zulu.3018.yourlifeguide_HIV
Dear Criselda
Unombuzo nge-HIV noma i-AIDS? Udidekile? Unokwesaba? Ungakhathazeki uCriselda Kananda wodumo lomsakazo neTV uphendula imibuzo yakho
Abesilisa abayitholi iHIV
Dear Criselda: Ngezwa umngani womyeni wami eqhosha ethi akasoze aba ne-AIDS ngoba abesilisa abayitholi kalula njengabesimame.
Ngabe lokho yiqiniso?
Elizabeth, Durban
UCriselda uphendula uthi:
Okubuhlungu wukuthi sazi ngeHIV/AIDS cishe eminyakeni engu-30 eyedlule - kanti baningi esesibangcwabile - kodwa kusekhona abantu abathi: "Ngeke ize ingilokothe mina!"
Labo abasho lokho, abavakashele emathuneni bazibonele ukuthi ayisekho indawo.
Ngaphandle kwalokho, mkhulu umehluko phakathi kweHIV ne-AIDS.
I-HIV yisifo esithathelana ngokocansi lapho omunye esamukela komunye ngoketshezi oluphuma emzimbeni.
(Zikhona ezinye izindlela zokuthelelana, njengokusuka kumama iya kumntwana ongakazalwa noma ngokungenwa yigazi eselinayo - kodwa ucansi yilo oluphambili ekubhebhethekiseni leli gciwane.)
Uma kuziwa ngasekuthelelaneni ngeHIV, nezifo zocansi, abesimame yibo abasengcupheni kunabesilisa ngoba isikhumba esithambile esithweni sangasese sowesimame, singadabuka (ikakhulu uma kome kakhulu ngesikhathi socansi) kuvuleke indawo lapho uketshezi olunaleli gciwane olungangena khona.
Nowesilisa unayo imbotshana 'esekhanda' lesitho sakhe sangasese.
I-AIDS yenzeka uma amasosha omzimba - asivikela ezifweni - esefadalala, engasakwazi ukuvikela imizimba yethu.
Ngizomtshela kanjani?
Dear Criselda: Ngahlolwa kwatholakala ukuthi ngi-HIV-positive eminyakeni emithathu eyedlule. Angelulekwanga ngochwepheshe ngoba ngicabanga ukuthi lokho ngukuchitha isikhathi.
Owesilisa engihlala naye kwatholakala ukuthi uHIV-positive ngoDecember nyakenye.
Ngizizwa nginecala ngoba angizange ngimtshele ngesimo sami futhi okubuhlungu ngiyamthanda, yingakho ngihlale naye.
Uthembekile kimina, uhlale egcizelela ukuthi siye ocansini ngendlela ephephile.
Manje usefuna ukungishada ekubeni nginengane angayazi nokuyinto ezoveza imfihlo yami.
Klara, Joburg
UCriselda uphendula uthi:
Njengabanye besimame, kuyenzeka ufihle isimo sakho seHIV kuphathini wakho. Lokho AKUKUHLE neze. Kodwa ngoba usubonile, akukho okonakele.
Tshela isoka lakho ukuthi ulithanda kangakanani nokuthi ungathanda ukuthola umntwana nalo, kodwa unokwesaba. Litshele ukuthi kufanele nobabili niyothola izeluleko zochwepheshe.
Ukwelulekwa ngochwepheshe akusikho ukuchitha isikhathi. Ungadidanisi ukwelulekwa ngochwepheshe nokwelulekwa ngabantu abacabanga ukuthi bayazi ngalokhu ngoba bahlolwa kwatholakala ukuthi ba-HIV-positive.
umeluleki omuhle:
uzoba wusizo kuthi enikuxoxile akwenze imfihlo;
uzozama indawo efihlakele enizoxoxa kuyona;
uzokulalela akuvumele ukuba ukhiphe uvo lwakho;
uzokweluleka kongakwenza hhayi ukuba akuthathele izinqumo;
uzokunika ulwazi oludingayo ukuze uthathe izinqumo ezifanele.
Uma usubhekene nakho konke ukwesaba obunakho, kungakuhle wena nophathini wakho niphinde nihlolelwe iHIV.
Nginifisela ikusasa elinentokozo - qinisekani ukuthi niphilile nokuthi ningayimela ingane ngaphambi kokuba nithathe leso sinqumo.
Kungani kufanele ngikhathazeke ngokuhlolwa?
Dear Criselda: Kungani kufanele ngihlolwe uma lingekho ikhambi? Uma ngi-positive, ngiyazi ngizofa - pho ngizihluphelani ngokuhlolwa?
BK, Nelspruit
UCriselda uphendula uthi: Iningi labantu lisacabanga kanjalo. Ngiyakubonga wena ngokuba uphumele obala.
Eminyakeni eminingi eyedlule, ngangingavuma uma ucabanga kanjena - kodwa hhayi manje.
Ngineqiniso uyakwazi lokho. Ngisho ngabe uHIV-positive noma cha, sonke siyokufa.
Awazi ukuthi uyofa nini, kodwa okwaziyo wukuthi uyaphila manje.
Ukwazi isimo sempilo yakho kuzokusiza ukwenza konke okusemandleni akho ukumelana nemiphumela yaso.
Manje sesazi kabanzi nge-HIV njengesimo sesifo esilawulekayo.[z]
HIV Q&A
Ngabe unombuzo?
Bhalela uCriselda kuleli kheli: HIV Q&A, Box 473014, Parklands,
2121.
Ukungadalulwa kwakho siyakuqinisekisa
