zulu.3014.sangoma
KWEZEMIDLALO, kwipolitiki nakwezamabhizinisi kuhlale kukhulunywa eyokufakwa kwabantu abasebasha. Namadlozi kubukeka eqhuba kanjalo.
Asebamba abantu abasha ukuba benze lo msebenzi lapho besebancane bengakoniwa - futhi besesesikoleni.
Omunye walabo abamukele lolu bizo nguLetsie Mohloai (16) oyindodana yowayengushampeni kwi-junior middleweight esibhakeleni uMorris "Yankee" Mohloai.
UYankee uzokhumbuleka elwa nabashayi-sibhakela abafana noMaxwell "Black Hero" Malinga, David "Baby Lux" Khambule noHarold "The Hammer" Volbrecht.
ULetsie wayenza uGrade 8 kwesinye sezikole eziphambili eGoli ngesikhathi eshiya phansi izifundo zakhe ukuze ayobhalisela ukuqeqeshelwa ukwelapha ngamakhambi esintu eSoweto.
Imibono
"Kwakunzima kakhulu kimina ekilasini njengoba ngangibona imibono yemithi - nezilwane zasemanzini kwi-blackboard esikhundleni sokubona okwakubhalwa wuthisha," kusho yena.
Ezikhathini eziningi, ekilasini wayehlaselwa wubuthongo, ngokusho kwakhe. "Emva kwalokho ngangiba nemibono engikhanyisela ngezimfihlo nezinkinga zabanye babantu esasifunda nabo ekilasini."
Akwethusike ukuthi kungani ayesaba ukudalulela izingane ayefunda nazo ukuthi yini ayibonisiwe.
"Isizathu salokho kwakungukuthi eziningi zazo kwakungezimhlophe. Kodwake futhi zazizincane kakhulu ukuqonda nokwazi izinto ezinjalo."
Emva kwesigameko ngasinye, wayecela ukuba aye endlini yangasese. "Ngangifike ngigeze ubuso ngamanzi bese ngilokhu ngihamba ngehla ngenyuka kuze kube ngizizwa ngingcono futhi," kusho kukhumbula yena.
Umsebenzi wakhe wesikole waphazamiseka. "Nakuba ngangizama kanzima kanjani, amamaki ami aqala ehla," kusho yena.
Ukushaya izigubhu
"Wakhombisa ubuchwepheshe ekushayeni izigubhu emicimbini yezangoma eseneminyaka eyisithupha. Ngaphambi kwalokho wayevame ukuya ekhaya lalo melaphi wendabuko nsuku zonke uma ebuya enkulisa," kusho udadewabo omdala uMaletsielo.
"Sasize sicabange ukuthi kukhona okumphazamisile engqondweni. Wayehlale efika namakati ekhaya awathathe endle, kokunye alume izilwane.
"Wayezithanda nezinja kangangoba sasimthola elele endlini yazo."
Ngenxa yokuphatheka kabi komndeni wakwaMohloai, bamthatha bamusa emtholampilo ukuba ayokwelashwa. "Kodwa lokho akuzange kusize. Wayechitha isikhathi esiningi ezihlalele nesangoma kwamakhelwane lapho ayeshaya khona izigubhu, kokunye aze aquleke ngenxa yokucabanga ajule ngaleyo nto ayeyenza," kuqhuba udadewabo.
Yini pho eyayingabamangaza uma bethola ukuthi unobizo lobungoma"
"Akuzange kungethuse lapho sekufanele athathe izikhwama zokwelapha," kusho uMaletsielo.
Izifundo
"Okokuqala wahlaselwa yiqulu lezinyosi lamzungeza ekhanda cishe imizuzu engu-10 kodwa zangamtinyela.
"Ntambama emva kwalokho ngabona amajuba amathathu anezisila ezimhlophe ehleli phezu kophahla ekhaya.
"Lokho kwakuyisibonakaliso esihle esasingitshela ukuthi uLetsie ubusiswe ngamandla amadlozi."
Ekuqaleni, ubaba kaLetsie wayengazimisele ukudedela indodana yakhe. "Ngangifuna ukuba iqhubeke nezifundo zayo," kuchaza uMorris.
"Kodwa inhliziyo yami yashintsha lapho umkami engexwayisa ngokuthi kungenzeka silahlekelwe enye indodana emva kokuquleka kukaLetsi ekhishini ngesikhathi ezenzela ukudla thina sizibukela iTV e-lounge ngobunye ubusuku."
Lo mndeni namanje usalilela ukwedlula emhlabeni kwenye yamadodana awo uLehlohonolo. UMorris uthi wayezimisele ukwenza noma yini ukuze asindise impilo kaLetsie.
"Ngaleyo ndlela ngamyekela ukuba ashiye phansi izifundo zakhe. Emva kwalokho ngenza isiqiniseko sokuthi uthola ukuqeqeshwa okuphambili ebungomeni, ngisho ngabe kwakuzokuba yimalini."
"Ukwelapha ngamakhambi akusiyo into entsha emndenini wethu njengoba u-anti wami wayeyisangoma. Sengiyajabula ngoba uLetsie njengamanje usephilile."
Izimanga
Kwakunezigameko zezimanga ezazihambisana noLetsie ngaphambi kokuba azalwe.
"Ngangicabanga ukuthi ngizophuphunyelwa yisisu njengoba ngangigula kakhulu ngisanda kukhulelwa," kusho umama kaLetsi uDorah.
"Isangoma sangenzela umuthi engawuphuza wangisiza ekwehliseni ukushisa kwamadlozi.
"Izangoma nabaphrofethi esaya kubona, nabo basho ukuthi ngizithwele ngomfana ozokwelapha ngamakhambi esintu."
Igama lakhe lifana nelenkosi yabeSuthu uLetsie owayeyisangoma esikhulu. Wakhothama ngo-1910 umzimba wakhe watshalwa emigedeni yaseLesotho.
Ukuxhumana nezwe laseLesotho kuqinile njengoba umbono wakukhombisa lokho kulesi sangoma esisanda kuphothula.
Wayezohamba aye eLesotho ayolanda umkhonto oyisipesheli neshoba, nokuyizinto ezazizovikela umndeni wakwaMohloai.
ULetsie useyifezile leyo nhloso - useyakwazi ukufunda amathambo nokwelapha. Akuyena kuphela isangoma esincane esikhona lapho.
Empandeni eyodwa sathola abanye abelapha ngamakhambi abasebancane abane - kusukela eminyakeni engu-17 kuya kwengu-20.
Amadlozi ahlakaniphe futhi akholelwa ekubalulekeni kwemfundo njengoba amvumela uLetsie aqale athole imfundo. [z]
BONA ZULU - April 2008
indaba nguFORCE KHASHANE izithombe nguSIPHO MCHUNU
ULetsie ebulisa okunguye owamthwasisa uNhlanhla Obed Ndlovu.
ULetsie enxusa ezinye izangoma nabantu ukuba bacule.
Awumncane ngendlela yokuthi ngeke ulwamukele
ubizo lobungoma
Ngisho nabantu abangasekho bayawubona umdlandla nomfutho nokwanda kwabantu abasha abangenwa wubizo lokuba ngabelaphi bendabuko
BONA ZULU - April 2008
ABANTUBAKITHI
BONA ZULU - April 2008
Umndeni wakwaMohloai - uMorris, Maletsielo, Mapuleng, Dorah noLetsie.
