zulu.1269.holiday
INTANDOKAZI yephephabhuku lakho isiphinde yabambisana nabeGooderson Leisure Corporation, Greyhound nabeSuncoast Casino, eThekwini, ukunika abafundi abangu-12 bakaBONA ithuba lokuthola amaholidi asolwandle.
Abathathu abawinile, umuntu emunye uzothola:
l Ubusuku obungu-4 babantu abadala ababili nezingane ezimbili (zeminyaka engaphansi kwengu-15) ngaphansi kwemibandela ye-bed-and-breakfast.
l Niyothuthwa yibhasi iGreyhound mahhala inisusa ezitobhini zayo ngakini noma kuphi ezweni lonkana izonibeka eBeach Hotel - iyophinde inibuyisele lapho inithathe khona.
l Niyochitha usuku eSuncoast, ningene mahhala kwiSUNdeck, nidle ilantshi eSpur, nithole ikhofi namakhekhe eCircus Circus, amathikithi amahhala omndeni okubuka i-movie kwaNu Metro Cinecentre nama-tokens ama-games ezingane kwaMagic Company.
Ukuze uwungenele
Gcwalisa ifomu yokungenela uyithumele kuleli kheli: BONA/Holiday At The Sea Competition, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSse HOLIDAY ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Umncintiswano kaBONA
WINA
BONA ZULU – August 2006
amaholidi olwandle
ka-R30 000
Amaholidi
– sizokuhambisa sikubuyise!
I-Beach Hotel
I-Beach Hotel iseGolden Mile eThekwini, ibhekene nolwandle i-Indian Ocean, kanti le ndawo kulapho abavakashi bechitha khona amaholidi unyaka wonke.
Izindlu zakhona zokulala zivulekile, zishaya umoya kanti uma ukuzo ukwazi ukuzibukela olwandle. Zonke izindlu zokulala zinama-private bathrooms anama-shower, i-colour TV (ene-M-Net), umshini wokwenza itiye/ikhofi kanye nocingo.
Kuleli hhotela kunama-restaurants amathathu: I-Pier 107 (lapho utendwa khona), Harpoon Harry’s Seafood Restaurant ne-El Cordoba (lapho uziphakela ngokwakho). Kukhona neCockney Pride pub okuyindawo enhle yokucima ukoma.
Kuningi abavakashi abangakuthokozela ngesikhathi behleli kule ndawo, kubandakanya ukuvakashela eShaka Marine World, Suncoast Casino, babuke nobuhle bomsebenzi wezandla othengisa ebhishi.
Ukuze ubekise indawo, shayela kule nombolo: 031-337-4222 noma uvakashele ku- www.goodersonleisure.co.za
Izulu elisebhishi!
I-Suncoast Casino & Entertainment World esebhishi laseThekwini uyibona ngisho ebusuku ngenxa yamalambu athatha indawo engamakhilomitha ayisithupha.
ESuncoast kunenxanxathela yama-cinema angu-8, izindawo zokudla kwasolwandle, ezama-buffet, ama-coffee shops, ama-take-aways, ama-ice-cream parlours neCafé Vacca Matta okuyindawo emnandi ebusuku.
Le casino ngenkulu enemishini yokudlala KwaZulu-Natal, kanti futhi kunama-casino khona amathathu enzelwe ababhemayo, ama-high-rollers nama-slot-machine junkies. Emishinini yeSUNstruck bank sekwakheke ama-millionaires ayisithupha ezinyangeni ezinhlanu.
Kukho konke lokhu, yinye kuphela into abayiqinisekayo… ngeke nakancane ube nesizungu eSuncoast!
Hamba ngebhasi kanokusho
I-Greyhound isithuthe umphakathi ngokukhulu ukuphepha kusukela ngo-1984. Namuhla bathwala abagibeli abangaphezu kuka-600 000 kuma-kilometer angaphezu kwangu-14 million ngonyaka.
Lawa mabhasi ahamba izindawo ezinkulu lapha eSouth Africa kanjalo naseHarare nakwaBulawayo eZimbabwe. Uhambo lwansuku zonke oluya eMaputo eMozambique selukhona.
Kulawa mabhasi antofontofo kukhona: i-air-conditioning, izindlu zangasese, izihlalo eziqethukayo, izibani zokufunda, umsakazo neTV.
Ngeminye imininingwane, vakashela i-Website yabo ethi: www.greyhound.co.za
IMITHETHO. 1. Lo mncintiswano uvuleleke kunoma ngubani ngaphandle kwabasebenzi bakwaCaxton nabemindeni yabo, abaxhasi babo nababathuthukisela ukuthengiswa kwemikhiqizo yabo. 2. Isinqumo samajaji singujuqu akuyukuboniswana ngaso. 3. Imiklomelo ngeke ishintshaniswe nemali. 4. Kuyokwamukelwa kuphela imingenelo yoqobo. 5. Imiklomelo engalandiwe kwaze kwaphela izinyanga eziyisithupha iyodliwa. 6. Lo mklomelo ngowabadala ababili nezingane ezimbili zeminyaka engaphansi kwengu-15, uhambisana nokulala ne-breakfast. 7. Konke okunye okufana nezinto zokuthutha, ukudla izindleko zocingo neziphuzo yizinto okuyodingeka nizikhokhele ngokwenu lapho senihamba ehhotela. 8. Ngokwemibandela yomklomelo, umshwalensi wokuhamba awufakiwe. Abawinile kufanele bazihlelele ngokwabo umshwalense. 9. Umklomelo uyoncika ekutheni indawo ikhona yini. 10. Imiklomelo ngeke kuxoxiswane ngayo noma ishintshwe yenziwe imali.[z]
Kuvalwa mhlaka: 31 August 2006
IFOMU YOKUNGENELA
Gcwalisa ifomu yokungenela uyithumele kuleli kheli: BONA/Holiday At The Sea Competition, Box 32067, Mobeni, 4060.
Igama: .....................................................................
Ikheli: ......................................................................
.......................................... Ikhodi:.........................
Ucingo/Cell: ............................................................ (Sinike inombolo otholakala kuyona emini.)
Umbuzo: Isho abaxhasi abathathu balo
mncintiswano. Impendulo:.....................................
.................................................................................
................................................................................
Kuvalwa mhlaka: 31 August 2006.
BONA ZULU – August 2006
