ZULU.31.free
BONA – September 2005
5 AMAHAMPA
Isimanga sikashokoledi
Akufanele uye ephathini ungaphethe lutho. Sibonga iDairy Milk ne-Assorted Mousse Truffles yakwaCadbury ezokwenza ukuba kube lula ukwenza lokho!
Labo shokoledi abancibilikayo emlomeni batholakala ngezinongo ezine: iBournville, Dream, Dairy Milk neCappuccino kanti ungazitenda ngabo emva kokudla. Uphuthelwe uma ungakaze ubazame!
UBONA unamahampa amahlanu abiza R200 iyinye ophisana ngawo. Ukuze uwine eyakho bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Cadbury’s Truffles Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe BONACADBURYS ku-35919
(I-SMS ngayinye ibiza R3.).
20 AMAHAMPA
Ama-dessert ehla esiphundu!
Uma sekuyisikhathi sokuzibusisa ngokuthile emva kokudla, udinga iMoir’s eneminyaka engu-100 ithenjwa ngomama. Zenzele u-jelly, u-custard oshelelayo noma i-instant pudding uma ilanga lishisa, ebusika ungazithokomalisa ngo-pudding oshisayo.
UBONA unamahampa angu-20 abiza R200 iyinye ophisana ngawo. Ukuze uthole eyakho, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini uyithumele kuleli kheli: BONA/Moir’s Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe BONAMOIRS ku-35919.
16 AMAHAMPA
Wina ama-movie
KwiCharlotte’s Web, sithola uFern enakekela uWilbur ichwane lengulube. U-Wilbur wazwana nesicabucabu esibizwa ngoCharlotte esagcina sesilwela amalungelo kaWilbur okuba aphile.
Abafundi bakaBONA abayisishiyagalombili bangawina ihampa ka-R380, enesigqoko nesikhafu, iwashi, i-poster nesethi yezinto zokubhala konke kweCharlotte’s Web.
Emva kokuba igundane likhukhuleke langena ngaphansi ezitaladini zaseLondon kwiFlushed Away, lafunda ukuthi kudingeka okungaphezulu kokuba nezinto ukuze uphile.
Abanye abafundi bakaBONA abayisishiyagalombili bazowina amahampa abiza R155 iyinye, aneplaki leFlushed Away, i-bubble-maker ne-poster ye-movie.
Ukuze uthole enye yalama hampa, bhala igama lakho, ikheli, inombolo yocingo otholakala kuyona emini nehampa oyikhethayo kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Win With The Movies Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe BONACHARLOTTE noma BONAFLUSHED ku-35919.
Imititilizo
Kuvalwa mhlaka:
31 January 2007
*(I-SMS ngayinye ibiza R3.)
6 AMAHAMPA
Khetha i-Oros!
Akukho okunambitheka njengengilazi ye-Oros uma ufuna ukukhipha ukushisa. Sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-100 i-Oros iyisiphuzo esithengwa kakhulu nesiyintandokazi kuleli ngoba omama bayayithemba kanti nezingane ziyafa ngayo.
Lesi siphuzo sakho sesitholakala ngephakethe eliphatheka kalula kanti inama-vitamin nama-mineral avuselela amasosha omzimba. Khetha ezinongweni ezinhlanu etholakala ngazo: yiMango/Orange, Peach/Apricot, Mixed Berries, Apple neLitchi.
Ukuze uthole ihampa kaR500, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Oros Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060,
noma uSMSe BONAOROS ku-35919.
5 AMAHAMPA
Uthola okuthe xaxa
I-Hall’s Smooth neHall’s Smooth Lite entsha yisiphuzo esiqukethe izithelo esishubile esiqeda ukoma. Sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-20 iHall’s ikhiqiza iziphuzo ezinempilo ezitholakala ngezinongo ezihlukahlukene okubalwa kuzona i-Orange & Mango, Fruit Punch, Peach & Apricot, Granadilla & Paw-Paw neStrawberries & Cream.
Manje kunezinongo ezimbili ongazizama - iMixed Berries neKiwi & Mango. Khumbula ukuthi ebhodleleni ngalinye kuphuma amalitha ayisishiyagalombili!
UBONA unamahampa amahlanu abiza R200 ophisana ngawo. Bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Hall’s Smooth Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060 noma uSMSe BONAHALLS ku-35919.
BONA ZULU – January 2007 71
Izipho zika-
R12 000
