zulu.313.tsha
indaba nguDOUG GORDON
izithombe nguPETER WHITFIELD
Intokazi entsha kwiTsha Tsha
INDLELA eyindida obhalwe ngayo lo mdlalo iTsha Tsha yiyo esiwenze waba nezigidi ngezigidi zabalandeli wathola nemiklomelo yamazwe omhlaba kwezeTV kusukela ngo-2001. Inhloso yalolu chunge wukwazisa izigidi ngezigidi zababukeli abasebancane ngezinto ezithinta ezocansi ne-HIV/AIDS.
Kodwa indaba yokuthandana komfundisi nentokazi efaka ama-overall anogrisi ngenxa yomsebenzi wayo wokukhanda yiyo ezokwenza lo mdlalo udlule eminye yeTV yansuku zonke - ikakhulu njengoba indawo yomfundisi idlalwa yisihlabani seTV uHlomla Dandala, owayekwiSidingo nasohlelweni lwezothando i-All You Need Is Love.
“Ngesikhathi le nsizwa uLungi ifika kule ndawo, yaba ngundabamlonyeni kuwo wonke umuntu. Bonke omama baseLubusi babenesifiso sokuthi sengathi ingashada amadodakazi abo,” kuchaza uZiki.
“Kungakhoke kwaba yindaba enkulu isithandana nomuntu ofana noZukiswa.”
Kade kwakuyisifiso sikaZiki ukudlala indawo enjena kumabonakude. Uneminyaka engu-23, kanti wakhula endaweni yomphakathi omncane KwaZulu Natal. Emva kokwenza izifundo zokuphathwa kwamabhizinisi nezobuchwepheshe (IT), walibangisa eGoli.
Ubuhle nobude bakhe yikho okwamtholela imisebenzi yokukhangisa ngengqephu neyezikhangiso zikamabonakude.
Ngonyaka odlule wavela kwiGenerations, edlala indawo yomthwebuli wezithombe zephephabhuku owayeqashwe uNgamla (Menzi Ngubane). Wadlala izigcawu ezimbili kuphela.
Emva kwalokho uZiki wahlolelwa ukudlala indawo yentombazane yeqembu lezigelekeqe uThandeka emdlalweni Isidingo – owayesesitokisini esisodwa nentokazi exegelwa isimilo uCherel de Villiers, abagcina sebesebenzisana ochungeni lokuqola amabhizinisi izimali ezinkulu.
UZiki yamlahlekela le ndawo yathathwa nguKholeka Qwabe. Waphoxeka kangangoba wazicija kabusha ukuze abukeke ngenye indlela kumabonakude wagunda izinwele wabuya eseshaye imbungculu.
“Kwashintsha izinhlanhla zami ngokuphazima kweso lokho,” kusho yena. “Ngesikhathi ngiqala ukumodela, ngangine-Afro engayishintsha ngayenza isitayela esisha ngokuba ngiyiluke. Ukugunda ikhanda lami kunginika lokho kuzethemba nesibindi sokuba lezo zindawo engazidlala zangihlukumeza phambilini, ngizidlale ngempumelelo.”
“NjengakwiTsha Tsha kwathi lapho benza indawo yomuntu oyi-tomboy njengoZukiswa, angizange ngicabange ukuthi bangayinika umuntu ofana nami.”
Ongu-executive producer uTracy Clayton uthi uZiki imfanele impela le ndawo - ikakhulu njengoba edlala ndawonye nosemnkantshubomvu kulo mkhakha uHlomla.
“Ngiyathanda ukudlala indawo kaZukiswa,” kusho uZiki. “Ngakhula ngibahlonipha abantu besonto.”
UZukiswa wumuntu ongabhedelwa: usebuyele ekhaya eLubusi emva kokusebenza enkampanini yezimoto ePort Elizabeth.
Uwazi kahle umsebenzi wakhe wezimoto, kodwa usekhathele abesilisa abangadlulwa siketi abafuna ukucekela phansi umzimba wakhe.
Ufuna ukuziphathela impilo yakhe. Ubaba wakhe wabaleka ngaphambi kokuba azalwe - kungakhoke yena eya ocansini ngokusebenzisa ikhondomu. Umama wakhe akaphuzi ulala kubona, kanti uZukiswa yena akabulokothi utshwala.
ULungi ufuna ukusiza umphakathi ngendlela yakhe. Akanqeni ukwenza noma yini ngenhloso yokusiza abantwana bakaNkulunkulu. Ngesikhathi ehlangana noZukiswa, wayehambisela abampofu ukudla (uZukiswa).
Into yokugcina abayidingayo ezimpilweni zabo wukuba bathandane, kanti uZiki uthi leyo iyonanto eyenza indaba yabo yothando kube ngevuthayo kwiTV. uthando lwabo aludalwanga ubuhle. UZiki wazi kahle ukuthi ubuhle abuwona ukhiye wothando lwesikhathi eside.
“Abesilisa abanemali futhi abadumile, bathanda izingubo ezinhle, izimoto zikanokusho nokubonakala nabesimame abahle,” kusho yena.
“Abanye besilisa bahamba nanoma ngubani ofake isiketi, kanti abanye baze bahlongoze uhambo lwaseFrance. Ngiyathanda ukuba yingxenye yomphakathi ngixhumane nabantu emaphathini nasemicimbini - yilokho okubalulekile ukuhlale usondelana namathuba omsebenzi.
“Kulo msebenzi wami, angisebenzisi ithuba lokuvela kumabonakude ukuzitholela isoka elinemali.” [z]
BONA ZULU – May 2006
UHlomla Dandala noZikhona Sodlaka – izithandani ezishisayo ze-soapie entsha.
Uthandana noMfundisi
UZikhona Sodlaka emdlalweni oluchunge kwi-SABC 1 ngowesimame ongumakhenikha othandana nomfundisi osanda kufika kule ndawo...
“Ngesikhathi benza indawo ye-tomboy enjengoZukiswa, angizange ngicabange ukuthi bangayinika mina kodwa yangakhela impumelelo kwiTV,” kusho uZikhona.
BONA ZULU – May 2006
