zulu.3013.teenoct
BONA - August 2005
Intsha yelulekwa nguFat Charlie!
Sixoxa ngodlame...
NGESIKHATHI sisakhula, kwakuthi lapho singakutholi esasikufuna ngaleso sikhathi sikhale sizisakaze phansi ngenxa yokucasuka. Ngeshwa iningi lethu alizange liwuyeke lo mkhuba. Okufanele sikuqonde wukuthi udlame yinto engenamphumela omuhle ngoba luphetha ngokufa.
Manje empilweni ngeke uthi cha. Asikho nesincane isikhathi esifanele sokuthi umuntu aphendukele odlameni mhlawumbe ngoba ethi kade ezivikela.
Ngesikhathi uhulumeni wobandlululo kaVerwoerd ulwisa abantu ababezimashela ngokuthula ubadubula, izinhlangano ezifana ne-ANC nezinye kwadingeka ukuba nazo zithathe isinqumo "somzabalazo wezikhali".
Engikushoyo bafowethu nodadewethu wukuthi, isinqumo sokuthatha indlela yodlame - yinto yokugcina.
Ngeshwa kubukeka sengathi kubantu abaningi udlame yisona sisombululo ekutholeni lokho abasuke bekufuna. Kodwa futhi kubukeka sengathi ababoni ukuthi udlame yinkinga enkulu okungelula ukuba ilawuleke.
Abantu basuke beqinisile uma bethi ayikho into engaxazululwa ngodlame. Ngani" Ngoba udlame nalo luba yingxenye yenkinga - luphinde ludale ezinye izinkinga eziningi...
AKE ucabange ngalokhu... abasebenzi abathile bayateleka ngenxa yamaholo amancane emva kokungafinyeleli esivumelwaneni nabaqashi.
Lokhu yinto ejwayelekile, akunjalo" Kunjalo... Ake sithi laba basebenzi banezikhalazo ezizwakalayo. Iningi labo liyondla emakhaya kodwa phezu kokusebenza amahora amade, imali abayitholayo ayikwazi ukubenza bondle imindeni yabo.
Kafishane, kuyilungelo labo ukucela amaholo angcono, ekubeni nemithetho yezwe iyabavumela ukuzwakalisa izikhalazo zabo ngamamashi nokunye.
Okungekuhle wumphumela wokucekelwa kwempahla phansi.kusetshenziswa isiteleka...
Kwenye yamamashi, kwaqubuka udlame kwaluthwa nezitolo - nokuyinto eyenziwa abantu abangesiyo ingxenye yalezo zikhalazo zabasebenzi.
Kusuke sekwenzenjani" Inkinga iyashintsha.
Manje usuyabona ukuthi inkinga akuseyona eyamaholo amancane, kodwa sekuwudlame nokucekelwa phansi kwempahla.
Ubani olahlekelwayo" Abasebenzi - ngoba yibo abazobukwa kabi! (Okubuhlungu wukuthi iningi lalabo basebenzi alizange libe nesandla odlameni). Nasi esinye isibonelo. Ake sithi ungikweleta R500. Ngifike endlini yakho kodwa awunayo imali, siphikisane kuze kuphethe ngokuthi ngilimaze izimpahla zakho.
Usungisa enkantolo. Ukuthi uyangikweleta ngeke kwasithethelela isenzo sami esengisenzile empahleni yakho. Impahla yakho esengiyilimazile ibiza R2 000. Uma singasusa imali ongikweleta yona, kusasho ukuthi yimi engikukweleta R1 500!
Udlame selwenze izinkinga zadlulela, nami ngazithola sengisezinkingeni - ekubeni yimi engangoniwe ekuqaleni.
NGOKWEQINISO, udlame aludingi ukuba luze lufike emandleni ngoba lokho kungaba yingozi. Awukho uhulumeni onelungelo lokutshela abantu ukuthi yini okufanele bayifunde noma bangayifundi noma bayibuke noma bakholelwe kuyo.
"Ayivalwe!" kusho abantu ngesikhathi kwethulwa ifilimu iDa Vinci Code. "Iyedukisa!"
Ngabe laba bantu babehluleka wukumelana nokuphikisana neminye imibono" Akekho owabaphoqelela ukuba bayibuke leyo filimu, pho kwenzeka kanjani ukuba bakwazi ukuphoqelela abanye bangayibuki!
Uma umzali engafuni ukuba ingane yakhe ilalele iculo elithile, kusemandleni akhe ukuba abonisane nayo hhayi ukulindela uhulumeni ukuba kuze kube nguye ongenelela lolu daba bese wenqabela wonke umuntu ukuba alalele leyo ngoma.
Bafowethu nodadewethu uma kuze kufike ekutheni nithathe isinqumo sodlame - mhlawumbe ngokubambana ngezihluthu, ukumemeza noma ukwethukana - ngenhloso yokuba niqede impikiswano, kufanele nazi ukuthi yinina enizolahlekelwa.
Ulahlekelwa ngazo zonke izindlela kangangoba nabantu ngeke basakuzwa ozokukhuluma ngoba sebezobheka izenzo zakho.
Ulahlekelwa kakhulu uma kwenzeka kukhona ophikisana naye - mhlawumbe ngezombusazwe noma ngezenkolo - uma lokho kukucasula kuchaza ngokusobala ukuthi yizinkolelo zakho ezinamaphutha.
LOWAYA muntu unguMkhrestu, lo uyiSulumane, iJewish, iBuddist. Lena iyona nkolo abayilandelayo. Ngisho ngabe kuthiwani.
Labo abakholelwa odlameni ukuze baphoqelele izinkolelo zabo kwabanye bathi "kuyobonakala ngomphumela," kodwa lokho akusilo iqiniso. Okubi okwenzayo nakuwe kungaba yingozi.
Okwenzayo yikho okulawula isiphetho
Ukuthi uphumelela kanjani ekutholeni lokho osuke ukufuna yikho okuzoshintsha leyo nhloso. Ayikho into enhle ekukhipheni omunye umuntu ngefasitela esitimeleni sihamba ngoba egqoke ijakhethi engafani neyakho noma engakhulumi ulimi olufana nolwakho.
Lokhu masilwisane nakho bafowethu nodadewethu.
Masiziqhenye senze into enhle efanele ngempela ukuba siyenze nokuyinto okufanele siyikhuthaze emhlabeni: Phila uphilise nabanye.[z]
Akusiyo impendulo!
BONA ZULU - October 2006
Ngesinye isikhathi siye siphoqeke ukuba sibambane ngezikhwepha, kodwa ukulwa nodlame kuholela endaweni yokuba kungaphumeleli muntu.
u
t
Intsha yelulekwa nguFat Charlie!
BONA ZULU - October 2006
CABANGA!
Ukucabanga ngokuyikho, ngesinye sezikhali esibalulekile esingahloma ngazo. Njengoba ukucabanga kuyinto ongayifundiswa esikoleni, kunzima ukukufunda.
Okuyiyona ndlela enhle yokuzifundisa lokhu, wukusebenzisa umqondo wakho ngokuba ucabange okuhle.
Kungakhoke njalo uFat Charlie ehlale enicela ukuba nicabange ngezinto esihlale sibhekana nazo nsuku zonke - ngisho ngabe iminyaka yethu ingakanani.
Ngineqiniso ukuthi impilo uzoyibuka ngeso elibanzi, obungayibuki ngalo. Kodwa uma uphikisana noFat Charlie, nalokho kuhle futhi. Into ebalulekile akusikho ukukholwa yiyo yonke into oyizwayo - nengxenye yalokhu okubonayo - kodwa wukucabanga!
