zulu.333.legendsmar
indaba nguWALTON GOLIGHTLY isithombe ngabePHOTO ACCESS
Wayetuswa ngobuhlakani nangobubele bakhe kanti ungomunye wababusi abayibeka induku ebandla – useyisibonelo esihle namanje…
IGAMA likaMakeba, iNdlovukazi yaseSheba liphathwa kakhulu ezincwadini zenkolo ezinjengeBhayibheli (Amakhosi 1 neziKhronike 2) kanye nakwiKoran yamaSulumane lapho ebizwa khona ngo “Bilqis.” Sekuphele cishe iminyaka engu-3 000 kubikwa ngempicabadala yodaba lwakhe emazweni ngamazwe.
Izazi zomlando zikholwa wukuthi izwe laseSheba noma iSaba (“Place Of Peace”) lalibandakanya izingxenye zendawo ebizwa ngeYemen eseningizimu-ntshonalanga ye-Arabia ne-Ethiopia manje, engxenyeni esentshonalanga yeRed Sea.
Leli lizwe lalinothe ngegolide namatshe aligugu, linama-spice abizayo ayefunwa amazwe ayakhelene nalo. Ababethengisa babehamba namakameli abo ibanga elingaphezulu kuka-2 000 kilometres beya kwa-Israel.
I-Kebra Negast incwadi engcwele yase-Ethiopia, ichaza abantu baseSheba njengababe “mnyama ebusweni” ibuye ithi babekhonza ilanga.
UMakeba wazalwa ngo-1020 BC. Waba yiNdlovukazi eneminyaka engu-15 emva kokukhothama kukababa wakhe.
Izincwadi zimchaza njengentokazi eyayiyinhle, ikhaliphile, inozwelo, iwusizo ikhonze nokuvakasha.
Nakhu akusho esizweni sakhe: “Ngiyakulangazelela ubuhlakani nokuqonda izinto.
Ubuhlakani bungcono kakhulu kunegolide nesiliva. Bumnandi ukwedlula uju. Bungumthombo wentokozo, buvula amehlo, bunika izinyawo amandla, buyihawu buvikela nekhanda...”
Wayejabula uma ababethengisa izimpahla kwamanye amazwe bebuya bemxoxela ngenkosi yakwa-Israel eyayihlakaniphile.
Leyo nkosi kwakunguSolomon, owayeyindodana yeNkosi uDavide noBathsheba.
Inkosi ehlakaniphile
Ngesikhathi elakwa-Israel lisabuswa nguSolomon, laliyizwe elalilincane kodwa amazwe ayakhelene nalo elihlonipha ngenxa yobuchule uSolomon ayebusa ngabo.
Wayemuhle, befa ngaye abesimame.
Kuthiwa ayikho inkosi eyayinothe futhi ihlakaniphe njengaye. Abantu babefuna ukuzizwela ubuhlakani bakhe ayebuphiwe nguNkulunkulu.
EBhayibhelini kunezaga ezingaphezulu kuka-3 000 ezibhalwe ngaye, kube amahubo angu-1 005 kanye noMshumayeli.
Ubuhlakani bukaSolomon babungagqamile kwipolitiki nakwezenkolo kuphela – wayebuye abe yisazi somlando wezemvelo. Wayezwana nokusebenza etshale ama-olives, ama-spice, amakinati namagilebhisi. Wayebuye acwaninge ngezicabucabu, amaqhwagi nezintuthane.
Ukuhlangana kwabo
UMakeba waphuma umkhankaso wokuyozibonela ngawakhe lo mbusi ehamba namakameli angaphezulu kuka-600 ayethwele izipho zeNkosi uSolomon.
Lawo makameli ayondlekile ekwazi ukugcina amanzi namafutha amasonto amathathu ephila ngayekuthola ogwadule.
Ayeboshelwe enqoleni ngezintambo ezazenziwe ngoboya bezimbuzi.
Amakameli ayezalwe ngesikhathi salolo hambo lwezinyanga eziyisithupha ayebelethwa amakameli ayengaphambili ukuze onina bawo babone ukuthi aphatheke kahle.
UMakeba wayelala embhedeni owawunompheme owawumvikela elangeni kukhona namakhethini.
U-Solomon wambona kanjalo-ke uMakeba. Esefikile esigodlweni, uSolomon wamnika indawo enhle ayezohlala kuyona. Nsuku zonke uSolomon wayebanika amasaka angu-45 kafulawa, izinkabi ezingu-10, izinkunzi ezinhlanu, izimvu ezingu-50 – izimbuzi, izinyamazane, izinkukhu, iwayini, uju namaqhwagi athosiwe.
Wamkhombisa izivande zakhe ezazinezimbali nabo bonke ubuhle besigodlo sakhe.
Nakuba uMakeba athatheka uma ebona umcebo kaSolomon, wayenendaba nobuhlakani bakhe kakhulu.
Abanye abafundi bathi ukuvakasha kwakhe kwakuncike kwezomnotho nepolitiki engenandaba neyokwakha ubudlelwane obuhle nenkosi.
NgokweKebra Negast, wayehlose ukucobelela ulwazi kuSolomon kanti iBhayibheli lona lithi wayezo “mvivinya”.
Okuyindida nezivivinyo
UMakeba wayebuye afune incazelo kuSolomon ngokuningi okuyindida, okunye kwako okuseBhayibhelini. Ukwenza isibonelo: “Ngabe yini embi ngaphezu kwako konke emhlabeni, yini futhi enhle kakhulu? Yini ongangabazi ukuthi iyokwenzeka, yini oyingabazayo?”
U-Solomon wamphendula ngokuthi: “Okubi wukungathembeki kwabantu ababethembekile; okuhle, wukuphenduka kwesoni. Wukufa ongeke wakungabaza; kanti ongakungabaza yisabelo somuntu kwelizayo.”
UMakeba wagqokisa abafana abahlanu namantombazane amahlanu ngendlela efanayo wathi uSolomon makasho ukuthi bangobabuphi ubulili.
Kwathi uma ebanika izindishi ukuze bageze izandla, amantombazane afingqa imikhono abafana bangakwenza lokho.
Waletha kuSolomon izimbali ezimbili ezazifana, kodwa enye kwakungeyangempela enye kungesiyo eyangempela. Impendulo kulokho wayithola ngokubona izinyosi ziya kweyangempela.
Wabuye wamnika i-emerald (uhlobo oluphambili lobucwebe) eyayinembobo, igobile phakathi nendawo, wathi makafake intambo kuyona. U-Solomon wathi makulethwe i-silkworm eyangena embotsheni yadonsa intambo.
Ubuyela e-Africa
Ngesikhathi uMakeba eshiya elakwa-Israel emva kokuchitha izinyanga eziyisithupha, uSolomon wamnika amakameli angu-6 000, izinqola ezazinezimpahla eziphambili nemiphongolo esetshenziswa ogwadule, emoyeni nasolwandle.
Njengoba uMakeba ayesekhulelwe umntwana kaSolomon, uSolomon wamnika indandatho enethemba lokuthi wayezomzalela indodana okwakungenzeka ibuyele eJerusalem iyozethula kuSolomon.
Ekufikeni kwakhe eSheba uMakeba, abantu baqhubeka bamhlonipha ngobuhlakani ayesebutholile ngoba wayezimisele ngokuba ngumholi oqotho.
Wayehlonishwa nangobubele bakhe nokuzinikela kwakhe ekuphileni ngenkolo. [z]
Indlovukazi yaseSheba
BONA ZULU – March 2006
Indlovukazi uMakeba
NGENHLA: Abadwebi bebekushaya indiva okuchazwe eBhayibhelini ngoMakeba bemdweba njengomuntu omhlophe futhi kungaqondakali ukuthi iliphi izwe lakhe. Okungangatshazwa wukuthi wayengumAfrica.
BONA ZULU – March 2006
Indodana kaSolomon yase-Africa
UMakeba wabeletha indodana ayiqamba ngo-Ibn al-Hakim, “indodana yendoda ekhaliphile.” AmaJuda, amaSulumane nabasePersia bathi leyo ndodana kwakunguNebuchadnezzar.
Abase-Ethiopia bathi nguDavid II (igama aliqanjwa nguSolomon). Ngokuhamba kwesikhathi le ndodana yaziqamba ngelikaMenelek owaba yinkosi yokuqala ukubusa e-Ethiopia.
NgokweKebra Negast, kwathi lapho uMenelek eseneminyaka engu-12, wafuna ukwazi ngobaba wakhe. Waya eJerusalem eneminyaka engu-22 efake indandatho uSolomon ayeyinike uMakeba.
U-Solomon wayefuna ukuba ibuse emva kwakhe indodana yakhe njengoba yayilizibulo lakhe kodwa yanqaba. U-Menelek wahlala okwesikhashana eJerusalem efunda imithetho yamaHebheru wabuyela e-Africa njengomama wakhe.
