zulu.3028.project
Amakhasi ephrojekthi kaBona
Sonke sinamaphupho ngemisebenzi esifisa ukuyenza ngelinye ilanga. Abanye bafisa ukuba odokotela, abahlengikazi, abammeli noma othisha, kodwa ngabe bangaki abafisa ukuba namabhizinisi abo-
Kulolu shicilelo sibheka umkhakha wezamabhizinisi - ukuthi udingani ukuze ube nalo, yini eyenza abantu bakhethe ukuba osomabhizinisi nokuthi abanye baphawula bathini ngokuba osomabhizinisi.
Lolu lwazi lucashunwe ochungeni lweBusiness TODAY olushicilelwe abakwaMaskew Miller Longman.
Uchunge lweTODAY luneLearning Areas kaGrade 7 kuya kuGrade 9.
Uyini usomabhizinisi-
Usomabhizinisi ngumuntu oqala ibhizinisi lakhe ngokutshala isamba semali kulo abhekele
nezingqinamba angahlangabezana nazo.
Asho ukuthini lawa magama-
Ukubhekela izingqinamba - ukuthatha isinqumo sokuvula ibhizinisi elithile emva kokwenza ucwaningo ngokucophelela.
Ukutshala imali - ukufaka imali entweni ethile ngethemba lokuthola inzuzo.
Isamba semali - yimali onayo yokuqala ibhizinisi.
Kudingani ukuba ngusomabhizinisi ophumelelayo-
58 BONA ZULU - June 2006
UKUZETHEMBA
UBUNGANI
UKUZIMISELA
UKUZIKHANDLA
UKUZWANA
NEZINGQINAMBA
IKHONO
UMDLANDLA
UKUZWANA
NEZINSELELO
UKUQIKELELA
UBUHOLI
UKUTHANDA ABANTU
UKWENZA
USHINTSHO
Usomabhizinisi waseSouth Africa owaphumelela!
U-Mark Shuttleworth wazakhela udumo ngokuba ngumAfrica wokuqala ngqa ukuhambela emkhathini. Lokhu kwafezeka ngokuzibandakanya kwakhe kwezamabhizinisi, kwezobu-chwepheshe ne-Internet. Waba ngusozigidi eneminyaka engu-26 ngesikhathi edayisa inkampani yakhe yakwaVeriSign ngo-US$575 million.
Kulungele izingane zeminyaka engu-8-14
Yini eyenza abantu babe ngosomabhizinisi-
Ukwentuleka kwemisebenzi eSouth Africa kuyinkinga kwabaningi.
Ngenxa yale nkinga, abaqashi baqasha abantu abanolwazi ngalowo msebenzi.
Izinkulungwane zabantu baseSouth Africa sezizivulele amabhizinisi ayimpumelelo.
Nakhu okushiwo abanye babo:
Ngabe ubuwazi-
Inkampani yakwaCoca-Cola yasungulwa nguDkt John Pemberton, owayengusokhemisi. Waqala ukwenza iCoca-Cola eketeleni elalinemilenze emithathu ngemuva engadini yakhe. Namuhla ingaphezulu kwe-billion imikhiqizo yakwaCoca-Cola ephuzwa ngosuku!
Sathola izicelo
zabantu
abangu-273
ababefuna ukwenza umsebenzi
esasiwukhangise ephephandabeni...
Ngangingazi ukuthi nami ngingaba nebhizinisi! Ngiyazethemba manje!
Ngisebenza
ngokuzikhandla kodwa kuhle ngoba
ngiyawuthola
umvuzo.
Ngifuna ukuba
ngusomabhizinisi ngoba ngikhathele ukwenza lo msebenzi.
Imali engiyiholayo incane kakhulu.
Siphisana ngamakhophi angu-5 eLongman Mini English Dictionary!
Sitshele ngamagama angaphansi kwangu-100
ukuthi ungathanda ukuyenza kanjani imali.
Thumela imingenelo yakho kuleli kheli:
Longman Mini Dictionary Giveaway
Maskew Miller Longman
PO Box 396, Cape Town, 8000
Ungakhohlwa wukubhala igama lakho, ikheli, inombolo
yocingo negama lesikole sakho.
Kwakungelula ukuqala ibhizinisi lami kodwa kuningi engakufunda.
Ngiyazikhandla kodwa inkampani iyona edla kahle!
Impilo yami isilawulwa yimina - kuhle lokho!
BONA ZULU - June 2006 59
Ngaqeda u-matric eminyakeni emibili edlule. Umsebenzi angiwutholi.
Ngineminyaka
ngingasebenzi kanti kungiphatha kahle
ukuhlala ngimatasa
nokuhlela izinto.
Angikwazanga ukufunda ngize ngiqede. Akulula ukuthola umsebenzi uma ungenazitifiketi.
Umtitilizo!
