zulu.336.designers
Okwasekhaya!
BONA ZULU – June 2007
U-Sue Sishange – ufuna ukuvumbulula amathalente kwezefeshini eStanderton.
NGO-2004 ngesikhathi uSue Sishange eyofuna umsebenzi eGoli, wahlolwa nguMongane Wally Serote, inkakha yembongi yaseSA ebuye ibe ngumbhali wezincwadi. Baxoxa okwesikhashana wayesethi kuSue: “Phindela eStanderton wenze umsebenzi owuthandayo. Ngeke ube ngaphansi kwesandla somqashi.”
Awukwazi ukusishaya indiva iseluleko osuke usinikwa omunye wabantu abahlonishwayo eSA. U-Sue waphindela ekhaya kanti manje useyimenenja yeLekwa Designers inkampani yezefeshini esizakhele igama.
Emva kokuba esefikile ekhaya, abantu bendawo abanothando lwezefeshini bahlela umcimbi wokuqoqwa kweminikelo. U-Sue wazithola esephambili ekwenzeni izinhlelo zokugqugquzela lowo mcimbi.
“Saqoqa imali eyayizoya eZithobeni Care Home ikhaya elisiza abaneHIV/AIDS. IZithobeni izimele kanti ibaxhase kakhulu abaneHIV/AIDS. Ukuqoqa iminikelo sisebenzisa ifeshini sakubona kungumqondo omuhle,” kusho yena.
Lowo mcimbi wahamba kahle ngoba kwatholakala imali eyanele eyayizosiza eZithobeni.
Emva kwalowo mcimbi kwasungulwa iLekwa Designers, iqembu labasiki bengqephu abangu-12 abahlala eStanderton. Abasiki bengqephu baqala ukuthola ama-oda baze bathola nawombukiso owawuzoba ngo-2005.
“Bonke abantu babesafuna ukuphinda bayibone ingqephu yethu kodwa ngangingazi ukuthi imali yokwenza lowo msebenzi sasizoyithathaphi,” kusho uSue.
Bathatha amehlo abantu
UNelly Ndlovu woMnyango wezamaSiko, ezemiDlalo nezokuNgcebeleka eMpumalanga wayephakathi kwabantu ababesembukisweni ka-2004. Izingubo okwakubukiswa ngazo lapho zawathatha amehlo akhe kanti yilokho okwamenza washayela uSue ucingo ekuqaleni kuka-2005 ebuza umbuzo abaningi ababewubuza: unini omunye umbukiso?
Wenza izinhlelo zokuba kutholakale izimali kanti lokho kwabasiza kakhulu abasiki bengqephu ababengu-15 abakwazi ukukhombisa ngengqephu yabo. Baningi abantu abaqala ukubabuka ngamanye amehlo.
“Sakhethwa wumnyango wezobuciko namasiko ukuba sibambe iqhaza kuma-workshop eSanlam SA Fashion Week Fusion ayebanjelwe eNelspruit ngo-2005,” kusho uSue.
Kulo mcimbi waminyaka yonke ohlelwa ngabeSA Fashion Week, abasiki bengqephu asebezakhele igama kulo msebenzi baba nama-workshop behlangene nalabo abasuke besafuna ukuqhakambisa amathalente abo. Ukuqokwa ukuba ube yingxenye ye-workshop yeFusion kusuke kusho into enkulu kumsiki wengqephu ngoba yilapho ethola khona ithuba lokukhangisa kahle ngomsebenzi wakhe.
Ukuvakashela kukaSue eNelspruit kwamsebenzela – manje usethola ama-oda amacici awenzayo kanti a-odwa ngumnikazi we-boutique eseNelspruit.
Ingqephu enokwase-Afrika
Kulama-workshop kwakukhona noMpume Nyoka. UMpume uyi-control officer eTutuka isiteshi sakwa-Eskom esiphehla amandla kagesi esingaseStanderton.
Uma echaza umsebenzi wakhe, uthi ulawula amandla kagesi aphehlwa yisiteshi saseTutuka ihora ngehora.
Uma engematasa nomsebenzi wakhe, usuke ezidelisa ngokubheka ifeshini esemabhukwini aseBritain nawaseMelika. Emva kwalokho uzenzela esakhe isitayela esinokwase-Afrika.
“Ngiyazithanda izingubo ezinhle. Ngangivele ngikuthanda ukusika ingqephu kanti nginethemba lokuthi ngisazokwenza okungaphezulu kwalokhu. Ngiyayithanda ifeshini,” kusho yena.
U-Betty Coetzee oneminyaka eyevile kwengu-50 usemnkantshubomvu kulo msebenzi wokusikwa kwengqephu kuleli qembu labo kanti nomphakathi waseStanderton unolwazi ngekhono lakhe. Ingqephu uyisika eyisusela ekhanda akasebenzisi phethini.
“Sekuphele iminyaka engu-24 ngenza lo msebenzi. Izingubo ngizenza ngendlela umama ayezenza ngayo.” Ibhodi elibekwe ngaphandle ekhaya likaBetty lifundeka kanjena: “Proudly South African Creations.”
Emva kwe-2006 Lekwa Fashion Expo, uSue waqala ukugxila ezinhlelweni zekusasa lalaba basiki bengqephu.
Kulezo zinhlelo kukhona uhlelo lokwakha isikhungo lapho abantu abanamakhono ehlukahlukene bezokwenza khona izinto ezinhle ngezandla zabo bazidayise.
Kuyokwamukelwa abenza izicathulo, abasebenzisa isikhumba, abenza ubucwebe nabahlobisa izindwangu. “Sinalo ithalente eStanderton. Lidinga ukuvunjululwa kuphela,” kusho yena. [z]
African Eye News Service / Highveld Living
indaba nguSAMANTHA KILLIK
Abesimame baseSA abangabasiki bengqephu
Kunabesimame abangabasiki bengqephu abanethalente abazifelayo ngefeshini kanti bazimisele ngokuzakhela igama emhlabeni wonke
KWESOBUNXELE: UBetty Coetzee usezakhele elikhulu igama kwezokusikwa kwengqephu.
KWESOKUDLA: UMpume Nyoka egqoke ingqephu azenzela yona enokubomvu nokumhlophe ehlotshiswe ngobuhlalu.
u
BONA ZULU – June 2007
t
Sinalo ithalente - lidinga ukuvunjululwa kuphela
BONA ZULU – June 2007
Omunye umsebenzi wabasiki bengqephu.
