zulu.324.ffff invitational
Yisikhathi sokushintsha impilo yakho!
I-WORKSHOP KA-MAY
UBONA nabeFood For Fun And Funds
bakumemela kwi-workshop kaMay
UFUNA ukuzakhela imali ngokudla? Sebenzisa uthando lokubhaka wondle umndeni wakho. Joyina uBONA nabeFood For Fun And Funds kwenye yama-workshop ethu.
Kulawa ma-workshop sizobona iFood For Fun And Funds yanyanga zonke bukhoma, uthole namasu okusungula ibhizinisi lakho. Ochwepheshe babapheki abaphuma eFood And Beverage Institute eJoburg bazonikhombisa izindlela zokuthuthukisa ukubhaka kwenu nikhiqize nokudla okudayisa kakhulu kwamaresiphi alula.
Uhlelo luzobandakanya lokhu okulandelayo:
Lluwellyn Diedericks: ULluwellyn uhlale ekhona nengosi yakhe yanyanga zonke yeFood For Fun And Funds. Nayeke futhi uzobe ekhona ezosicobelela ulwazi.
Patisserie Chef Nicolas: Uma sekuziwa ngasezintweni ezinamaswidi ezidayisa kahle njengamakhekhe namabhisikidi, umpheki uNicolas nguyena ongasifundisa kabanzi ngalo msebenzi.
Chef Lesley: Uzonibonisa ukwenziwa kwamaresiphi anikhombise nezindlela zokubhaka, njengokukala izithako zakho nokubiza kwazo.
Louraine Modirwa: Le ntokazi enempumelelo kwezamabhizinisi izonikhombisa izindlela zokubhaka nokuyilapho kuzokhethwa abazoba nenhlanhla kwabahambele lama-workshop babe yingxenye yalokhu.
KUPHI:
E-Crown Reef Room,
Gold Reef City Casino, Joburg
USUKU: UMgqibelo, May 16, 2009
Isikhathi: Kubhaliswa ngo-8
Uhlelo luqala ngo-8.45am
luphele ngo-4pm
Kubiza: R150/umuntu
Kubandakanya nokokubamba umoya uma ufika, itiye ngesikhathi se-break kanye nelantshi - konke kuzosevwa kwi-conference room. Kuyotholakala nezikhwanyana
zokumnandi eniyohamba nazo.
Ama-workshop ethu axhaswe ngabeNESTLÉ nabeGOLDEN CLOUD,
abazinikele ekwenzeni umehluko ezimpilweni zabantu bakuleli ngokubakhombisa ukuthi bangazakhela kanjani imali ngokuthengisa ukudla.
Ukubhuka/Ukukhokha:
Shayela u-Anna kule nombolo: 086-010-5954 (ngoMsombuluko kuya kuLwesine kusuka ngo-9am kuya ku-4pm;
ngoLwesihlanu kusuka ngo-9am kuya ku-1pm). Azi i-reference number yakho ngoba yiyo oyongena ngayo kwi-workshop. Yonke imali ekhokhwayo kufanele ikhokhwe ngoMsombuluko mhlaka 11 May, 2009. Ayikho imali eyobuyiswa.[z]
Uma ungeke uphumelele ngoMay 16, ungakhathazeki. Amanye ama-workshop kulo nyaka azoba ngalezi zinsuku ezilandelayo:
• UMgqibelo, June 27
• UMgqibelo, August 29
• UMgqibelo, September 26
• ULwesibili, October 20
• ULwesibili, November 17
Hlale ubheke le ngosi
Qaphela!
