zulu.322.music
Umculo wabo awukaphumi efeshinini
BONA ZULU – March 2008
7 izihlabani zomculo okufanele ube nazo
Abathandi bokuqina bomculo bakhombisa ngokusobala ukuthi umculo akusiyo into yamanje kodwa yinto yakudala. Abanye abaculi bakudala babelalelwa abazali bethu kanti nanamuhla amakhono abo asavelele nokungayinto enhle ukuba ube nawo umculo wabo.
Uhlu lwabaculi olulandelayo lunamagama abaculi ababenza izimanga emculweni kanti maningi amagama angekho - sithe make sikutomulele abambalwa...
Le ntokazi yazakhela olukhulu udumo ngephimbo layo emculweni we-jazz emhlabeni. “Kwakuthi lapho kudlala ingoma ka-Ella, ikati endlini ligijime liyohlala eduze kwe-speaker,” kubhala owayengumbhali wempilo ka-Ella uGeoffrey Fidelman.
“Ngicula uma ngithanda,” kusho le ntokazi. Umculo wamsiza wamkhipha ebugqileni eseyingane - njengoba wake wasebenza eqaphe indawo okwakuthengiswa kuyo umzimba.
Kusuka ku-1956 kuya ku-1964, u-Ella waqopha uchunge lwama-albhamu eSongbook kuyona okuboshelwe abaqambi abehlukene abafana no-Cole Porter noDuke Ellington nabanye.
“Lawa ma-albhamu ayeyingxenye yamarekhodi okuqala e-pop ayebhalwe abaculi bezimele ngokwabo ngaphandle kosizo,” kusho omunye owayephawula ngalokhu.
Ngeshwa iminyaka yakhe yokugcina yayinzima njengeyokuqala. Wayesevele esevaleke amehlo ngenxa yesifo sikashukela kanti nemilenze yakhe yomibili yanqunywa ngo-1993. Ngo-1996 wedlula emhlabeni ngenxa yalesi sifo eneminyaka engu-79.
LALELA: Enye yama-albhamu eSongbook ngethi Ella And Basie!, ayenza noCount Basie. I-Ella In Rome ne-Ella In Berlin yiwona ma-albhamu awaqopha bukhoma adla ubhedu.
UTHI UBUWAZI: Lo mculi wayenamahloni. “Ngiyazi angimuhle kangangoba akulula nokuba ngime phambi kwabantu,” kusho yena.
“Lokhu kwakungikhathaza kakhulu, kodwa manje ekugcineni ngabona ukuthi UNKULUNKULU Wanginika leli thalente ukuba ngilisebenzise - ngivele ngime phambi kwabantu ngicule.”
indaba nguROBERT JOHNSON
Omunye wochwepheshe bomculo waphawula wathi: “U-Armstrong wayengomunye wabaculi be-jazz ababenza izimanga baletha nolukhulu ushintsho ekudlaleni lo mculo.
“Impilo yakhe yangaphandle komculo, yiyo kwesinye isikhathi eyayigubuzela ukuba ngumculi kwakhe.”
Ngenxa ka-Armstrong, i-trumpet yavelela njengensimbi yomculo ezimele emculweni we-jazz. Ngesikhathi eqala emculweni, wayemandla kakhulu ekuziculeleni ngephimbo lakhe.
Emva kokuphuma esikoleni eneminyaka engu-11, u-Armstrong wajoyina i-quartet yabafana ababeculela ukuzitholela imali ezitaladini. I-trumpet yakhe yokuqala wayithenga ngemali ayeyibolekwe nguKarnofskys okunguMrashiya oxube nokuba nguMjuda owayemnika amatoho. Ukukhombisa ukubonga kwakhe kuKarnofskys, owayemphatha njengelungu lomndeni wakhe, u-Armstrong wafaka isigqebhezane seStar Of David impilo yakhe yonke.
Igama lakhe eliyisidlaliso elithi Satchmo liphuma kwelithi “satchelmouth,” elichaza indlela ayewumisa ngayo umlomo wakhe nolimi lapho esedlala i-trumpet yakhe.
U-Armstrong kwathi lapho ebona ukuthi izidlathi zakhe zikhukhumala kakhulu ngenxa yokufutha i-trumpet, wagxila kancane ekuculeni kanti futhi nomlomo wakhe wawusulimele sekungaselula ukuba adlale i-trumpet.
LALELA: What A Wonderful World, When The Saints Go Marching In, Dream A Little Dream Of Me, Ain’t Misbehavin’ nethi Stompin’ At The Savoy. Emva kwalokho kwalandela ethi Hello, Dolly. Ngo-1964, u-Armstrong wakhipha amaBeatles esicongweni seBillboard Top 100 ngawo lo mucu wakhe, waba ngowokuqala oneminyaka engu-63 ukuba nengoma enguNumber One.
UTHI UBUWAZI: NgoDecember 31, 1999, i-trumpet kaLouis Armstrong yayiphakathi kwezinto ezafakwa kwiMillennial time capsule eyoze ivulwe ngo-2099.
BONA ZULU – March 2008
u
t
Ezingasoze zabuna
BONA ZULU – March 2008
Lesi sihlabani singumculi we-jazz ohlonishwayo kanti ngo-2007 sasisacula bukhoma.
Okunye aziwa ngakho yi“Lucille,” igama aqamba ngalo iziginci zakhe ngemva kwesigameko sika-1950 somlilo owaqubuka e-bar ngesikhathi edlala. Lo mlilo waqalwa ngabalisa ababili ababebanga owesimame ogama lakhe kwakungu-Lucille. Emva kokuba uKing akwazi ukubaleka, wabona ukuthi ushiye isiginci sakhe emumva wayosilanda.
Waqamba isiginci sakhe ngokuthi u“Lucille” ukuze azikhumbuze ukuba angaphinde enze into ewubulima njengaleyo futhi.
“Cishe izikhathi ezingu-15, owesimame washo wathi: ‘Khetha phakathi kwami noma uLucille.’ Kungakho ngaba nezingane ezingu-15 kwabesimame abangu-15,” kusho yena.
UBB King wayephila nesifo se-Type 2 diabetes cishe iminyaka engaphezu kwengu-20. Ungumeseki wokufundiswa komculo ezinganeni futhi uyilungu lenhlangano enikela izinsimbi zomculo mahhala yenzise nezifundo zomculo ezinganeni kulo lonke elaseMelika.
LALELA: You Know I Love You, Woke Up This Morning, When My Heart Beats Like A Hammer nezinye. Emva kwalokho waqopha bukhoma i-albhamu ethi Live At The Regal eyashisa izikhotha.
UTHI UBUWAZI: U-King wayekhonze uFrank Sinatra kangangoba wayengayi ukuyolala engayidlalanga i-albhamu yakhe ethi In The Wee Small Hours. UKing waphinde wahlonipha uSinatra ngokusiza abaculi abansundu ababengalitholi ithuba lokudlala ezindaweni ezazithathwa njengezabamhlophe ngo-1960.
Nakuba afa emva kokuphahlazeka kwebhanoyi ngaphambi kokuphumelela kwezifiso zakhe, igama lakhe uRedding liyamaniswa nelomculo we-soul - nokungumculo owaqutshulwa yizinto abantu baseMelika abedlula kuzona ngokuhlanganisa iGospel neR&B ne-funk.
LALELA: Mr Pitiful, I Can’t Turn You Loose, iTry A Little Tenderness, (I Can’t Get No) Satisfaction neRespect. Emva kwalokho kwalandela i(Sittin’ On) The Dock Of The Bay, nokuyiyo engicabanga ukuthi iphuma phambili.
UTHI UBUWAZI: IDock Of The Bay yaqoshwa ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokuba uRedding afe. Yakhishwa ngenyanga eyalandela yaba nguNumber One wakhe wokuqala yathengisa izigidi ngezigidi zamakhophi.
Waqala emculweni we-jazz edlala upiyano ngaphambi kokuba ashintshele ekuculeni. Ekuzalweni kwakhe waqanjwa waba nguNathaniel Adams Coles eMontgomery, e-Alabama. Waqala ukucula esteji ngeminyaka yo-1930.
LALELA: IThe Christmas Song, Nature Boy, Mona Lisa ne-Unforgettable.
UTHI UBUWAZI: Ngo-1948 uCole wathenga umuzi endaweni yabamhlophe bodwa abadla izambane likapondo eLos Angeles. Inhlangano yabanini bezindawo yatshela uCole ukuthi ayimfuni umuntu ongadingeki ukuba azohlala kule ndawo. UCole naye waphendula wathi: “Nami futhi ngokunjalo angibafuni abantu abangafuneki lapha kwami. Uma kwenzeka ngibabona yimi owokuqala oyokhalaza.”
Lo mculi wayenza isiginci sakhe sohlobo lweFender Stratocaster senze noma yini ayifunayo - kanti wayevame ukuba asishise ngaphambi kokuba aphume esteji. Akekho osewake wadlala isiginci njengaye.
Ingoma ethi Star Spangled Banner ayidlala kwifestiveli yeWoodstock ngo-1969 ekhombisa ukungahambisani nempi yaseVietnam yayifana ncamashi nokushiswa kwefulegi laseMelika, njengoba uHendrix isiginci sakhe wayesishaya sizwakale yonke imisindo eyehlukene efana nokuqhuma kwesibhamu, ukumemeza komuntu - inhloso yalo mculi ongumbhali wezingoma kwakungukuhlanganisa akubiza “ngomhlaba”, i-blues, i-jazz noma umculo wesigqi se-funky, “umkhathi” kanye nolwazi lwakhe.
LALELA: Hey Joe, The Wind Cries Mary okuyingoma uHendrix ayidlala izwakale njengekaBob Dylan ethi All Along The Watchtower, nokwakuyingoma eyayikhonzwe amasosha ayeyibambile e-Vietnam kanjalo nethi Purple Haze.
UTHI UBUWAZI: Izandla zikaHendrix zazinkulu kangangoba zazikwazi ukudlala kuzo zonke izintambo eziyisithupha esigincini ngesikhathi esisodwa. UHendrix wayeyinxele edlala iziginci ezidlalwa abantu abasebenzisa izandla zangakwesokudla kodwa ezibhekise phansi.
u
uthini umthetho
Ukuphuza emsebenzini
INKINGA: Njengemenenja emsebenzini, kuye kudingeke ukuba ngibhekane nabasebenzi abatholakala bephuzile. Umqondisi wenkampani uye athi mabaxoshwe kodwa mina angihambisani nalokho. Ngenzenjani?
ISELULEKO SOFEZELA:
Ngokukhipha isinqumo sokuba kuxoshwe umqashwa, umqondisi wephula iBasic Conditions Of Employment Act (BCEA) neLabour Relations Act. Imininingwane mayelana necala elenziwe ngumqashwa kumele iphenywe kahle, kubhalwe incwadi emethwesa icala anikwe nenothisi yokuba eze ecaleni lokuqondiswa kwezigwegwe.
Kumele kwenziwe uphenyo oluqondile futhi lwenziwe umuntu onolwazi ngokuqulwa kwamacala ozothola nokuthi umqashwa wayephuze ngempela yini.
Lokhu kudinga umuntu ozohlolisisa kabanzi ukuthi umuntu okusuke kuthiwe ufike emsebenzini edakiwe ubebuphuze nini lobo tshwala.
Kungenzeka umqashwa afike emsebenzini enuka utshwala kodwa ebe engazange abuphuze ngalelo langa, noma kube wukuthi utshwala abuphuzile bebungeqile ku-0.05% oyisikalo esigunyaziwe umuntu angasiphuza. Umuntu ophenya udaba olunjengalolu kumele athole nokuthi isimo umqashwa atholakale ekusona besingawuthikameza yini umsebenzi awenzayo.
Kumele kubhekwe isimo somqashwa sisonke – ngabe unuka utshwala? Ngabe ukhuluma into engaqondile? Uma konke lokhu kungacaci kahle, umqashwa usengahlolwa igazi noma kuhogelwe iphunga lakhe kodwa uma evuma ukuba kwenziwe lokho futhi kube khona nomuntu ozoba wufakazi.
Uma kungukuthi umqashwa wavuma esivumelwaneni sakhe sokuqashwa ukuthi lezi zinto zingahlolwa, ngeke akwazi ukwenqaba. Uma kwenzeka enqaba, akufanele ukuba aphoqwe.
Kumele kwenziwe okufanayo futhi uma kusolwa ukuthi umqashwa usebenzise izidakamizwa. Uma umqashwa enza umsebenzi wasengadini, icala lakhe lisingathwa ngendlela efanayo nelomuntu oshayela i-forklift.
Kufanele kuqoqwe izitatimende zofakazi eziqondile umqashwa aqondiswe izigwegwe. [z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
BONA ZULU – March 2008
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 – ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
t
7 izingqalabutho...
Wazalelwa e-UK wakhulela eNew York. UMcFerrin waziwa ngesiphiwo sakhe sokukwazi ukujika iphimbo lakhe ukuze lenze imisindo eyehlukene. Maningi ama-albhamu adlala kuwona yedwa ecula futhi elingisa ukukhala kwezinsimbi.
LALELA: IThe Voice, Spontaneous Inventions neSimple Pleasures ne-albhamu ka-1988 eyayinomucu othi Don’t Worry, Be Happy.
UTHI UBUWAZI: UMcFerrin wayehambela amakhonsathi amaningi njengesimenywa sombhidi wama-orchestra kulo lonke elaseMelika nelaseCanada aphinde ezwakale ngokwakhe enza izinto zakhe ngephimbo lakhe.
Ukwenza isibonelo, amakhonsathi akhe ayephetha ngokuba uMcFerrin agcine esebhidisa i-orchestra njengasengomeni iWilliam Tell Overture, nokuyilapho amalungu e-orchestra ayesecula indawo yawo yokucula ngendlela yesitayela sokucula kukaMcFerrin esikhundleni sokudlala ngezinsimbi.[z]
