zulu.332.khaye
Balwa nobugebengu
EZITALADINI
BONA ZULU June 2008
Laba besimame balwa nobugebengu behlome ngezinduku, ama-bat e-baseball, izinduku zamagalofu nezimvubu... Indaba nguBrenda Nkuna
EZOBU GEBENGU 3
NJALO ngoLwesihlanu nangemiGqibelo ebusuku zisuke ziduma eKhayelitsha. Ubumnandi obunjalo buhambisana nokwenyuka kwezinga lobugebengu.
Kwathi ngobunye ubusuku kunguLwesihlanu ngiseKhayelitsha endaweni okuthiwa yiHarare ngazizwa ngiphephile sengathi ngiseSontweni ngesonto ekuseni.
Kulokhu sibonga abesimame abangu-60 beminyaka esuka kwengu-17 kuya kwengu-60, nabesilisa abangu-30 abazinikele ekulweni nobugebengu ngenhlangano yabo Imbizo kule ndawo iHarare.
Lokhu kugada ebusuku kule ndawo kuqala ngo-8 ebusuku kwi-container esiphenduke ikomkhulu laleli qembu labe-Imbizo.
Awukho ugesi namanzi kanti nefenisha yakhona inemifantu ngenxa yokuguga.
Kodwa kulokho akekho okhalazayo. Ongusihlalo uNonkoliseko Mcaleli (35) ukhipha ibhuku lakhe elimnyama abize amagama ukubona ukuthi ngobani abakhona. Lokho ukwenza ngosizo lwekhandlela.
Emva kwalokho kungena ucingo - olubika ukuthi kukhona lapho kugqekezwe khona - kwacelwa bonke abesilisa ukuba baphuthume khona.
Ngesikhathi abesilisa besahambile, abesimame baqala bazincokolela. Abanye babo besho ukuthi kungani bencamela ukudela ubuthongo babo bezozulazula ezitaladini baqaphe nabe-Imbizo.
"Siyathanda ukuhamba sizulazula sigadile kule ndawo yethu," kusho uNomsa Mthuwekhala (68) bonke banqekuzisa amakhanda bekhombisa ukuvumelana naye.
Uyachaza ukuthi bazama kanjani ukwenza inhlalo kube ngephephile ngokuqinisekisa ukuthi wonke amajoyinti nezitolo kuvalwa emva kancane kuka-7 ebusuku ukuze kuthi labo abangabantu bothuthuva bakwazi ukuya emakhaya.
Amaphathi enziwa ezindlini, nomculo onomsindo nako kuyamiswa emva kuka-7. Abesimame be-Imbizo baphelezela abanye besimame babase emakhaya bebasusa emarenki amatekisi ukuqiniseka ukuthi abahlukumezeki endleleni.
UMthuwekhala uthi kokunye bahlangana nabantu abadelelayo kodwa futhi bayakwazi ukuba babhekane nesimo ngokukhuluma nabo kahle noma ngokubaqondisa izigwegwe ngezimvubu nezinduku.
Ongunsumpa wamaphoyisa esiteshini samaphoyisa eHarare uRodger Rikhotso uthi izinga lobugebengu lehle kakhulu kusukela leli qembu le-Imbizo lasungulwa.
UMSEBENZI wabo ubonakala kahle ngezibalo ezigcinwe emaphoyiseni zobugebengu. Izibalo zobugebengu bonke eKhayelitsha kusukela ngo-April kuya kuSeptember ngo-2002 zazifinyelela ku-7 835.
Ngaso leso sikhathi ngo-2007 zehla zafinyelela ku-3 308, nokungukwehla ngamaphesenti angu-57,8%.
Phakathi kuka-2002 no-2007 ubugebengu behla ngo-37,5% endaweni yaseGugulethu, behla ngo-27,3% eNyanga.
Ngokuqhathanisa lezi zibalo, liyabonakala ngempela igalelo labe-Imbizo njengoba futhi behamba endaweni eyingxenye encane eKhayelitsha.
Phezu kwempumelelo yabo ekulweni nobugebengu - ngabe akufanele yini ukuba abesimame bazihlalele emakhaya nabemindeni yabo njengoba bona beqoma ukudala ukuthula emigwaqweni ebusuku emakhazeni?
"Ukuzulazula ezitaladini siqaphe - yiyona into engiyithandayo," kusho uMthuwekhala ehleka.
"Izingane zami zingidalela i-stress nokungcono ukuba ngibe lapha. Iyona into engiyithandayo," kusho omunye wesimame.
Kodwa phezu kokuzinikela nangaphezu kwempumelelo yabo, bayakudinga ukwesekwa.
Amalungu alo mbutho awanamathoshi, awanazo izinsimbi zokubopha, amajazi emvula noma amajakhethi kanti ngesikhathi sasebusika, labo abanezinkinga zenhliziyo noma isifo sikashukela bakuthola kunzima ukuhamba emvuleni lapho kunomoya ebusuku.
Ngaphezu kwalokho, amalungu amaningi awasebenzi awakwazi ngisho nokuba aziphathele ukudla noma ukuzithengela i-airtime ukuze akwazi ukuxhumana namanye amalungu esilisa e-Imbizo noma amaphoyisa uma kwenzeka ezithola esesenkingeni.
Leli qembu labesimame lihamba emgwaqweni lizulazula liphethe okokuzivikela okufana nezinduku, ama-baseball bats, izinduku zegalofu nezimvubu.
Ngesikhathi laba besimame bezulazula ezitaladini kuphela izindaba nokuncokola ngoba bafuna ukulalelisisa ukuthi ngabe akukho yini abakuzwayo okusolisayo.
Ekhoneni lomgwaqo sahlangana nendoda esencane idakiwe bayibuza ukuthi iyakuphi. Yayidakwe kakhulu, bayisesha ukuthi ayiphethe sikhali yini base beqiniseka ukuthi ifika ekhaya iphephile.
Emva kwesikhathi sahlangana nentsha embili ifake amajakhethi esikhumba nama-jean iphuza iSavannah neBlack Label.
Omunye wesimame wabaqonda wababuza ukuthi bahlala kuphi.Bamnika amakheli abo bathi baya ekhaya. Nabo futhi baseshwa beseshelwa izikhali batshelwa ukuba bahambe baye emakhaya ngaphambi kokuba bagcwelezwe.
Emva kancane kwamabili ebusuku, ngase ngikhathele ngifa kodwa laba besimame bengakhombisi kukhathala besazimisele ngokuqhubeka bagade kuze kube ngu-4 entathakusa.
Njengoba ngithatha i-leave yami, ngicabanga ngokuba nenhlanhla kwami yokuba ngichithe isikhathi sami nalaba besimame ababeka impilo yabo engcupheni ngenhloso yokuvikela izimpilo zabanye abantu. Okubuhlungu wukuthi laba besimame bancamele ukushiya abemindeni yabo ngenhloso yokuzinikela ekulweni nobugebengu ekubeni bengasebenzi.[z]
BONA ZULU June 2008
Abesimame bombutho olwa nobugebengu Imbizo bayaqiniseka ukuthi izitaladi zaseKhayelitsha endaweni iHarare ziphephile ebusuku.
u
t
Abesimame behlome ngezinduku, izizenze nezimvubu bakwazile ukwehlisa izinga lobugebengu elokishini laseKhayelitsha endaweni eyaziwa ngokuthi yiHarare.
BUYEHLA!
Ngokwezigaba zobugebengu obubikwayo endaweni, kubonakala ukwehla kakhulu kwezigigaba zokubulala - kusukela ku-238 ngo-2002 kuya ku-84 ngo-2007; ukulimala kwabantu ngokushaywa kwehle kusukela ku-1 221 kuya ku-281; ukulinyazwa kwempahla kwehle kusuka ku-466 kuya ku-184; ukubanjwa kwenkunzi kusuka ku-443 kuya ku-100.
