zulu.33.beauty_2
UKUZIPHAPHATHA ngokwendalo kusuka emithanjeni yegazi engaphansi kwesikhumba uma ikhukhumala lapho sithokozile, sisemdlandleni noma sizizwa sinamahloni kumbe siphoxekile. Lokhu kwenza igazi eliningi lihambe ngenkululeko neziqhomo zicwebezele.
Uma uziphaphatha ngokunemibala, isikhumba sakho siyagqama, ngakhoke kungakuhle usebenzise i-face scrub kanye ngesonto ukuze uvuselele isikhumba sakho nebala kugqame. Esikhumbeni esomile sebenzisa i-nourishing mask bese ufaka i-moisturiser eshubile (hhayi kodwa enamafutha).
I-Blusher iba ngukhilimu, i-gel, indukwana noma ibe luketshezi noma uphawuda. Indawo enhle ongayifaka kuyo, kulapho uphophotheka khona ngokwendalo. Kwabaningi bethu lokhu akwenzeki ngezansi nobuso noma ngenhla kwamashiya.
Iphutha elivamile wukufaka i-blush ngezansi kwezidlathi nokungayihlanganisisi kahle. Inhloso wukuthambisa lapho kuqine khona.
Uma usebenzisa i-blush kaphawuda, kungcono uthenge ibrashi elikhulu leziphaqulo. Malibe nekhanda elikhulu licije phambili ukuze ukwazi ukulisebenzisa kahle. Uma kuyi-blush kakhilimu noma ye-gel, iminwe yakho noma isiponji seziphaqulo, nako kuzokusebenzela.[z]
BONA ZULU – August 2006
nguCHRISTINE HAMMANN
isithombe esikhulu nguCHRISTOPHER LAURENZ
umkhangisi nguVANESSA ophuma kwa-Ice
iziphaqulo nguLISA BAILEY ophuma kwaPout
I-blush yendalo yoqobo!
Faka i-blush
mntwana!
Yisikhathi sokuvuselela isikhumba sakho ngalobu busika. Lokhu ungakwenza ngezindlela zobuhlakani...
I-MAC 129 basic blusher brush (R195).
3 ama-steps okusebenzisa i-blush.
1. Susa i-blush kwi-brush yakho ngaphambi kokuyisebenzisa ebusweni.
2. Mbambatha i-brush lakho eziqhomeni ulisebenzise ngokuliyisa emumva. (Sebenzisa leyo ndlela ngisho ususebenzisa izandla zakho, ukuhlanganisise kahle.)
3. Kuhlanganise ngebhulashi likakhilimu, noma likaphawuda elifakwe uphawuda okhanyayo ukuze uthambise.
BONA – August 2005
