zulu.3030.yourworld_tvguide
YISIKHATHI SE-TV!
OKWAKUDALA NOKWAMANJE
Isihlabani somdlali oseke wawina imiklomelo u-Isaiah Washington usitshela ngendawo yombulali ayidlala kuRomeo Must Die, okungumdlalo wesimanje ofuze owakudala kaShakespeare uRomeo And Juliet. (December 29, 8pm, SABC1)
Ngabe ucabanga ukuthi le filimu ihamba ezinyathelweni zomdlalo kaShakespeare uRomeo and Juliet ncamashi?
Ucishe ufane nosuselwe ku-Othello noJulius Caesar, nakweminye yodumo. Mhlawumbe usuke wakuqaphela lokho (esho ehleka).
Ngabe isiqephu sebhola samhlekisa uJet Li?
Yebo, sambulala ngensini. Ngenhlanhla naye uyakuthanda ukuhleka. Uzokuba yisihlabani sezihlabani.
Kule filimu kushayisana amasiko amabili. Sitshele kabanzi ngendawo edlalwa yi-hip-hop.
Inamandla kakhulu. I-hip-hop yimboni eyakha izigidigidi zezimali. Engizama ukukusho wukuthi izihlabani zalo mculo zazifake ubucwebe obumangalisayo mhlawumbe obungabiza umholo wesonto lonke (uyahleka). Yindlela enkulu yokumaketha noma yini nokuyinto umqondisi uJoel Silver ayibona kahle.
SOURCE:
www.asianconnections.com
THE INCREDIBLES (December 26, 7.30pm, SABC3)
Isihlabani saseHollywood uSamuel L Jackson yiphimbo lakhe elizwakala kule filimu yezilwane. Izithandani eziyizihlabani ziyaphoqeka ukuthatha umhlalaphansi ukuze ziziphilele impilo yazo kunokufunwa izimali ezinkantolo. Manje sebekhululekile bafuna ukuhlenga umhlaba futhi.
ONGAKUBUKA
DON’T BE A MENACE (December 12, 10.15pm, SABC1)
Izelamani zakwaWayans zenza ezidume ngakho - ukusilethela amafilimu ahlekisayo. Kulokhu basilethela iBoyz n the Hood neJuice. U-Ashtray (Marlon Wayans) uphindela ekhaya nokuyilapho ehlangana khona noyise nabangani, futhi kunezinto eziningi ezingumsangano ezenzeka kuye.
PEARL HARBOR (December 13, 10pm, SABC1)
AmaJaphani ahlasela ichweba iPearl Harbor nokuyinto efakazelwa ngabangani abakhulu uRafe noDanny kanjalo nezikhulu zombuso wezempi. UDanny ududuza intombi kaRafe u-Evelyn. Kuzokwenzekani lapho u-Rafe sekwenzeka esephila?
AMA-MOVIE OKUBU-KWA
Lindela izimanga
Ezama-soapie kule nyanga: Abanye abantu banezizathu zokuthokoza ekubeni abanye badinga imilingo.
Injabulo kaMamokete iphela lapho ethola ukuthi uJacob uqulekile. Uzokufa uma enganikelelwa ngesitho somzimba. USuffocate uthokoza ngokufika kukaPule nakuba (uPule) engaseyena lo mfana omncane waselokishini uSuffocate amthumela kwi-private school.
NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu 6.30pm, e-tv
UMbangiseni kuncane okungamenza athokoze empilweni uPeter emlethela amaphepha edivosi. Ngaphezu kwalokho, amasheya amaningi asefakwe ngaphansi kwesikhwama sikaDakalo. UMampho uzama ukwakha ukuthula nokubuyisana noMiriam.
NgoMsombuluko kuya kuLwesine, 9pm, SABC2
Ukuhlelela i-bachelor party kaKhapela akumniki uSamuel injabulo ngoba akazi uzoyithathaphi imali. UGladys uthokozile ethola ukuthi ubani ofikile. Ngabe uKhethiwe usamukele isimemo sikaKhapela?
Ngomsombuluko kuya kuLwesihlanu 8pm, SABC1
UDaniel unobunzima bokuba nezimfihlo. Uzokwenzenjani lapho uNadia ethola ukuthi izinsalela zikaLeticia zisegcekeni lakhe? UPalesa naye akanayo inhlanhla; ULefa udalula izindaba zengane yakhe nokuyinto emphula umoya.
NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu 7.30pm, e-tv
EZAMA-SOAPIE
ESIKU-KHE-THAYO
Buka ukukhethwa kukaMiss SA okuzokube kwenzeka eSun City Superbowl. Kuningi okuzobe kwenzeka kukhona nezihlabani nosaziwayo abathandwayo.
Kuyacaca abahlela uMiss World bayithanda kakhulu iSA nyakenye kangangoba bayawubuyisa lo mncintiswano nakulo nyaka. Ungaphuthelwa wukubona bonke ubuhle.
Ukutonyulwa kwamaqembu angu-32 azodlala kwi-2010 FIFA World Cup kuzokwenziwa kule nyanga bukhoma eCape Town International Convention Centre bese kukhonjiswa umhlaba wonke.
Lolu hlelo oluxhaswe nguCell C neWorld Gospel Powerhouse likunika ithuba njengombukeli lokuvotela izihlabani zakho zomculo woKholo ozithandayo. Bheka ukuthi ngubani ozowina.
I-SABC1 sekunesikhathi ilokhu isikhiphela umculo weJoyous Celebration. Kulo nyaka basilethela iJoyous Celebration yakamumva ezosigcina sisemoyeni kaKhisimusi.[z]
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
IZINHLELO EZIYISIPESHELI NGALE SIZINI
