zulu.312.pyramid
BONA - August 2007
Ezezimali
Ungakuvumeli ukukhohliswa ngokutshalelwa imali
Abanye abatshali bezimali abayizalisi imali yakho - kunalokho bayayidla. Nansi indlela ongababona ngayo...
UMA kukhulunywa ngokutshala imali, ayanda namathuba okuba sengozini yokuba idliwe. Kodwa ezinye izindlela zokutshala izimali ziyingozi kangangoba zisebenza ngokungekho emthethweni.
Lokho akusiwo umbono weBONA kuphela kodwa nohulumeni ubona ngaleyo ndlela kanti uzimisele ngokukuqeda nya lokhu.
Uhlobo lokutshalwa kwemali oluyingozi kakhulu yilolo oluqalwa abantu abambalwa bagcine sebedle imali yabantu abaningi abajoyina kamumva.
Abajoyina kamumva bajoyina benethemba lokuthi bazothola imali eningi kodwa bagcine bekhala ezimathonsi basale bengenamali.
Lawa masela angenanembeza avame ukulutha abantu abangenawo amandla okuzilwela njengabahola impesheni nabazali abathwele kanzima empilweni.
UBONA washicilela ucwaningo lwawo olwalumayelana nabantu abatshalela abantu izimali zabo eminyakeni emihlanu edlule. Abanye abanjengeMiracle 2000 balutha ngisho nabantu abahlonishwayo abanjengoMfundisi uKenneth Meshoe.
Manje amaphoyisa aseGauteng asanda kukhipha esinye isexwayiso ngabatshali bezimali. Aphenya izinkampani ezingu-17 ezitshala izimali zabantu ezinjengeYoung Stars, iSilverton Assets ne-Eagle Forex, esezidle imali elinganiselwa ku-R15 million ezinkulungwaneni ngezinkulungwane zabantu.
Ukufaka imali yakho kulolu hlelo lokutshala imali kufana nokuthatha imali yakho eningi uyilahle. Ubani ongenza into efana naleyo"
Kodwa ngesikhathi uthatha imali yakho uyifaka ezinhlelweni zalolu hlobo usuke ungakucabangi lokho. Abantu bazitshela ukuthi basuke bebhekwe elakubo uma becelwa ukuba bajoyine uhlelo lokulondoloza imali olunjengalolo.
Umehluko wukuthi zonke izinhlelo zokulondoloza imali ezisemthethweni zilawulwa yimithetho ethile eshaywa nguhulumeni ukuze kuqinisekiswe ukuthi uvikelekile. Kodwa lezo ezithembisa abantu umnotho osheshayo azikho emthethweni kanti zenzelwe ukuxhaphaza wena.
Kodwa njengamanje, nakuba kungekho emthethweni ngaphansi kwe-Unfair Business Practices Act, bangavumbuka kalula abathembisa abantu ukubazalisela imali ngoba lo mthetho awubavikeli abathengi kanti lokho kuvunywe nguSipho Tlaene, umqondisi wokulawulwa komthetho eMnyangweni wezoHwebo nezeziMboni.
"Usinikeza igunya lokuba sithathe izinyathelo uma sithole isikhalo esiphuma emphakathini," kuchaza yena. "Kodwa kukhona umthetho omusha ozayo obizwa ngeConsumer Protection Act osinika amandla okusebenza ngaphandle kokulinda izikhalo zabantu."
"Uma lo mthetho usuqala ukusebenza, okungenzeka kube ngoJune ngonyaka ozayo, sizobe sizenzela olwethu uphenyo sibe nophiko lwethu lokushushisa. Kodwa okwamanje sizokhuthaza abashushisi ukuba baqhubeke nokubheka amacala esiwafakayo - sicele nomphakathi ukuba ubike uma kukhona okusolayo." [z]
Ukubona abazalisa izimali
Nazi izindlela ezijwayelekile ezisetshenziswa abafuna ukukuzalisela imali yakho ngokweReserve Bank:
n Baba nendlela abakuheha ngayo ugcine ungasakwazi ukuthi "Cha".
n Bayakujaha ukuze usheshe usayine bangakuniki ithuba lokuba ucabangisise kahle noma ufune omunye umuntu ozokubonisa ngabo.
n Baba nemihlangano ehlelwa kahle kube khona abantu abazofakaza ngempumelelo yabo.
n Bakusabisa ngokuthi sebenezikhala ezimbalwa zabantu abangabajoyinisa.
n Bakutshela ukuthi uthola inzalo enhle - enkulu kunaleyo oyithola ebhange nakwamanye amabhizinisi okutshala izimali.
Uma ufuna ukubona ukuthi inkampani otshale kuyona imali yakho isemthethweni yini shayela abeFinancial Services Board ku-0800-110-443.
Uma ufuna ukubika ngenkampani etshala izimali esolisayo shayela abeDTI ku-0861-843843.
BONA ZULU - August 2007
nguPATRICIA McCRACKEN
