zulu.3024.fashion
Izitayela ezinhle zasehlobo
Zinhle izingubo ezimfishane ehlobo kanti zinhle ezemibala ehlukene ukuze ukhethe okufunayo. Qiniseka ukuthi ubukeka ume kahle ngisho ngabe ufake okunobude obungakanani - kodwa gqama ube muhle!
BONA ZULU – September 2007
nguCHRISTINE HAMMANN
izithombe nguPETER HOOPER
umkhangisi ngu-CAROL oqhamuka kwa-Ice
iziphaqulo nezinwele nguCATHERINE VEER
Le ngubo eboshwa ngokuba uyiphambanise kulula ukuyigqoka. Ibukeka isesitayeleni kanti ungayigqoka yodwa noma uyishaye phezu kwebhulukwe noma kwe-jean ekubambayo.
Ingubo enemidwebo (R240), Foschini. Izicathulo ezinemibala emibili (R225), Rage.
BONA ZULU – September 2007
Into evulekile emqaleni ifanelekile nomakanjani ehlobo. Gqama ubukeke kahle!
Ingubo enezimbali evulekile emqaleni (R100), Max.
Ubuhlalu basesihlakaleni (R89), Chameleon. Amacici (R30), Gorgeous. (Izicathulo ngezomkhangisi.)
Izitayela ezinhle zasehlobo
Lesi yisitayela esingeke sikufanele uma usenza sibe sifishane uma umude noma sibe side lapho umfishane!
Ingubo evulekile emqaleni efihla amahlombe (R149,95), Edgars. Ibhande elimnyama elinwebekayo (R89,95), Edgars. Amacici amakhulu ayisiliva (R30), Gorgeous.
BONA ZULU – September 2007
Bukeka kahle kokubomvu kusukela phezulu kuya phansi. Okokuhloba okusansimbi ngombala, kungakwenza ugqame ube muhle.
Ingubo ebomvu ehlotshisiwe enothayi (R290), Max. Amabhengela (R59), Smac at YDE. Izicathulo ezingenasithende (R185), Rage. Amacici (R55), Gorgeous.
Isitayela esime kanje sifanela labo besimame abakhudlwana ngezansi. Ukuze ubukeke umncane, ungasigqoka nezicathulo eziphakeme.
Ingubo esawolintshi (R169,95), Edgars.
BONA ZULU – September 2007
Izitayela ezinhle zasehlobo
Izithombe zathwetshulelwa eSun Coast Hotel & Towers: 031-314-7878; Website:www.southersun.com
IZITOLO: CHAMELEON: 012-253-1451, EDGARS: ezweni lonkana, FOSCHINI: ezweni lonkana,
GORGEOUS: 031-201-2811 MAX: 031-312-8834 MIGLIO: 021-853-0454 RAGE: 031-265-0660; 011-444-1282 VCP: 082-240-6832 YDE: ezweni lonkana: Buza lapha: 021-797-8002
BONA ZULU – September 2007
Okuvulekile yikhona okuhle ekufihleni ubukhulu besisu. Qiniseka ukuthi ufaka ama-sandals anezithende ukuze nemilenze yakho ibukeke kahle..
Ingubo evulekile emakhwapheni (R280), Max. Isigqoko (R45), VCP. Amabhengela (R179-R189), Miglio.
