayenza phambilini. Ngithanda ukwazi ukuthi ngisengayithola yini ingane.
NP, Johannesburg
nAngiqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga zokwelashwa kodwa uma uvakashela udokotela wakho umchazela, uzokwazi ukukunika iseluleko esifanele.
Ukuphuphunyelwa yisisu kungadalwa yizinto eziningi, hhayi mhlawumbe ngokukhipha isisu owakwenza. Njengoba wakwazi ukuphinde ukhulelwe, lokhu kuluphawu oluhle. Iningi labesimame liphuphunyelwa yizisu hhayi ngokwamaphutha abo kodwa bakhulelwe ngaphandle kwezinkinga. Ukuphuphunyelwa yisisu, yindlela yemvelo yokugudluza izinkinga.
Ukuze ukhululeke, vakashela udokotela wakho.
Kuzophela nini lokhu
kuhlukumezeka"
Ngino-26 kanti sekuphele iminyaka emine ngithandana nowesilisa ono-27. Sonke lesi sikhathi ngangenza sengathi ngiyamthanda ngoba ngazi ukuthi ungithanda kakhulu. Sinezingane ezimbili nokuyinto eyaba buhlungu ukuzalela umuntu ongamthandi kodwa ngiyazi ukuthi uNkulunkulu Wayenesizathu sokuba sibe ndawonye.
Nyakenye ngavuma ukushada ngenxa yezingane zethu nangenxa yokungafuni ukuphoxa abazali bami.
Emva kokushada isimo saba sibi kakhulu. Angiyithandi ngempela le ndoda. Ngikhathele ngoba manje lokhu kuhlukumeza mina. Uma nginaye kufana nokuthi anginamuntu wesilisa. Engisuke ngikwenza ngisuke ngikwenzela yena sengigcina icala. Ngizophuma kanjani kule nkinga" Ngesaba abazali bami kanti futhi ngicabangela ikusasa labantwana bami. Ngicela usizo.
FW, Mpumalanga
nNguwe kuphela ongaqeda lokhu kuzihlukumeza. Ayikho indlela ongakwenza ngayo ngaphandle kokuphula umyeni wakho, abazali bakho ngisho nezingane zakho imbala umoya. Mhlawumbe indlela elula wukuba ubaqonde... nokuyinto enzima. Uqhubekelani nomshado ngoba uyazi ukuthi awumthandi umyeni wakho" Yisikhathi sokuba wakhe kabusha impilo yakho, uma uzokwazi ukuphila ngaphandle kwabomndeni wakho.
Kuzoba nzima ukukholwa ukuthi kule minyaka emine ubuzenzisa kulolu thando. Bachazele ukuthi ukwazile ukuphila nalokhu ngoba ubuthokozisa umyeni wakho nabazali uchaze nokuthi mhlawumbe uNkulunkulu yiyonanto Abefuna uyenze. Manje yisikhathi sokuba uzenzele okwakho.
Unothando
Ngino-22, isoka lami lezinyanga ezine lino-25, kanti lihlala nenye intombi. Sekunesikhathi bethandana noma engasho ukuthi sekuyisikhathi esingakanani. Ngesikhathi liqala ukungibona, langitshela ngale ntombi ngangafuna ukuliphazamisa. Lithi ukuhlala nomuntu akusho ukuthi nisuke senishadile.
Akahambi nami emphakathini, kodwa uhamba nalona wesimame... ngisho noma ngikhona. Sincane isikhathi esisichitha naye kodwa wumuntu onothando nami engimthandayo. Yini okufanele ngiyenze"
NM, Cape Town
nUngambiza kanjani ngesoka lakho uma ehlala nomunye umuntu futhi engahambi nawe emphakathini" Angaba nothando mhlawumbe ngoba ekwanelisa, kodwa ukuphethe kabi. Uyiqili elikwaziyo ukusho izinto ozozithanda - kodwa ukusebenzisela izinhloso zakhe. Kwakungafanele ngisho nasekuqaleni uthandane naye. Vuka umshiye phansi! [z]
Buza kuSis'Sarah
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
BONA ZULU - July 2006
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uyoyithola kule ngosi.
Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye.
Ikheli lithi:
Ask Sis Sarah,
Box 32083,
Mobeni, 4060
