zulu.301.size
Intsha yelulekwa nguFat Charlie
NGABE kukhona okuchazwa wubungako besitho sangasese" UFat Charlie lokhu yena yinto angayishayi mkhuba. Kodwa iqiniso wukuthi - iningi labesilisa emhlabeni lokhu kuyabahlupha.
Abanye baze babe namahloni ngalokho baphelelwe wukuzethemba kunoma yini empilweni. Abanye baze baluthwe yizikhangiso ezithi zikwazi "ukukhulisa induku." Ngakhoke lona ngumbuzo okungcono sibhekane nawo. Abesilisa baqala ukukhathazeka ngosayizi wesitho sangasese lapho beqala ukungena esigabeni sokuba nomdlandla ngakwezocansi kusukela cishe mhlawumbe eminyakeni engu-12.
Engingakusho wukuthi - ubungako besitho sakho sangasese abuhlanganise lutho nokuthokozela ucansi noma indlela owenza ngayo ocansini.
INDLELA owenza ngayo imayelana nokuzinikela kwakho ekutheni isitho sakho sikwazi 'ukuvuka' noma ukwazi ukwanelisa uphathini wakho ngakwezocansi, ngisho ngabe isitho sakho sivukile noma cha. Indlela owenza ngayo ocansini ayihlanganise lutho nobungako besitho sangasese - incike ezinyameni, egazini nasemisipheni etholakala ngaphakathi emgudwini wokwakha ingane.
Isitho sowesimame sangasese siwumgudu ozungezwe yizinyama. Singakwazi kuphela ukunwebeka sifinyelele ku-10cm ngesikhathi sokubeletha, kodwa futhi siyabuyela endaweni yaso.
Iphuzu engilishoyo wukuthi siyakwazi ukunwebeka ukuze simelane noma yimuphi usayizi wesitho sowesilisa sangasese.
Ngokubuka ngeso lezokwelapha, kunabesilisa abanezitho zangasese ezincane kakhulu. Uma ucabanga ukuthi nawe ukulabo, kufanele ubonane nodokotela nomakanjani, kodwa engineqiniso lakho wukuthi uzotshelwa ukuthi akukho okufanele ukhathazeke ngakho.
Nakuba isitho sowesimame sikwazi ukunwebeka siphinde sivaleke, kodwa iningi labesimame liye lithi alikuthakaseli ukuya ocansini nomuntu wesilisa onesitho sangasese esikhulu kanti futhi bathi kuyabacasula ngoba ngesikhathi besocansini siye silokhu siphuma.
Ngakhoke lokhu kusho ngokusobala ukuthi bayakuthakasela ukuya ocansini nabanesitho esikahle noma esiphakathi nendawo.
Kodwake ukuba ngumuntu okahle othandana naye kuncika emqondweni womuntu; ekuhlonipheni izidingo zikaphathini wakho; kanjalo nokuba ngumuntu okahle okwazi ukubhekela izidingo zakhe.
Kuningi futhi eningakwenza ekuwotawotaneni ukuze nenze ukuya kwenu ocansini kuthokozeleke.
Okuyiyona ndawo ezwela kakhulu esithweni sowesimame wumgudu ongubude obungu-10cm oseduze nengaphandle lomzimba womuntu wesimame.
Ngakhoke, uma silinganisa ngokuthi isitho sowesilisa esijwayelekile singaphezu kuka-10cm ubude, lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi iningi labesilisa kufanele kube lula ukuba bakwazi ukufinyelela kule ndawo yabesimame.
Ukuze ube nokuthula emqondweni wakho, nakhu okungakukhulula okushiwo udokotela: "Usayizi wesitho sowesilisa sangasese, uchazwa yizinto ikakhulu ezincikene nofuzo - ikakhulu oluthola kubazali. Lesi sitho sangasese siyakhula sibe ngusayizi womuntu omdala ngesikhathi ushintsha kusukela ebufaneni ungena esigabeni sokuba yindoda.
"Iningi labafana liqala ukukhombisa ushintsho lokukhula phakathi kweminyaka engu-10 nengu-14, bambalwa kakhulu abaqala ngaphansi noma ngaphezu kwalokho.
"Kuqala 'amazambane' abe makhulu bese kumila neziboya eduze kwawo. Emva kwalokho bese kukhula isitho sangasese uqobo, siqale ngobude kulandele ububanzi. Usayizi wokugcina wokukhula kwesitho sangasese kowesilisa, ufinyelela kuwo eminyakeni emine noma eyisithupha emva kokuqala kokukhula kwama 'zambane'."
Nakuba kuyinto ejwayelekile kodwa lokhu kungaba yinto edidayo. "Njengoba kuqale kukhule amazambane (alandelwe wukukhula kwesitho sangasese), iningi labesilisa abasebasha aliwaqapheli amazambane alo ngesikhathi ekhula likhathazeke ngokuthi alukho ushintsho elilibonayo nokuthi isitho sangasese sincane kakhulu.
"Kungenzeka ukuthi abanye besilisa ekilasini lakho baqala ukubona ushintsho lokukhula kuqala kunawe kangangoba ungababona benezitho zangasese ezinkulu njengabantu abadala - nokuyinto ecasulayo."
Niyazi bafowethu ngeke ukucabange ukuthi uma isitho sakho sangasese sivukelwe, sizokuba ngakanani ngokusibuka lapho singavukelwe.
Igazi elihanjiswa wukuqala kokuma kwenduku liholela ekuvukelweni kangangoba ngisho nesitho sangasese esincane singakhula ngokuphindwe kahlanu ngokobude, siphindwe kabili ngobubanzi, ekubeni isitho sangasese eside singakhula ngokungangengxenye eyodwa kwezimbili ngobude lapho sesigcwele igazi.
QAPHELANI futhi ukuzikala. Sekube khona okukhulu ukuphikisana ngakwezokwelapha ekutheni yini ngempela esuke ikalwa. Abanye bathi kungakuhle uzikale ngesikhathi induku isamile nokunzima ukwenzeka ngaphansi kwesimo sezokwelashwa.
Omunye wodokotela wakwelaseBrazil waphendukela ekutheni ajove izitho zangasese zabesilisa ngezidakamizwa ukuze zivukelwe akwazi ukuthola imiphumela eyiyo.
Abanye bezokwelapha bakala izitho zangasese zabesilisa ngokuba bazidonse lapho zingavukelwe.
Ubude bukaleka kahle lapho umuntu emile nesitho sakhe sibheke phansi. Ngabe ukala kusuka eduze komzimba kuya lapho kuphuma umchamo" Noma usuka lapho kuphuma umchamo uya ngaphakathi"
Kulokhu methembe uCharlie... Akusikho onakho, kodwa okubalulekile wukuthi wenzani ngakho - kufana nobude bepeni akusiyo into ebalulekile kodwa okubalulekile wukuthi ulibhala kanjani igama lakho.[z]
BONA ZULU - March 2007
Isithombe nguVAL ADAMSON, ethwebula abakhangisi
Uchaza ukuthini usayizi"
Lona ngumbuzo iningi labesilisa emhlabeni jikelele elizibuza wona
BONA ZULU - March 2007
Zihlole
Umdlavuza wesitho sowesilisa sangasese cishe uyingxenye eyiphesenti elilodwa kuyo yonke imidlavuza kubantu besilisa kodwa futhi yiwo oluhlobo olujwayelekile lomdlavuza kubantu besilisa beminyaka ephakathi kwengu-16 nengu-35.
I-Testicular Self-Exam (TSE) yindlela yabesilisa yokuzihlola amazambane ukuqinisekisa ukuthi awekho amaqhubu angajwayelekile nokungaba wuphawu lokuqala lomdlavuza.
Emva kokuthatha i-shower ngamanzi ashisayo, lapho isikhumba somphambili sithambile, yileso sikhathi esikahle sokuzihlola.
Ngeminwe, yizwa i-epididymis. Lokhu kusantambo phezulu nangemumva kwezambane ngalinye. Akusilo iqhubu elingajwayelekile.
Qaphela iqhutshana ngaphansi kwesikhumba ngaphambili noma emaceleni ezambane ngalinye.
Uma unamaqhubu noma ukuvuvukala, lokho akusho ukuthi unomdlavuza, kodwa kufanele uhlolwe wumuntu wezokwelapha. Uma kwenzekile watholakala zisasuka phansi, kungalula ukuba umdlavuza wesitho sangasese welapheke.
