ZULU.1005.Cedric
UCedric wazakhela igama emdlalweni ayengawudlali…
Ngabe usendleleni ebange ku-2007?
I-winger ebhekwe ngabomvu!
NJENGABO bonke abafana abancane abasakhula elokishini, noCedric Mkhize wayedlala ibhola nabangani bakhe. Imigwaqo ewubhuqu yaseHammarsdale eduze kweTheku yiyo eyayiyinkundla yabo yebhola. Babebancane beneminyaka eko-9 no-10 benesifiso sokudlalela izwe labo.
KumfokaMkhize lelo phupho lizofezeka. Ekuqaleni kwalo nyaka wayeyingxenye yeqembu lakuleli lika-U21 elawina indebe yomhlaba e-Argentina.
Yinye kuphela into esishintshile kumfokaKhabazela, wukuthi usedlala ibhola lombhoxo.
Lolu shintsho kuCedric lwaqala ngesikhathi bemthumela kwi-private school eneminyaka engu-11. Lo mdlalo wawuthanda eqala ukuwudlala.
UCedric (20) ongowokuzalwa eMpangeni ukholwa wukuthi yinhlanhla nothisha wakhe uMnuz Lombard okumenze wafinyelela kuleli zinga.
“Ngangisese-primary school ngesikhathi uMnuz Lombard ebona leli thalente kimina engangingazi nokwazi ukuthi nginalo,” kukhumbula uCedric.
E-high school, waqokelwa i-Natal Academy U16.
“Ngajabula kakhulu ngesikhathi ngiqokwa ukuba ngiyomela isifunda sami. Kodwa ngangingakazi ukuthi uthando lwami lwe-rugby lungahamba lugcine lapho lukhona namuhla,” kusho okaKhabazela.
Emva kokuphothula u-matric wakhe, uCedric nalapho wayengazithathi njengomdlali we-rugby oyi-professional. Esikhundleni salokho wahamba wayokwenza izifundo zobunjiniyela eDurban Institute Of Technology.
Waqala ukudonsa amehlo abaningi ngendlela ayedlala ngayo nokwathi lapho ithuba lokujoyina iNatal Sharks livela, walibamba ngezandla zombili waze wama isikhashana ezifundweni zakhe.
Lo mdlali oyi-winger wathatha isinqumo esiyiso. Usewuhambile umhlaba, waze wadlala eNew York. Kodwa konke lokhu kwanqanyulwa wukumenywa kwakhe ukuba ayoziqeqesha neSpringbok Sevens.
Lokhu kuzomholela eqenjini eliphezulu. UMkhize namanje akakakholwa ukuthi konke lokhu kwenzeke kuyena ngesikhathi esifishane kangangoba ngezinye izikhathi uze azincinze efuna ukubona ukuthi akaphuphi yini.
Kodwa kwaba yingesikhathi umqeqeshi wamaSharks uDick Muir embiza ukuba azoziqeqesha naleli qembu nokuyinto uMkhize athi wazibona ngayo ukuthi ungumdlali we-rugby oyi-professional.
Eyingxenye yeqembu leSuper 12, wadlala imidlalo eNew Zealand nase-Australia ekuqaleni kwesizini kulo nyaka.
“Ngakuthokozela kakhulu ukuthola leso sipiliyoni,” kusho yena.
UMuir akangabazi ukuthi uMkhize uya kude. Lo mqeqeshi umchaza lo mdlali njengomuntu okwaziyo ukusebenzisana nabanye. Ukholwa wukuthi le nsizwa iyakwazi ukudlala emazingeni aphezulu.
“Uhlale ekhona kanti futhi kumnandi ukuba naye. Njengomdlali ungumuntu osheshayo onomqondo okhaliphile kulo mdlalo,” kusho uMuir.
UCedric uphuma emndenini omkhulu, unodadewabo abahlanu nomfowabo kanti abazali bakhe bobabili basaphila. Uhlala eDurban North, umndeni wakhe uwubona kanye ngenyanga.
“Umndeni wami ungiseka kakhulu, kanti nomfowethu ufuna ukuzibona ngelinye ilanga edlala i-rugby emazingeni abe-pro,” kusho uCedric.
Le winger yamaSharks ikholwa wukuthi uma isebenza kanzima, iyoba ngomunye wabadlali abayoqokelwa iqembu lesizwe eliyodlala kwiRugby World Cup ngo-2007. Kodwa uyazi ukuthi lokhu ngeke kwenzeke kalula.[z]
BONA ZULU – November 2005
indaba nguSIHLE NDLOVU
izithombe ngabeDUIF DU TOIT/TOUCHLINE PHOTO
KWESOBUNXELE: Selifezekile iphupho likaCedric lokudlalela izwe lakhe...okushintshile wukuma kwebhola!
NGEZANSI: UCedric uchazwa njengomdlali okwaziyo ukubambisana nozakwabo.
BONA ZULU – November 2005
