ZULU.1267.legal
BONA ZULU - June 2006
Uthini Umthetho
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Owalunywa yinja
Umkami nendodakazi yethu eneminyaka emihlanu bangivakashela lapho ngisebenza khona engadini. Ngesikhathi sebengaphakathi emagcekeni, indodakazi yethu yalunywa yinja. Kwadingeka ukuba ngiyihambise kudokotela yafike yathungwa izitishi ezingu-12 engalweni.
Le nja ayinalo ulaka kangangoba unkosikazi wami usengivakashele kaningi ngaphandle kwezigigaba.
Umnini muzi wenqaba ukukhokhela izindleko zokwelashwa. Wathi umkami nendodakazi babengenalo ilungelo lokuba endaweni yakhe, wagcizelela ukuthi inja yakhe ayinalo ulaka njengoba ifuyiwe.
Kodwa phambilini unkosikazi wami uma engivakashele, umnini muzi wayazi kodwa angasho lutho. Yini okufanele ngiyenze"
TT, Gauteng
lUmkakho nendodakazi babengekho egcekeni lomnini muzi ngokungemthetho.
Umkakho wayekuvakashele njengoba ayekade enza phambilini. Ukuthi phambilini le nja ayikaze ikhombise ukuba nolaka akusho ukuthi kumele ithethelelwe ekuziphatheni kwayo noma lokho kube yinto umnini muzi angazivikela ngayo kuwena.
Umthetho ukucacisa ngokusobala ukuthi, uma isilwane siziphatha ngendlela ehlukile kuneyezinye izilwane zohlobo olufanayo, nokuyilapho siziphatha ngokungafani nokwendalo yaso ngokuhlasela umuntu. Umnini wesilwane nguye okumele abhekane nezindleko zamademeshe alowo muntu ohlaseliwe.
Uma ungakhipha ubufakazi bokuthi le nja ngeyomnini muzi, nokuthi yahlasela ingasukelwanga muntu, unelungelo lokufuna amademeshe kumniniyo.
Ukufuya isilwane wukusenza silungele isimo sokuhlala nabantu ekhaya. Ngokwencwadi yakho kuyacaca ukuthi le nja yayifuyiwe.
Ukuze ukhombise ukuthi amademeshe akho angakanani, kufanele uthole amakhophi ama-akhawunti abo bonke odokotela owahambisa kubo indodakazi yakho.
Ngaphezu kwalokho, kufanele ubuyisele indodakazi yakho kudokotela ukuze ubone ukuthi idinga ukuba yenziwe i-plastic surgery (ukupheshwa emzimbeni) yini ukuze kuncishiswe izibazi okungenzeka ukuthi zikhona.
Izindleko zakho obhekene nazo nezinye zesikhathi esizayo zizoba yingxenye yamademeshe akho.
Okubalulekile futhi, wukuba udokotela wakho akubhalele umbiko wezokwelashwa.
Kulowo mbiko kufanele achaze ukuthi wabonani ngesikhathi ehlola indodakazi yakho okokuqala, iyiphi imithi ayinika yona, ukwelashwa kuqhubeka kanjani, izinhlungu nokuhlupheka indodakazi yakho edlule kukho, izindleko zayo zaba ngakanani nokuthi ezesikhathi esizayo zingaba malini.
Kufanele futhi wenze uhlu lwemithi namaphilisi adambisa izinhlungu indodakazi yakho eyawasebenzisa nokuthi konke kwabiza malini bese ubonana nommeli ozokucubungulela isamba sonke bese ekhipha isamanisi lokufuna amademeshe.
Sinethemba uzophumelela.[z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
