zulu.309.editorial comment
MASIBONISANE
Ngabe mangaki amadoda
okufanele alwe nobugebengu?
MNUMZANE uDube Othandekayo... Igama lami nginguPule wa Sekano. Awungazi. Kungenzeka sigcine singahlangananga. Noma kwenzeke ukuthi ungayifundi le ncwadi.
Uma ubheka isimo sezwe esiphila kulona, kungenzeka ukuthi kuthi ungakalifundi leli phephabhuku ngibe sengilele kobandayo.
Mhlawumbe kube nguwena lowo.
Kungenzeka ukuthi sobabili sibulawe ngendlela okwabulawa ngayo umakhelwane wakho uBashimane Mofokeng. Wayengenacala "wahlomula" embonini yaseSA ekhulayo.
Awekho amagama angasetshenziswanga uma kukhulunywa ngobugebengu - abunamqondo, bungubulwane, abulawuleki, buyacasula, buyinkohlakalo... Phezu kwalokho, busaqhubeka nokuthatha izimpilo zabantu, izimoto nama-cellphones.
Kukhona neziphathimandla zikahulumeni ezizenzela umathanda emalini yokusiza abantu zenze nokunye ukukhohlakala.
Zingalwa kanjani nobugebengu ngoba ziyahlomula ngabo?
Kodwa Mnuz. uDube ubugebengu buyolokhu buyinkinga ebantwini abanjengami nawe. Buyisihlava okufanele silwe naso.
Walusukumela lolu daba wagqugquzela izinkumbi zabantu ezikhathazekile ukuba zizwakalise ilaka lazo kwabaphethe.
Izinkulungwane ngezinkulungwane ezazibuthene e-Union Buildings zaziyingcosana yesizwe esopha amanxeba esifuna ukuba kuphele ngobugebengu.
Sesikhathele! Babesho ngazwi linye.
Ngeshwa, ngalowo mkhankaso kwasizakala nabakhuthalele ukukhala kodwa bangenzi lutho. Kwakuthi uma bekhuluma ngawo bathi "kuthiwa yiMillion Man March."
"Kuthiwa." Ngezikhathi zobandlululo iSABC yayithanda ukusebenzisa lelo gama. Yayithanda ukuthi, "kuthiwa wumzabalazo wenkululeko."
Leli gama alizwakali kahle. Alinamqondo - lizwakala linokungabaza.
Odabeni lweMillion Man March, kungenzeka ukuthi ababemasha abafikanga kuleso sibalo. Ngisho noLouis Farrakhan wahluleka wukuhlanganisa isigidi sabamashi.
Abezindaba kwakufanele bagxile ebugebengwini obabuyisisusa saleyo mashi, bangazihluphi ngesibalo sabantu ababemasha.
Mnuz uDube, awugcini ngokuba yiphimbo elifuna buphele lobu bulwane, elifuna kuphele ukuhlupheka kwethu. Ngikholwa wukuthi umele inamuhla. Ngikufanisa noBarack Obama omele uguquko okufanele ukuba ngabe kade lwaba khona eMelika.
Ulwa nezingqinamba zeSA eyakhahlanyezwa wubandlululo. Siyisizwe esibhekene nenkinga yezomnotho, esicwasa ababhace kuleli nesizabalazela ukuba kucace ukuthi singobani siphile impilo ekhomba ukuthi sesikhululekile.
Kufanele ukuba bakwethulele isigqoko abantu abahlushwa wubugebengu. Kufanele ubalwe namaqhawe alwela uguquko.
Nginesifiso sokubhala enye incwadi, incwadi ezoqala ngokuthi "Thabo Mvuyelwa Mbeki Othandekayo..." Kodwa ngeke ngiyibhale. Kufanele ukuba naye useyazi ukuthi uzolwa kanjani nobugebengu.
Kunalokho, ngizothi: Dube for President! [z]
Pule wa Sekano
BONA ZULU August 2008
Incwadi eqonde ngqo kuDesmond Dube mayelana nombhidlango weMillion Man March...
BONA April 2008
