zulu.303.python
KWESIKHULU: U-Agnes Soul esikhombisa enye yezinyoka azinakekelayo. Lapha unozakwabo u-Lynne Keogh.
Usuke wezwa ngezinyoka ebhanoyini, manje yizwa ngezinyoka zasefemini...
BONA ZULU - May 2007
Onogada abangcono kunabo bonke
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguPAPI MORAKE
NGENXA yokugqekezelwa njalo, usomabhizinisi waseGoli uWayne Keogh wathatha isinqumo sokufuya izinhlwathi ezimbili ogama lazo nguNgwenya noSathane.
Sekuzwakele ngaleli lisu lakhe - kwehla izinga lobugebengu.
"Ngangikhathazekile ngokuthi isimo sase siba yingozi kubasebenzi bethu," kusho uKeogh.
"Laba bantu babesiqola. Ngesinye isikhathi balandela umshayeli wethu ebuya ebhange bangena badubula. Abantu babengafa kulokho. Manje sesiphephile kakhulu," kusho yena.
U-Agnes Soul naye uyavumelana nalokhu. "Ngaphambi kokuba lezi zinyoka zifike, le ndawo yayingaphephile."
Nguye onakekela lezi zinyoka ezithathwa njengabantwana bakhe.
Ukhala izinyembezi uma eyodwa yazo igula.
"Kuyiqiniso, ngizikhonze kabi, ngihlale ngizinakekela."
"Ngihlale ngizihlola ngokuvula imilomo yazo. Enyokeni ephilile kufanele umlomo ube-pink."
Nakuba lezi zinyoka zingobobulili obuhlukene kodwa azihlangani ngoba "ubhuti nosisi," kusho u-Agnes waseKhayelitsha eWestern Cape.
"Ngesikhathi sizithenga, satshelwa ukuthi zazalwa wumama oyedwa, ngakhoke kuhlale kukhona ukuthula phakathi kwazo zombili."
Lezi zinyoka azimthandi nje-kuphela u-Agnes kodwa futhi ziyawazi namagama azo.
"Uma ngizibiza ngamagama azo, zikhombisa ukuzwa," kusho yena.
"Uyazibona futhi uma zilambile azibi nakho ukuphumula - ngaleyo ndlela ngiyazi ukuthi sekuyisikhathi sokuba ngithume umshayeli wethu ayozithengela amagundane esitolo esidayisa izilwane."
Izinhlwathi azizidli izilwane ezizifele. Zifuna ukuzibulalela ngokwazo ezizokudla," kusho u-Agnes.
Amakheji azo anogesi, iziqu zezihlahla nokhaphethi ofudumele. "Ngihlale ngihlola izinga lokushisa ukuze ngiqiniseke ukuthi akushisi kakhulu. Izilwane ezinegazi elibandayo azikudingi ukushisa okukhulu," kusho u-Agnes.
Ngesikhathi abakwaBONA befika, u-Agnes wayenenkinga yokuthola amagundane njengoba izitolo ezidayisa izilwane eziseduze zase ziphelelwe yiwona.
Njengoba uNgwenya wayebukeka elele, uSathane wayeyaluza ehla enyuka ekhejini lakhe.
"Uba nolaka uma elambile," kusho u-Agnes.
"Uma uSathane esekhipha umoya njalo efutheka eba mkhulu ngesidumbu, ikhanda lakhe eselimise phezulu, ubokwazi ukuthi usengahlasela noma nini."
Lezi zinhlwathi ziyayekwa zizigcaluzele ngaphakathi kule femu emva kwezikhathi zomsebenzi nangezimpelasonto.
Esikhathini esedlule, lezi zinhlwathi zazigezwa kobhavu abakhulu ababili ngaphandle kwefemu, kodwa lokho kwakudala ukuba kube khona abantu abaningi ababukayo kuvaleke nomgwaqo.[z]
Isemsebenzini iqaphile
Babaqaza ubugebengu
Yisikhathi sokudlala nenye yezinhlwathi.
BONA ZULU - May 2007
