zulu.321.nhlanhla
UNhlanhla Nciza usecula yedwa
BONA ZULU - October 2007
Indlovukazi yomculo we-Afro-pop yaseKagiso, isithengise cishe amakhophi angaphezu kwesigidi ama-albhamu eMafikizolo eminyakeni emihlanu eyedlule. Njengamanje le ntokazi isiziculela yodwa futhi isiziphathele ngokwayo umsebenzi wayo...
UNHLANHLA NCIZA waphuthelwa wukuzwa indodakazi yakhe ikhuluma okokuqala ngqa nokuyibona isiqala ukuhamba. Kodwa kulokho uthi leso sikhathi uyosikhokha ngokuba ingane yakhe uZinathi ibe nekusasa eliyolingana izigidi.
"Uyoba nawo wonke amathuba angiphuthela ngiseyingane," kusho kufunga yena.
UNhlanhla (28) ushade nomunye wosaziwayo wenkampani yokuqopha. UNhlanhla naye usenenkampani yakhe entsha yokuqopha eyaziwa ngokuthi yi-NN Vintage okuyiyo ephethe izindaba zokucula nezengqephu yefeshini yakhe.
"Ngikhula eKagiso, umndeni wami awuzange ube nazo izidingo ezifanele ukuba ngihlelele phezu kwazo ngomsebenzi engiwufunayo," kusho lo somabhizinisi wesimame omncane ngomzimba. "Kwadingeka ukuba ngiwalwele wonke amathuba."
"Impumelelo yeMafikizolo ayizange ifike kalula. Saze sakwazi ukuba sizibonakalise ngokuthengisa kakhulu ngo-2002 nge-albhamu yethu yesine.
"Ngesikhathi sihamba senza amakhonsathi okuphromotha ama-albhamu amabili okugcina, ngaphuthelwa wukubona indodakazi yami uZinathi ihamba okokuqala ngqa nokuyizwa ikhuluma okokuqala ngqa. Kodwa njengamanje ngiyakhela ikusasa nokuyilapho izozikhethela yona indlela efuna ukuyithatha - ngisho ngabe kumuphi umkhakha, futhi izothola konke ukwesekwa ekudingayo."
Ephuza ikhofi eRosebank café - ikapisi nezimpahla ze-leather ayezifakile ngeke nakancane kufihle izifiso zakhe zokwenza amaphupho akhe abe yimpumelelo.
Ngesikhathi iMafikizolo ithola ikontileka kwabeKalawa Records ngo-1997, babesafana nesithunzi sozakwabo iBongo Maffin. Ngesikhathi uNhlanhla ekhubazeka ehlala unyaka wonke kwi-wheelchair ngenxa yengozi yemoto - emva kwalokho walulama waphila ngaphambi kwesikhathi sokuba leli qembu liqophe i-albhamu yalo yokuqala eyashisa izikhotha ethi Siyabonga ngo-2002.
"Lokho kujomba okumangalisayo kusukela ekuthengiseni amakhophi angu-30 000 kuya kwangaphezu kwangu-300 000 kwafika ngesikhathi esihle kakhulu kimina," kusho yena. "Ngaleso sikhathi sase sazana noTK ngaqala ngafunda ukuthi ibhizinisi lokuqoshwa komculo lisebenza kanjani."
U-TK Nciza nozakwabo uSbu Leope (uDJ Sbu) baqala ibhizinisi lokuqopha elikhula ngamakhulu amandla i-TS Records, noNhlanhla waqala wabhala nabaculi abafana noNtando, enza namakhava amarekhodi akhe futhi ethengisa kakhulu nokwaba yizinto ezaholela emiklomeleni yama-Metro namaSAMA ngo-2005/6.
"Ukuqala umndeni wakhe nakho yinto eyenziwa ngohlelo lwebhizinisi. Wakhulelwa ngo-2003 kodwa waqopha i-albhamu iKwela ngaphambi kokuba athathe i-leave yokulungiselela ukubeletha.
Le albhamu isithengise yacishe yafinyelela kumakhophi angu-400 000 kanti yinye kuphela into uNhlanhla eyamphuthela ngokuthola umntwana - wukudlala indawo yakhe yokuqala efilimini.
Wacelwa ukuba adlale indawo yeqhawekazi laseSophiatown elinguDorothy Masuku efilimini iDrum.
"Ukukhulelwa kwami kwangenza ngangakwazi ukudlala kuleli filimu, hhayi ngoba nginezinhloso ekudlaleni emafilimini, kodwa ngoba nginothando olumangalisayo lwezingubo zengqephu yezikhathi zaseSophiatown ekubeni nabaculi abafana noDorothy noMiriam Makeba yibo abangama-role models kowami umsebenzi."
I-albhamu yakhe ethi Ulieame (What Goes Around Comes Around), ibhekwe ngabomvu njengoba kulindeleke ukuba iphume ngoSeptember. Le ngoma eqanjwe ngayo yiyo ezoshisa izikhotha emalokishini nasezindaweni zasebumnandini - kodwa ningalindeli ukubona uNhlanhla oshintshile ofake izinto ezimbambayo neziveza umzimba.
"Ngikholwa wukuthi ukukhanga kowesimame kufanele kuqhamuke ekuzethembeni kwakhe, hhayi ekuvezeni umzimba," kusho yena. "I-Mafikizolo isiyadayisa amakhophi ama-albhamu ayisigidi kodwa angikaze ngifake izigqebhezane noma ngiveze amabele.
"Izingubo engizenzile engizozifaka lapho sengicula ngedwa zinhle kakhulu, kodwa futhi zenziwe nangendlela yokuthi zibukeke kahle esteji. Abesimame bangazithenga babukeke kahle futhi babe nokuzethemba."
UNhlanhla uthi abesimame abangabaculi kufanele bazibambele mathupha ezimalini zabo ezithinta umsebenzi wabo wokucula.
"Eminyakeni eyishumi eyedlule, ngesikhathi ngiqala ukuqopha neMafikizolo ohlangothini lwe-kwaito, abaculi besimame babengenazwi emaqenjini omculo besetshenziselwa ukuheha abalandeli - kungabesilisa ababedlala umculo. Namuhla ngithathe isinqumo sokucula ngedwa nokuba namandla okuzilawula ukuthi kufanele ngizimakethe kanjani. Angifuni ukusebenzisa umqondo omubi wokukholwa wukuthi ukuya ocansini yikho okuthengisa abaculi besimame. Lowo wumbhedo. Abalandeli bayahambisana nomculo oshisayo abazowuthanda.
"Indodakazi yami, ngeke ihlupheke ngendlela yaleyo mpatho, ngisho ngabe icabanga ukuthatha muphi umkhakha womsebenzi."[z]
BONA ZULU - October 2007
nguDOUG GORDON
