zulu.3021.advertorial
Uma kushisa, into enganqeneki ongayenza - yi-braai!
Ama-boerewors
I-BRAAI kusuke kungeyona ngaphandle kwe-boerewors yakwaShoprite lapho uzwa ubuhlohlohlo benyama emlilweni, iphunga elimnandi elizwakala emoyeni nokuyibona isha ikhipha ujusi ngaphakathi.
I-braai isuke ingaphelele ngempela ngaphandle kweminye yemikhiqizo yakwaShoprite yama-boerewors emalahleni. Ziningi izinhlobo zama-boerewors. Minyaka yonke abakwaShoprite baba nomncintiswano wama-boerewors kuthi i-boerewors ephume phambili idayiswe ezitolo zabo unyaka wonke.
Ungazizwela ngokwakho iShoprite Kameeldoring, Grabouw, Rooikrantz noma ethandwa kakhulu iManager’s Recipe – umehluko ekunambithekeni uzokumangaza.
I-braaiwors yehlukile kune-boerewors. I-braaiwors isosiji elithi malifuze i-boerewors elinezithako ezehlukene. Nge-braaiwors ngeke nakancane umndeni wakho uyikhalele imali yakho kanti futhi inezinhlobonhlobo eziningi kusuka kumaCheese Wors kuya kumaBBQ Beef Braaiwors. Ngisho ngabe uthokozela i-braai nabangani noma nomndeni noma utenda izingane ekhishini, izitolo zakwaShoprite yizona ongathola khona uchunge lwama-boerewors nama-braaiwors kanye namasosiji ezweni
lonkana. [z]
ezentengiso
e-braai
ephambili
Uthi ubuwazi?
Izitolo zakwaShoprite zadayisa ngaphezu kuka-3,5 million kg we-boerewors no-7 million kg we-braaiwors ngonyaka odlule nokuyibanga elingaphezu kuka-17 000 km – nelingaphezu kokusuka eCape Town kuya eCairo!
BONA – August 2005
