zulu.330.teens
EZABASHA: Intsha yelulekwa nguFat Charlie
Izinsuku zesikole yizinsuku ezicasulayo
Kungani kuKUHLE ukuzonda isikole...
AKUMANGAZI neze kukhona abantu abasizondayo isikole. UFat Charlie ubezokhathazeka ukube bekungenjalo. Isikole siyacasula kakhulu, kodwa futhi yinto okumele yenziwe kuhle kohambo lokuya kudokotela wamazinyo - sona sehluke ngokuthi siluhambo oluthatha iminyaka engu-12.
Njengamanje isikole sesiphenduke indawo yeziqhwaga neyokuhlukumeza ngokocansi, enothisha abangamavila nezindlu zokufundela othi lapho uzibuka ubone ukuthi nemijondolo ingcono.
Bafowethu nodadewethu, akufanele ukungasithandi kwethu isikole kume endleleni yethu yokuba sifunde.
Singaphambanisi izinto ezimbi ezingenzeka esikoleni nokuthola ulwazi.
Sekuphele iminyaka engaphezu kweyikhulu ochwepheshe bezemfundo begxeka indlela izinto ezenzeka ngayo ezikoleni. Kulokhu angikhulumi nje kuphela ngento eyenzeka eS Africa - ngikhuluma ngento eyenzeka emhlabeni jikelele.
Izindlela ezintsha sezike zazanywa kule minyaka edlule kodwa azithelanga zithelo. Uma siza ngasemfundweni, kukhulu kakhulu ukungaphumeleli okukhona, kangangoba baningi abagcina bengakwazi ukufunda nokubhala, ikusasa labo lize lilungiswe ngezombusazwe.
Kuyo yonke le ndlela yemfundo sonke esesiyazi nesesiyijwayele - akukho esingakwenza ngaphandle kokubambelela kuyona.
Ngenxa yalokhu, okuhle wukuba sisebenzise wonke amathuba esinawo. Kufanele sikwenze lokhu ngoba noma yisiphi isikole esikhona ezweni, siyindlela ebange kweliqhakazile ikusasa.
N JENGAMAJELE nezindawo zokugcina abantu abakhubazeke ngokomqondo, izikole nazo zifana nazo zonke izindawo ezinjalo okufanele zibhekane nabantu abaningi abakhuliswa ngezindlela ezihlukene. Izikole zidinga imithetho ukuze yonke into ihambe kahle.
Akulula ukufundisa uma kukhona abantu abanganakile abazenzela izinto zabo noma abazixoxelayo.
Nakhu okunye bafowethu nodadewethu: uma ungomunye walabo abahlale bephazamisa ukuqhubeka kwezinto, izingane ezihlakaniphile zizobambelela entweni ezayizela. Kodwa khumbula ukuthi uzilimaza wena hhayi abanye abantu.
Noma yikuphi lapho uya khona uzohlangabezana nemithetho ebekwe ngabanye abantu. Ngakhoke lokhu makube ngenye yezinto noma yezifundo ozifunda esikoleni - nokuthi ungaphila kanjani phezu kwemithetho eshayiwe.
Ake ubuke labo bantu abaqhuba kahle esikoleni. Kungani beqhuba kahle" Yingoba bona behlakaniphe kakhulu kunawe"
Cha akunjalo. Yingoba bayakwazi ukulandela imithetho. Lokhu kungaba yinto enhle kube yinto embi futhi.
Okuhle futhi wukuthi abangeni ezinkingeni. Okubi wukuthi labo bantu abaqhuba kahle esikoleni, ngokuvamile bafike bazabalaze kanzima enyuvesi ngoba lapho kufanele ukwazi ukuzifundela ngokwakho uyiqonde kahle into kunokuyifaka enhliziyweni.
Kodwa lokhu makungabi yisizathu sokuba wenze kabi esikoleni ngethemba lokuthi uzokwenza ngcono enyuvesi.
Ngeke ufinyelele lapho uma ucabanga kanjalo. Inyuvesi inemithetho yayo, omunye wemikhulu ngothi akekho onendaba uma ungayi ezifundweni ufeyila. Akekho futhi ozwa izikhalazo zakho ngisho noma uxolisa.
Ngakhoke funda kulabo abenza kahle esikoleni. Engikushoyo wukuthi buza kubona ukuthi benza kanjani ubacele bakucacisele lapho ungezwa khona.
Ngaphezu kwakho konke uzokwazi ukuzitholela abangani abasha - uthole nokuthi kunezinto abazizondayo ngesikole.
Mhlawumbe ningakwazi lapho seninonke ukubuyisana ehlathini nakhane ngokuyikho. Mhlawumbe abanye bazibona bebandlululekile ngenxa yokuthi bakhaliphile - mhlawumbe ungabasiza nabo babe yingxenye yabangani bakho.
MASIBHUKULE sizibambele ngokwethu bafowethu nodadewethu sizitshele ukuthi abekho abantu abahlakaniphe kunabanye, nathi singafana nabo.
UFat Charlie ngeke umdide nakancane ngoba uyazi ukuthi ziningi izikole ezingenazo izidingo ezifanele ekuqhubeni imfundo noma ezinothisha abangamavila abehluleka wukufundisa.
Into ekhathaza kakhulu uFat Charlie yimimoya abantu abasha abazithatha ngayo izinto - bahlale bengenakho ukwenama - ningakwenzi lokho uma sekuziwa ngasesikoleni.
Lokhu uma usukucabanga, kufana ncamashi nomfaniswano wesikole nokuyilapho bonke abafundi bebukeka befana uma bewufakile kodwa ngaphakathi bangabantu abehlukene.
Ngisho kungaba khona okukucasulayo esikoleni ongakuthandi, kodwa makungakuxabanisi nemfundo ngoba iyona ebalulekile.
Ngisho ngabe uzimisele ngokuba yini lapho usukhulile kufanele uzimisele ngokuphasa uphumelele ngendlela efanele ukuze kufezeke amaphupho akho.
Uma isikole sakho singenazo izinto ezisezingeni elifanele lokuqhuba ukufunda, nguwe okumele ubone ukuthi wenzenjani, ungavakashela kuma-library, ucele abangani bakusize ukuze nawe uphase.
Ngaleyo ndlela yokuzisiza uzokwazi ukufunda amanye amakhono ngoba ubuhle bempilo emhlabeni wukufunda amakhono amaningi sizazele ngokwethu izinto.
Ngakhoke bafowethu nodadewethu akulona icala ukungasithandi isikole - kodwa nihlale nazi ukuthi siyisisekelo sekusasa eliqhakazile lezimpilo zethu.[z]
BONA ZULU - August 2006
I-library iyona ndawo enhle yokuqala uma ufuna ulwazi oluthe xaxa - kanti yindawo ethule ongatadishela kuyona.
Ukugxeka othisha bakho ngeke kukwenze uphase izivivinyo
BONA ZULU - August 2006
