zulu.1004.makeafriend
BONA – August 2005
88 BONA ZULU – February 2008
udaba oluxhasiwe
Ukhona umngani ozokusiza
KUBUYELWA esikoleni nase-msebenzini – kanti kungenzeka ukuthi usazizwa ukhathele! Kungakhoke kubalulekile ukwesekwa abomndeni nabangani kanti uma ulekelela umzimba wakho ezidingweni zawo ungaphila kahle...
Ukugqilazwa amaholidi nomsebenzi kungakushiya ukhathele – uphathwe wumkhuhlane kalula. Ungavuselela umzimba wakho ngamavithamini.
Ukudla okungenawo amavithamini nama-minerals kungaba nomthelela omubi esikhumbeni, ubhocobale, imisipha yakho ingaqini kahle. Kungenzeka ubuye uqunjelwe uphelelwe amandla.
Usizo ungaluthola ezitolo zakwaPEP ezingu-800 ezikulo lonke elaseSA. Sibonga uchunge lwabo lweMixture Of Life lwemikhiqizo yempilo ngoba ungazizwa ukahle unamandla ngokushesha!
Lolu chunge lunama-mineral namavithamini kanti kukhona noluthakwe nge-aloe ferox ne-African potato. Imikhiqizo yakwaPEP yeMixture Of Life inconywa nayiSA Medicines Control Council kanti ihloliwe ukuze kutholakale ukuthi isebenza kanjani.
Ungazikhethela uchunge lokunakekela umndeni wakho ngoba kukhona okuvuselela amasosha omzimba, imithi yokukhwehlela kanye nemithi yokuhlambulula isisu. Kule mithi ungafaka nephalishi elingadingi kuphekwa.
Lolu chunge lwenziwe kucatshangelwa impilo yakho – ngoba ubungani busho lokho...[z]
Khetha uchunge lwemithi ezokusiza ukuze ubhekane nokukha-ndleka kwempilo
Uma uthanda ukubhalelana nomngani, sibhalele kuleli kheli: BONA/Penpals, Box 32083, Mobeni, 4060. Sitshele ngawe – usinike igama nekheli lakho!
U-Oratile I. Mathibe (35) oseBox 157, Sikwane, Botswana, yilungu leZionist Church elithanda ukuzwana nezintokazi. Izincwadi mazibhalwe ngesiNgisi, isiTswana noma isiPedi.
UMpho Mohale yinsizwa eneminyaka engu-29 ethanda ukuzwana nezintokazi zeminyaka engu-18-50. Ukhonze ukubukela iTV, ukulalela umculo, ukufunda nokuhlangana nabantu. Izincwadi mazibhalwe ngesiSuthu noma ngesiNgisi zihambisane nezithombe. Ikheli lakhe lithi: Box 230, Teyateyaneng, 200, Lesotho.
U-Johannes M. Moshokgo (31) uthanda ukuzwana nezintokazi zeminyaka engu-28-35 ezizimisele ngomshado. Izincwadi mazibhalwe ngesiSuthu zithunyelwe kuleli kheli: Box 121, Raditshaba, 0718.
UMokopa Mokobodi (28) okuBox 672, Pietersburg, 0700, uthanda ukuzwana nabesilisa nabesimame basemhlabeni wonkana. Makube abeminyaka engu-25-30 abangaphuzi abangabhemi. Uliqhathanzipho elithanda ukulalela umsakazo, umculo kanti ungumlandeli weMoroka Swallows. Izincwadi mazibhalwe ngesiSuthu noma ngesiNgisi zihambisane nezithombe.
U-G.N. Masiko oneminyaka engu-48 yintokazi ekhonze ukuya esontweni, ukupheka, ukubukela iTV nokulalela umculo woKholo. Uthanda ukuzwana nabesilisa beminyaka engu-50-58 abangaphuzi abangabhemi. Izincwadi mazibhalwe ngesiZulu, isiXhosa noma isiNdebele zithunyelwe kuleli kheli: 16 Venfolo Street, Steve Tshwete, Vredenburg, 7580.
UNosisi Kosi, 5667
N. Mbangi Street, Asla Park, Mosselbay 6500, yinkonkoni eneminyaka engu-37 ethanda ukuzwana nezinkonkoni zeminyaka engu-27-40.
U-Victor Ndana (36) uthanda ukuzwana nabaneminyaka engu-30 -42. Ukhonze ukubukela ezemidlalo kwiTV nokulalela umculo. Ikheli lakhe lithi: Correctional Services, Private Bag X602, Kirkwood 6120. Izincwadi mazibhalwe ngesiXhosa noma ngesiNgisi zihambisane nezithombe.
U-Happy Ndlovu (33) oseBaviaanspoort Maximum Prison, Private Bag X01, Lynn East, 0039, akaphuzi kanti uthanda ukuzwana nezintokazi zeminyaka engu-25-30 ezikhonze ukuya esontweni. Izincwadi mazibhalwe ngesiZulu noma ngesiXhosa.[z]
UMqondiswa Mzefelo (36) uthanda ukuzwana nezintokazi zeminyaka engu-31-40. Akaphuzi akabhemi kanti ukhonze ibhola nokulalela umculo woKholo. Ikheli lakhe lithi: A2-208, Krugersdorp Prison, Private Bag X2023, 1740.
U-Amon M. Mvubu, oneminyaka engu-26 uthanda ukuzwana nabesimame beminyaka engu-20-32 abangadlali. Ukhonze iR&B nezemidlalo. Ikheli lakhe lithi: Ncome Medium A, Private Bag X9420, Vryheid, 3100. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
UThulasizwe Mavundla, okuBox 64573, Isipingo, 4110 uneminyaka engu-62 kanti uthanda ukuzwana nabesimame beminyaka engu-60-62. Ukhonze umculo wesintu, ukubukela iTV, ukuya esontweni nokufunda.
U-Nicholas Zoleka Mgaga,
oseNo 205540323, Zonderwater Medium A Prison, Private Bag X1003, Cullinan, 1000, yinkonkoni eneminyaka engu-24 kanti uthanda ukuzwana nabesilisa beminyaka engaphansi kuka-50.
UNtokozo Ngidi (30) uthanda ukuzwana nezintokazi zeminyaka engu-30-39 ezingaphuzi ezingabhemi. Ukhonze ukufunda, ukupheka, ukubukela ama-movie neTV kanye nebhola. Ikheli lakhe lithi: Correctional Services, Private Bag X9057, Pietermaritzburg, 3200. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
UMuzonjani Ndaba yinsizwa eneminyaka engu-29 ethanda ukuzwana nezintokazi zeminyaka engu-25-35. Izincwadi mazihambisane nezithombe zithunyelwe kuleli kheli: Waterval Prison, Private Bag X1006, Utrecht, 2980.
USgameko Zola Buthelezi uthanda ukuzwana nabesimame beminyaka engu-23-34 abangadlali. Ikheli lakhe lithi: Waterval Medium B, Box 1006, Utretcht, 2980. Izincwadi mazibhalwe ngesiZulu.
U-Maria T. Motaun (42) okuHouse No.16219, Ivory Park Ext. 2, Midrand, 1685 uthanda ukuzwana nabesilisa beminyaka engu-50-60 abangaphuzi abangabhemi abafuna ukushada. Ukhonze ukubukela iTV, ukuya esontweni nomculo woKholo.
U-Louisa B. Mekgwe (54) uthanda ukuzwana nabesilisa beminyaka engu-54-60 baseNorth West noma eGauteng abangamalungu eZCC abadivosile noma abashonelwa amakhosikazi abo. Ikheli lakhe lithi: Box 9260, Rustenburg, 0300.
UTuelo Chabalala uneminyaka engu-45, akashadile kanti unebhizinisi lakhe. Uthanda ukuzwana nabesilisa beminyaka engu-48-50 abangadlali nabakhonze ukuya esontweni. Ababhemayo nabaphuzayo bangazikhathazi. Ikheli lakhe lithi: Box 12185, Lomanyaneng, Ratshidi, 2739. Izincwadi mazibhalwe ngesiTswana noma ngesiNgisi zihambisane nezithombe.
UThabo Bezane (25), ngumlandeli we-Islam othanda ukuzwana nezintokazi zeminyaka engu-18 -24 ezingaphuzi ezingabhemi. Bangaba nengane eyodwa, bazihloniphe bathande nokuya esontweni. Ukhonze ukubhala izinkondlo, ukufunda amanoveli nokubukela ama-movie. Ikheli lakhe lithi: No 200700022, Mangaung Correctional Centre, Private Bag X101, Buckley-Hall Street 3, Fichardt Park, 9317.
U-Enie Sengoai, okuBox 11450, Maseru, 100, Lesotho, ngumama oneminyaka engu-36 onamadodana amabili eminyaka engu-8 no-13. Ukhonze ukuya esontweni, ukupheka nokuthunga. Uthanda ukuzwana nabesilisa beminyaka engu-38-46 abangaphuzi abangabhemi. Izincwadi mazihambisane nezithombe.
U-M.L. Setlaelo, uneminyaka engu-31, yiKholwa elizelwe kabusha, unengane eyodwa kanti akaphuzi akabhemi. Uthanda ukuzwana nabesilisa beminyaka engu-35-45 abahloniphayo. Izincwadi mazibhalwe ngesiSuthu, isiNgisi noma isiTswana. Ikheli lakhe lithi: 2489-3 Evaton Side, Residensia, 1980.
U-Samuel Nkwale, okuNo 204445294, Kutama Sinthumile Maximum Security, Private Bag X2006, Makhado, 0920, uthanda ukuzwana nezintokazi zeminyaka engu-18-23. Ukhonze ukufunda, ukudlala ibhola, ama-movie, iR&B, i-kwaito ne-house. Izincwadi mazihambisane nezithombe. [z]
thola umngani
BONA – July 2007
